Lapho Kudingeka Okwengeziwe
NAKUBA ukusikisela okuningi okusezihlokweni ezandulele kungaba usizo olukhulu, ngezinye izikhathi kudingeka usizo olwengeziwe kwezinye izimo. Ngokwesibonelo, ucwaningo olunzulu luhlanganisa nemibiko yezingane ezingahluthuki nje kuphela kodwa futhi eziyingozi kakhulu. Nakuba zinakekelwa imikhaya enothando, lezizingane zibonakalisa ukuziphatha kwazo okubhubhisayo ngokuphula izinto, ukuklabalasa, ukuthungela umlilo, ukudubula ngezibhamu, ukugwaza ngemimese (uma itholakala), nangokulimaza izilwane, abanye abantu, noma zizilimaze zona ngokwazo, uma kwenzeka zicabange ukwenza kanjalo. Eqinisweni, ziyizidlwangudlwangu.
Ukuthi kufanele yini noma cha bathole usizo lwezokwelapha, ukuze banakekele ingane yabo kahle, kuyisinqumo sangasese okufanele abazali bazenzele sona. Umkhaya ngamunye kumelwe unqume ukuthi uyohlangabezana kanjani nezidingo eziyingqayizivele zengane yawo, ucabanga ngesiqinisekiso esiduduzayo esinikezwa abazali kuzAga 22:6.
Enye yezindlela zokwelapha ekhona eseyimpikiswano ukusetshenziswa kwemithi. Isidakamizwa esivame ukutuswa kakhulu, i-Ritalin, sesiye sabangela imiphumela eguquguqukayo. Imikhaya eminingi iye yajabula ngentuthuko yengane lapho isebenzisa i-Ritalin noma ezinye izidakamizwa ezishintsha ukuziphatha. Nokho, kusaqhubeka impikiswano, hhayi nje kuphela ngokuqondene nokusiza kwalezizidakamizwa kodwa ngokusikiselwa kwazo ngokweqile. Eqinisweni, abanye odokotela bayingabaza ngokuphelele inzuzo yazo, ngokwesibonelo, bathi uma i-Ritalin isetshenziswa isikhathi eside kakhulu ingaba nemiphumela eminingi eyingozi. Nokho, kumelwe kuphindwe kugcizelelwe ukuthi imikhaya nodokotela abaningi baveza imiphumela embalwa eyingozi ehambisana nokuziphatha okungcono nentuthuko ezifundweni. Ngokuthakazelisayo, abantu abaningi abadala abaye baxilongwa batholakala bene-ADD futhi abasebenzisa imithi okwamanje bayayijabulela imiphumela. Ngakho-ke, isinqumo sokusebenzisa imithi isinqumo sangasese esisekelwe ekucwaningeni nasekuhlaziyeni ngokucophelela.
Kulabo abaye bazama imithi kodwa yahluleka, kunezinye izindlela zokwelashwa. Imikhaya eminingi iye yafunda futhi yagcina imiphumela emihle yokwelashwa ngamavithamini namakhambi noma ngokuxutshwa kwalezizinto zombili. Njengoba kuphawulwe ekuqaleni, kwezinye izimo i-ADD/ADHD ingase ibangelwe ukungasebenzi kahle kwamakhemikhali ebuchosheni okukholelwa ukuthi lezizindlela zokwelapha ziyasiza ekukulungiseni.
Ngaphezu kwalokho, kunezinye izici abanye abakholelwa ukuthi zibangela izinkinga eziningi ezihlobene ne-ADD/ADHD. UDkt. Doris Rapp, encwadini yakhe ethi Is This Your Child?, uthi “ezinye izingane zinokugula okungokomzimba kanye/noma nezinkinga ezingokomzwelo, zokuziphatha, nezokufunda ezihlobene ngokwengxenye noma kakhulu nokungezwani komzimba nezinto ezithile noma ukuchayeka ezintweni ezisendaweni ezungezile.” Futhi, indlela udayi, izinhlobo zoshukela, nezithako zokudla ezithinta ngayo umuntu eqinisweni ingase ifane nalezizinkinga ngokubangela ukuhluthuka ngobudlova, ukuguquguquka kwemizwa, nokuqwasha.
Imikhaya eminingi iye yafunda ukushintsha ukuziphatha kwezingane zayo, kodwa izifundo zazo zingadala ezinye izinkinga. Kwezinye, izinkonzo ezikhethekile njengabafundisi, izingosi zokweluleka, amaqembu okusekelana, nothisha abakhethekile bangase basize. Ngenxa yokuthi lezizingane zivame ukwenza kangcono lapho zisingathwa ngokuqondile njengabantu ngabanye, eminye imikhaya, ngokusikisela kukadokotela, iye yabika ukuthi ukufundela ekhaya kuyaphumelela ngandlela-thile.
Okungamelwe kushaywe indiva imikhankaso eminingi emisha yezemfundo, njenge-Schools Attuned kaDkt. Mel Levine, egcizelela ukungafani nokuhluka kwengane ngayinye. Uhlelo lukaDkt. Levine lusekela imfundo ekhethekile yokuhlangabezana nezidingo zazo zonke izingane. Nomaphi lapho lenqubo yokufunda ebanzi iye yamiswa khona e-United States, kubonakala sengathi imiphumela iye yaba mihle.
Isikhathi Esizayo
Ukukhulisa izingane kungase kufaniswe nokuthenga indlu entsha. Kokubili kudinga ukunakekelwa; nokho, ngenxa yezimo, abafuna ukuthenga bangase baphoqeleke ukuba baneliswe yilokho abanakho. Ngokufanayo, abazali abangaphelele abakhulisa izingane ezingaphelele ezweni likaSathane baphoqelekile ukuba baneliswe yilokho abanakho. Indlu esanda kuthengwa ingase ibe nezici ezingavamile noma ezingathandeki, kodwa ngokuyikhuthalela nangokushintsha isimo sengqondo, izici eziningi ezingathandeki zingasuswa cishe ngokuphelele. Ngisho nesici esingabukeki sesakhiwo singase ngokushesha sibe isici esikhangayo kulendlu.
Ngokufanayo, uma abazali bezivumelanisa nezidingo zengane yabo engavamile, ingaba ingxenye enhle yokuphila kwabo. Ingane ngayinye kumelwe yaziswe ngenxa yezimfanelo zayo. Ngakho-ke, gxilani kokuhle. Kunokuba nicindezele izingane, khuthazani ikhono lengane ngayinye lokusungula izinto, futhi niqaphele ukuthi ingumuntu ohloniphekile ofanelwe inhlonipho nothando—isipho esiyigugu esivela kuJehova uNkulunkulu.—IHubo 127:3-5.