Ukulihlola Ngokuphepha Izwe Elingaphansi Kwamaza
Ngumlobeli we-Phaphama! e-Australia
KUNEZWE elihlaba umxhwele okunabantu abambalwa kakhulu abake balibona ngokoqobo. Lingaphansi nje kobuso bolwandle. Yizwe elingaphansi kwamaza, elilungele ukuba ulihlole. Ungase ubuze, ‘Kuphephe kangakanani ukuthatha uhambo olunjalo? Ingabe kudingeka ngibe inhlambi eyingcweti ngaphambi kokuba ngivakashele lelizwe elingaphansi kwamanzi elihlaba umxhwele? Ingabe ngikhishelwa ngaphandle uma ngingakwazi nhlobo ukubhukuda?’
Izindlela Ezimbili Zokulihlola
Kunezindlela ezimbili eziyisisekelo ezithandwayo zokuhlola izwe elingaphansi kwamanzi—ukubhukuda nge-snorkel nange-scuba.a
I-snorkel umshini onepayipi eligobile elingena emlonyeni wenhlambi futhi livele ngaphezu kwamanzi lapho ibhukuda ibheke phansi icwilise ubuso. Sivumela inhlambi ukuba iphefumule ngaphandle kokukhipha ikhanda layo emanzini ukuze ithole umoya. Ifaka isivikelabuso sokuvikela amehlo ayo.
Ngakolunye uhlangothi, elithi scuba libhekisela emshinini onebhodlela noma amabhodlela anomoya onomfutho ananyathiselwe epayipini lokuphefumula. Ngakho ngokusobala ukubhukuda nge-scuba kungokwalabo abafuna ukungena bajule emanzini, kuyinkimbinkimbi ngokwengeziwe, futhi kungamba eqolo ngempela.
Indlela yokuzilibazisa elula neshibhile yokubhukuda nge-snorkel iyokuvumela ukuba ubone izinto ezinhle kakhulu ezingaphansi kwamanzi ngisho noma ungacwilile. Nansi indlela inhlambi ethanda ukubhukuda nge-snorkel echaza ngayo okuhlangenwe nakho kwayo kokuqala: “Ngisakhumbula ngokucacile okokuqala ngqá ngibhukuda nge-snorkel nginqamula eqoqweni elikhulu lezinkulungwane zezinhlanzi ezincane, lapho ngisengumfanyana oneminyaka engu-14 kuphela. Lezizinhlanzi zabonakala sengathi zingakhela umhubhe ophilayo njengoba ngidlula phakathi kwazo. Imizimba yazo enombala wesiliva yayikhanyiswa ilanga, kubangela ukubukeka okuyisimangaliso. Ngahlabeka umxhwele. Ngaqala kanjalo-ke ukuthanda ukubhukuda nge-snorkel kukho konke ukuphila kwami.”
Kodwa Ingabe Kuphephile Ngempela?
Othile othanda ukubhukuda osekuyiminyaka engaphezu kwengu-20 ejabulela ukubhukuda ngokuphepha nge-snorkel uveza ukuthi ukuya ebhishi ngemoto kuyingozi kakhulu kunokubhukuda ngalendlela! Lapho usemanzini, ukuphepha kuxhomeke kakhulu kumuntu kunakulokho akwenzayo. Uma ungeyona inhlambi enekhono, akufanele udlule emanzini azolile, angajulile, futhi akufanele nakancane ungene endaweni enamanzi akwembozayo. Eqinisweni, kuningi ongakubona emanzini ajule ngemitha nje kuphela. Njengoba uzuza ikhono nokuzethemba, uyokwazi ukungena ngokuphepha emanzini ajulile, kodwa ngisho nalapho kufanele ngaso sonke isikhathi uhambisane nomuntu onekhono. Izinhlambi eziningi ezinokuhlangenwe nakho zizimisela ukuba zingaqheleli kude nogu noma zingene emanzini ajulile zizodwa. Futhi ngaphandle kwendaba yokuphepha, kukwenza ukhululeke futhi kujabulisa ngokwengeziwe ukubhukuda nothile nge-snorkel.
Kuyiqiniso ukuthi kungase kuthathe isikhathi ukujwayela ukuphefumula nge-snorkel ubuso bakho bucwile emanzini, kodwa uma ubekezela, uyothola ukuthi akunzima neze. Abanye abaqalayo baprakthiza echibini lokubhukuda noma emanzini angajulile ngasolwandle lapho kungenamaza khona. Abanye baze baprakthize nakubhavu.
Izinto Oyozidinga
Izinto ozidingayo ukuze ubhukude nge-snorkel zilula futhi azibizi: isivikelabuso, izicathulo zokubhukuda ezimbili, ne-snorkel ngokwaso. Yiqiniso, uma uhlela ukubhukuda nge-snorkel ebusika noma emanzini abanda ngokweqile ukuba ubhukude kuwo ngokuvamile, cishe uyodinga i-wet suit, futhi lokhu kuyokwandisa izindleko ngokuphawulekayo. Ake sicabangele izinto nje ezintathu eziyisisekelo ezidingekayo ukuze uqale.
Isivikelabuso kufanele sihlale kahle, singangeni amanzi, futhi singakumpintshi. Kumelwe futhi sibe ne-equalizer, okuwukuthi, uxhaxha lwemisele olukuvumela ukuba umpintshe ikhala lakho. Isizathu salokhu sizochazwa kamuva. Lesisivikelabuso kufanele sibonise kahle, futhi kufanele singabi nomoya omningi, okusho ukuthi ingilazi kufanele isondele ebusweni bakho, okunciphisa ubuningi bomoya ongaphakathi. Izivikelabuso ezinhle kakhulu zenziwa nge-silicone. Kulezizinsuku ungazithola izivikelabuso ezilungiswe izingilazi ezisetshenziswa abantu ababona eduze.
Okulandelayo izicathulo zokubhukuda, esisodwa onyaweni ngalunye. Ngokuvamile zenziwa ngenjoloba futhi ziyizinto eziyisicaba ezigqokwa ezinyaweni ukuze zikunike ijubane lapho ubhukuda. Kunezinhlobo ezimbili ongakhetha kuzo: uhlobo olwemboza lonke unyawo nomklamo oveza isithende. Uma udinga izicathulo ngenxa yokuhamba emadwaleni anezimbambelela noma emanzini angajulile anama-coral ngaphambi kokuba ufike emanzini athé ukujula, khona-ke uzodinga uhlobo oluveza isithende. Lokhu kukwenza ukwazi ukumane ufake izicathulo zakho zokubhukuda phezu kwezicathulo futhi uqale ukubhukuda nge-snorkel. Isicathulo sokubhukuda esemboza unyawo lonke singena khaxa onyaweni lwakho futhi singasetshenziswa uma zingekho ezinye izicathulo ezidingekayo ngaphandle kwaso.
Ekugcineni, i-snorkel ngokwaso. I-snorkel esivamile esimise okohlamvu u-J sihle kakhulu, ikakhulukazi koqalayo, njengoba into ebaluleke kakhulu ukuphefumula kalula. Enye incwadi ekhuluma ngokubhukuda ibonisa ukuthi uhlobo olwamukeleka kakhulu kufanele lube nembobo engamasentimitha okungenani amabili futhi lube amasentimitha angu-30 kuya kwangu-35 ubude.
Amacebiso Awusizo Okusebenzisa I-snorkel
Njengoba sekuchaziwe kakade, i-snorkel sikwenza ukuba uphefumule kuyilapho ubhukuda emanzini ngaphandle kokukhipha ikhanda lakho. Kuthiwani ngokubhukuda ngaphansi kwamanzi? Nalokhu kungenzeka, kodwa kuyoqale kudingeke ukuba udonse umoya omningi. Yiqiniso, amanzi azongena ku-snorkel lapho sicwila. Kungenzeka uye wabona ukuthi lapho inhlambi ikhuphukela phezulu, ngokuvamile kutshaza amanzi ku-snorkel sayo. Lokhu kubizwa ngokuthi indlela yokukhipha amanzi ngokuwafutha. Kulula empeleni ukukufunda kodwa kudinga umoya onomfutho, ngakho kumelwe ukhuphuke nomoya owanele emaphashini akho ukuze ufuthe i-snorkel ngokuphumelelayo.
Abanye bacabanga ukuthi ukushintsha ukuma kungcono, kodwa kudingeka ukuprakthiza okukhulu. Isebenza kanjani lendlela? Njengoba usuzovela ngaphezu kwamanzi ngemva kokucwila, bheka phezulu. Isihloko se-snorkel sakho kufanele sibe sesibheke phansi kancane manje. Njengoba ikhanda lakho limi kanjalo, kuyodingeka umfutho omncane womoya ukukhipha amanzi agcwele i-snorkel sakho. Gcina ikhanda lakho kanjalo kuze kube yilapho ubuso bakho sebuzovela ngaphezulu. Ngalesosikhathi, bhekisa ubuso bakho phansi ukhiphe umoya. I-snorkel esikhishwe amanzi sizohlala sinjalo, futhi uyothola ukuthi uphefumula ngaphandle kobunzima.
Ungashaywa uvalo uma amanzi engena ku-snorkel ngezikhathi ezithile ngenxa yegagasi elidlulayo ngisho noma usengaphezu kwamanzi. Uma lokhu kwenzeka, mane ufuthe umoya ngamandla, futhi wonke amanzi azophuma ku-snorkel.
Jabulela Ukubhukuda Nge-snorkel
Lapho ungakangeni ngaphansi kwamanzi, zama ukufunda ukuphefumula ungaphamazeli—udonse umoya kakhulu, bese uwukhipha ngamandla. Amaphaphu akho ayozuza kulokhu. Khumbula ukuthi imfihlo yokujabulela ukubhukuda nge-snorkel akukhona ukuthi ufinyelelaphi noma ushesha kangakanani, kodwa ukuthi ubona futhi uhlole okungakanani njengoba uqhubeka. Lapho ufisa ukubhukuda ngaphansi kwamanzi, funda ukukhululeka futhi ugcine umoya-mpilo omningi ngangokunokwenzeka, ngoba kanjalo uyokwazi ukuhlala ngaphansi kwamanzi isikhathi eside. Kodwa ungazami ukuqopha umlando wokukhuthazela!
Njengoba uqhubeka ubhukuda, vumela izingalo zakho zikhululeke. Sebenzisa izicathulo zokubhukuda kuphela, uthatha amagxathu amade ungajahi, ugcine amadolo akho ethé ukugoba kancane. Ekuqaleni, kuyodinga ukugxilisa ingqondo ukwenza lokhu ngaphandle kobunzima, kodwa ngemva kwesikhashana, kuyozenzakalela. Kodwa yini okufanele uyenze uma isivikelabuso sakho sigcwala inkungu? Indlela elula yokuvimbela lokhu ukuhlikihla ingilazi ngengcosana yamathe ngaphambi kokuba usifake. Mane ugeze lamathe ngemva kwesikhashana, futhi uyothola ukuthi ingilazi ibonisa kahle isikhathi eside ngempela.
Ngezinye izikhathi ungase uzwe ubuhlungu endlebeni lapho ubhukuda. Lokhu kubizwa ngokuthi i-middle-ear squeeze. Bubangelwa umehluko womfutho osezindlebeni zakho. Ngokuvamile buqala ngemva kokuba sewehle ngemitha elilodwa kuya kwamabili. Ungabushalazeleli lobubuhlungu uqhubeke wehle, unethemba lokuthi buzoba ngcono. Buzoqhubeka bube bukhulu njengoba uqhubeka wehla, futhi indlebe ingaze iqhume. Iphephabhuku lezinhlambi i-Padi Diver Manual litusa ukuba umfutho ulinganiswe njalo ngemva kwebanga elingangemitha ngaphambi kokuba kube nobuhlungu obuthile. Lokhu kwenziwa ngokumpintsha ikhala lakho bese ufutha umoya ngesineke. Yingakho kufanele i-equalizer ibe kulesisivikelabuso, ukuze ukwazi ukumpintsha ikhala lakho lapho usasifakile. Njengoba uzuza okuhlangenwe nakho, lenqubo iba lula kakhulu, cishe iyazenzakalela. Lapho uzwa ubuhlungu, kungcono ukukhuphuka emanzini, ngoba lapho usuphatheke kabi, imizamo yokuqhubeka ulinganisa umfutho ngeke iphumelele.
Njengendlela yokuzilibazisa, ukubhukuda nge-snorkel kuhle, kuyafundisa, futhi kuyajabulisa. Cishe kubantu babo bonke ubudala, kuyindlela enhle kakhulu yokuhlanganisa ukuvivinya umzimba, umoya ohlanzekile, nokukhanya kwelanga. Ukufunda nje ukubona nokuhlukanisa ngisho namagama ambalwa ezidalwa ezingaphansi kolwandle kwenza ukubhukuda nge-snorkel kube inselele kulabo abathambekele ekwenzeni kanjalo. Nakuba kunjalo, kwabaningi, njengoTony, osanda kubuya ekubhukudeni nge-snorkel eFiji, injabulo yangempela “yokuba kwelinye izwe elinemibala ehlaba umxhwele” yenza ukubhukuda ngalendlela kujabulise. Umngane wakhe uLena uyavuma: “Ubuhle obabungizungezile bangihlaba umxhwele kangangokuba ngakhohlwa ukuthi ngikuphi!”
Kuthiwani Ngokubhukuda Nge-scuba?
Kulabo abayizinhlambi ezinekhono futhi abahungwa izimangaliso ezisekujuleni kwamanzi noma mhlawumbe abafuna ukuzama ukuthatha izithombe ngaphansi kwamanzi, ukubhukuda nge-scuba kuyisinyathelo esilandelayo. Uma uzigcina unempilo enhle, uzinakekela izinto zakho, futhi ulandela imithetho eyisisekelo, ungase ungene emanzini ngokuzethemba. Nokho, akufanele neze ubhukude nge-scuba ungazange uqale ngokuthatha izifundo ezifanele, futhi uma kudingekile, uthole imvume kumqeqeshi onedumela elihle. Ngisho nalapho, akufanele udlule izilinganiso zokujula ezivunyelwe imvume onayo. Futhi bhukuda nothile ngaso sonke isikhathi. Kwamanye amazwe, njengase-Australia, umthetho ufuna ukuba uphumelele ekuhlolweni kokwelapha kwezokubhukuda ngaphambi kokuba uqale izifundo ezinjalo.
Izinto ze-scuba zingabiza kakhulu. Ngaphezu kwezinto eziyisisekelo ezisetshenziswa ekubhukudeni nge-snorkel—isivikelabuso, izicathulo zokubhukuda, ne-snorkel—cishe uyodinga i-wet suit, ngaphandle kwasemanzini afudumele, asezindaweni ezishisayo. Uyodinga nomshini wokulawula ukuntanta, ibhande lesisindo, ummese, umshini wokuphefumula (kanye nowomuntu ohambisana naye uma kwenzeka eba nobunzima ngomshini wakhe womoya), nethange le-scuba. Kumelwe futhi ube namathuluzi adingekayo, njengewashi lokubhukuda, isilinganiso sokujula kwamanzi, nesilinganiso somfutho sethange lakho ukuze wazi ukuthi unomoya ongakanani. Ezindaweni zokubhukuda eziningi ezithandwayo, lezizinto zingaqashwa kalula, ngokuvamile okubonakala konga imali kunokuthenga ezakho uma ungabhukudi njalo.
Ukuhlonipha Ulwandle Nezidalwa Ezikulo
“Ngangibhukuda nge-snorkel edwaleni eliseduze naseCaloundra eQueensland Sunshine Coast, ngibuka inhlanzi i-butterfly emibalabala ebangeni elingaba amafidi ayisithupha [amamitha amabili],” kulandisa umthandi wokubhukuda nge-snorkel uPeter. “Ngokungazelele, kwavela umkhonto ocwebezelayo wensimbi futhi wangqukuzeka ngamandla. Lenhlanzi encane yashikashikeka kwanhlanga zimuka nomoya—yabethelwa edwaleni ngezimbobo zayo zokuphefumula. Insizwa eyenza lokhu yavuma ukuthi yayibulele lenhlanzi enhle ngoba nje iprakthiza ukunemba! Yayincane kakhulu ukuba ingadliwa.” Ngeshwa, izenzo ezinjalo ezingenangqondo ziyanda emhlabeni wonke.
Ukungcola nakho kuye kwaba nethonya. Izindawo ezithandwayo zivame ukugcina ziyizindawo zemfucumfucu, zingcoliswe ngezikhwama zepulasitiki namathini eziphuzo angenalutho. Ngisho nemfucumfucu yamakhemikhali ebhubhisayo iba inkinga eyandayo kwamanye amazwe. Njengoba lemfucumfucu yanda, izinhlanzi zithuthela kwenye indawo, futhi ama-coral ayafa.
Kuwumkhuba omuhle ngaso sonke isikhathi ukufaka amagilavu lapho ubhukuda nge-scuba. Ngisho nalapho, kuyasiza ukuqaphela ukuthi uthintani. Ngokwesibonelo, i-sea urchin eyandile inameva anjengosungulo akwazi ukubhoboza izandla ezingavikelekile. Futhi i-butterfly cod ekhazimulayo, nakuba incane, ibonakala ixwayisa, ‘Ungasondeli kakhulu. Indawo yami lena!’ njengoba ngokuziqhenya ibukisa ngemigqa yayo egqamile ebomvu nokumhlophe. Emzimbeni wayo kunameva amade afihlekile anoketshezi oluwushevu. Ngisho nokuwagudla nje kungabangela ubuhlungu.
Ezinye izidalwa kunzima ukuzibona. Ngokwesibonelo, i-sea dragon enjengokhula iyingcweti yokuzifihla. Ifana nsé nohlaza, yenza noma iyiphi inhlambi ibe nobunzima bokuyibona. Ngokuphambene, imibala emihle, egqamile ye-nudibranch, umnenke wasolwandle, imane ikukhange. Kodwa ingabe iwukudla okuconsisa amathe? Abafisa ukuyihlasela bafunda okuhlukile, ngoba ihlome ngamakhemikhali angathandeki.
Ukubona Izinto Eziningi Ezizuzisayo
Kwababhukuda nge-snorkel nange-scuba, ulwandle lugcwele ukuphila ngempela. Amadwala ama-coral awumbukwane wezidalwa ezingenakubalwa nemibala esebangeni elifushane. Enye inhlambi yathi: “Ukuhlabeka umxhwele ngenxa yokuzungezwa izinhlanzi ezimibalabala ezinokwakheka nobukhulu obuhlukahlukene, ezinye zidlela esandleni sakho, kunzima ukukulinganisa. Kungokuhlangenwe nakho okushukumisa ngempela.” Khona-ke yanezela: “Ukuba lapho njengenye yazo, kuyilapho uzintantela, kuyamangalisa ngempela.”
Ngakho-ke, uma kwenzeka uthola ithuba lokubhukuda nge-snorkel noma nge-scuba, khumbula ukuthi kungenziwa ngokuphepha okukhulu uma uthatha izinyathelo zokuphepha ezilula ezituswa izinhlambi ezinokuhlangenwe nakho. Mhlawumbe ngolunye usuku nawe ungase ujabulele lokhu okuhlangenwe nakho okuzuzisayo kokuhlola ubuhle bezwe elingaphansi kwamaza.
[Umbhalo waphansi]
a Elithi “scuba” liyisifushaniso esisuselwa ezinhlamvwini zokuqala zelithi “self-contained underwater breathing apparatus [umshini onomoya wokuphefumula ngaphansi kwamanzi].” Ifulege elisetshenziswa emhlabeni wonke manje elixwayisa ngokuba khona kwababhukuda ngama-scuba i-alpha flag enombala omhlophe noluhlaza okwesibhakabhaka. Amanye amazwe asasebenzisa ifulege elibomvu elinomugqa omhlophe, njengoba kuboniswe ngenhla.
[Isithombe ekhasini 16]
I-butterfly cod
[Isithombe ekhasini 17]
I-flamingo tongue
[Isithombe ekhasini 17]
I-blue tang
[Isithombe ekhasini 17]
I-nudibranch kuyi-coral
[Umthombo Wesithombe ekhasini 15]
By courtesy of Australian International Public Affairs