Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 4/8 k. 9-k. 11 isig. 5
  • Abantu Abahlala Kwamanye Amaplanethi—Ukuthola Impendulo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Abantu Abahlala Kwamanye Amaplanethi—Ukuthola Impendulo
  • I-Phaphama!—1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IBhayibheli Liyaphendula
  • Kuthiwani Ngokuphila Kwamanye Amaplanethi?
  • Asisodwa
  • Abantu Abahlala Kwamanye Amaplanethi—Iphupho Elidala Kakhulu
    I-Phaphama!—1990
  • Ama-UFO—Ingabe Ayizithunywa Ezivela KuNkulunkulu?
    I-Phaphama!—1996
  • Abantu Abahlala Kwamanye Amaplanethi—Bakuphi?
    I-Phaphama!—1990
  • UMdali Angenza Ukuphila Kwakho Kube Nenjongo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 4/8 k. 9-k. 11 isig. 5

Abantu Abahlala Kwamanye Amaplanethi—Ukuthola Impendulo

NGOFEBRUARY 17, 1600, indoda okuthiwa uGiordano Bruno yashiswa iphila emagcekeni omphakathi aseRoma, eItaly. Kungani? Imibhalo yakhe yayicunule isonto. Phakathi kokunye, wafundisa ukuthi kwakunemihlaba eminingi ehlala abantu embulungeni. Emuva ekhulwini le-11 leminyaka, isonto lalimemezele ukuthi leyomfundiso, yobuningi bemihlaba, yayiwukuhlubuka. Ukuyifundisa kwakusho ukufa. UBruno wafa.

Kuze kube yikhulu le-19 leminyaka, impikiswano maqondana nokuthi ukuphila kukhona yini kweminye imihlaba yaqhutshwa enkundleni yenkolo. Emakhulwini eminyaka, abaholi benkolo nezazi zesayansi ngaphansi kwethonya labo baphikelela ngokuthi umhlaba wawuyinkaba yembulunga; ukuthi imbulunga yadalwa ngo-4004 B.C.E.; nokunye.

Khona-ke, akumangalisi ukuthi izazi zesayensi eziningi nabanye abanayo inhlonipho ngenkolo. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi abaningi baye balahlekelwa inhlonipho yabo ngeBhayibheli ngokufanayo, becabanga ukuthi laliwumthombo wakho konke lokho kungaqondi kahle. Akukho okwedlula iqiniso.

IBhayibheli alizisholo ukuthi liyincwadi yesayensi. Nokho, aligeji lapho lithinta isihloko esiphathelene nembulunga noma kunoma iyiphi enye indaba engokwesayensi. Ngokwesibonelo, iBhayibheli alisho neze ukuthi umhlaba nomuntu bayinkaba yembulunga. Ngokuphambene, abalobi balo abaphefumlelwe babonisa umqondo ocacile ngendlela umuntu ayize ngayo uma eqhathaniswa nembulunga enkulu kakhulu.—IHubo 8:3, 4.a

Khona-ke, ngokuvumelana neBhayibheli, ingabe ukhona olapho ngaphandle?

IBhayibheli Liyaphendula

Ngokuvumelana neBhayibheli, akukhona nje kuphela ukuthi ukuphila okungaphandle kwalomhlaba wethu kukhona kodwa kukhona ngobuningi. Kuyinkimbinkimbi ngokwengeziwe, kuthakazelisa ngokwengeziwe, futhi kukholeka ngokwengeziwe kunanoma yini enye izazi zokuziphendukela kwemvelo, abalobi bezinganekwane zesayensi, kanye nabenzi bamabhayisikobho abaye bakuphupha. Kakade, umuntu ophila ngaphandle kwalembulunga umane nje ungumuntu onesiqalo esingaphandle kwalomhlaba nendawo yawo ezungezile.

Izazi zesayensi ziyamangala uma kungukuthi kungase kube khona ezinye izinhlobo zokuphila ezingalé kwamandla ethu okubona. IBhayibheli liyasiqinisekisa ukuthi abantu abanjalo bakhona ngempela. Kodwa abayona imikhiqizo yokuziphendukela kwemvelo. Njengakho konke ukuphila embulungeni, kungakhathaliseki uhlobo okuyilo, bavela eMthonjeni wokuphila, uJehova uNkulunkulu. UnguMuntu womoya, futhi uye wadala amashumi ezinkulungwane abanye abantu bomoya bezinhlobo ezihlukene: izingelosi, amakherubi, namaserafi. Benza imisebenzi ehlukene enhlanganweni yakhe engokwasezulwini eyinkimbinkimbi.—IHubo 104:4; Heberu 12:22; IsAmbulo 19:14.

Kuthiwani Ngokuphila Kwamanye Amaplanethi?

Abanye abantu benkolo abanethonya baye baphikelela ngokuthi uNkulunkulu wayengenakudala noma yimuphi umhlaba ngaphandle kwenjongo nokuthi yonke imihlaba engahlaleka kumelwe ukuba ibe nabantu abahlala kuyo. Ingabe yilokho iBhayibheli elikushoyo? Cha. IBhayibheli libonisa ukuthi kuyangabazeka kakhulu ukuthi okwamanje uNkulunkulu uye wadala izidalwa zenyama ezihlakaniphile kunoma iyiphi enye iplanethi ngaphandle kwaleplanethi yethu. Ngayiphi indlela?

Uma uNkulunkulu adala abantu abanjalo, wakwenza lokho ngaphambi kokuba adale uAdamu noEva. Abantu abanjalo bahlala bethembekile kuMdali wabo, noma njengoAdamu noEva, bona futhi bawela ekubeni abangaphelele.

Kodwa uma baba abangaphelele, babedinga umhlengi. Njengoba omunye umbhali wezindaba akubeka: “Umuntu unalomqondo odabukisayo wokuthi ngoLwesihlanu [usuku uJesu Kristu abulawa ngalo], ngabo bonke oLwezihlanu, ndawana-thize embulungeni uJesu uyalengiswa ngenxa yezono zomunye umuntu.” Kodwa lokhu akukhona okungokomBhalo. IBhayibheli lisitshela ukuthi uJesu ‘wafa kanye nje ngenxa yesono.’—Roma 6:10.

Kuthiwani uma labantu babelokhu bephelele? Phela, lapho uAdamu noEva bona, eqinisweni babengabaza ilungelo likaNkulunkulu lokubusa emhlabeni wabantu benyama abahlakaniphile. Uma kwakukhona enye iplanethi ngalesosikhathi, umhlaba ogcwele izidalwa zenyama ezihlakaniphile ezaziphila ngokuvumelana nangokuthembeka ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu, ingabe zazingenakubizwa njengofakazi bokuqinisekisa ukuthi ukubusa kukaNkulunkulu kuyasebenza ngempela? Lesiphetho sibonakala singenakubalekelwa, njengoba kakade eseye wasebenzisa ngisho nabantu abangaphelele njengofakazi bakhe kuleyompikiswano efanayo.—Isaya 43:10.

Khona-ke, ingabe lokho kusho ukuthi uNkulunkulu wadala zonke lezozigidi zamalanga (namaplanethi uma ekhona) ngokungenanjongo? Lutho neze. Nakuba sazi, uma sicabangela indima ekhethekile kaJesu Kristu, ukuthi umhlaba uwukuphela kweplanethi okuhlalwa kuyo embulungeni njengamanje, futhi nakuba sazi ukuthi uyohlala phakade uwukuphela kweplanethi lapho uMdali alwela khona ilungelo lakhe lokubusa, okuphethwe isikhathi esizayo asikwazi.

Asisodwa

Usuku nosuku, unyaka nonyaka, izazi zezinkanyezi zeSETI ziyaqhubeka nokuhlola isibhakabhaka ukuze zithole izimpawu ezivela kubantu abahlakaniphile. Zinomuzwa wokuthi ukucwaninga kwazo kungase kuthathe elinye ishumi leminyaka, noma kungase kuthathe ikhulu leminyaka. Yeka indlela okuhlekisa ngayo! Bachitha ukuphila kwabo, amathemba abo, kanye nezizumbulu zemali befunana nophawu isintu esalwamukela emakhulwini eminyaka adlule. IBhayibheli ngokwalo liyisigijimi esivela ekuHlakanipheni okungalé komhlaba wethu, futhi liphakeme ngazo zonke izindlela kunezimpawu lezo ngisho izazi zesayensi ezilindele okuhle kakhulu ezizicabangayo.—Bheka ibhokisi elisekhasini 10.

Isintu siye sasabela kanjani esigijimini okuwukuphela kwaso esingeseqiniso esivela ngalé komhlaba wethu? Ngokuvamile, abantu basabela kanjani eBhayibhelini? Abalinaki. Ngamabomu balisebenzisa ngokungeyikho ezinhlosweni zabo. Beyisa uMsunguli walo ngemihlobiso esabekayo yezimfundiso ezingenasisekelo nezinkolelo-ze. Baze balibize ngisho nangokuthi liyinkohliso futhi baphike ngisho nokuba khona koMsunguli walo. Akudingeki nokuthi sisho ukuthi uMdali wethu akazange neze ajatshuliswe indlela isintu esisabela ngayo. Nakuba kunjalo, uye waqhubeka ekhulumisana naso. NgeZwi lakhe, ufundisa izigidi zabantu namuhla ngezindlela zokuthula. Labantu bamelela uJehova futhi bathwele amazwi akhe okukhulumisana nezwe. Kodwa ingxenye encane kakhulu yesintu ebalalelayo. Izwe lilonke lizishaya elingabezwa.—Isaya 2:2-4; Mathewu 24:14.

Nokho, kuyajabulisa ukuthi ngamunye wethu angaxhumana noMuntu ophakeme kakhulu embulungeni, futhi akwenze lokhu ngaphandle kobuchwepheshe obumba eqolo, ngaphandle kokulindela isikhathi eside ukuba imibiko inqamule imikhathi engenalutho. Ungalalela manje ngokufunda iBhayibheli lakho nokuzibonela ngokwakho ukuthi ingabe ngempela livela eMthonjeni onamandla angaphezu kwawomuntu. Ungasabela ngomthandazo nangendlela ophila ngayo ukuphila kwakho. Asisodwa. UMdali wethu uthembisa ukuthi “kakude kulowo nalowo kithi.”—IzEnzo 17:27; bheka futhi eyoku-1 IziKronike 28:9.

Akakaqedi ukukhulumisana nesintu. Uye wathembisa ukuguqula ngokuphelele inkambo yomlando wezwe, ukuphelisa ukuphulukundlelela komuntu kokungacabangi ekuzibulaleni ngokubhidliza ngokuphelele lesimiso sezinto esingalungiseki nokufaka esikhundleni saso uhulumeni owenziwe nguye, lowo ngempela oyosebenzela inzuzo yabo bonke. (Daniyeli 2:44; Isaya 9:6, 7) Yebo, ukuxhumana okulandelayo okuvela ekuHlakanipheni okukhulu kakhulu okuvela kwamanye amaplanethi kuthembisa ukuza ngendlela yesenzo, hhayi ngamazwi.—2 Thesalonika 1:6-9.

[Imibhalo yaphansi]

a Ukuze uthole ubufakazi bokuthi iBhayibheli liyavumelana nesayensi eqinisekisiwe, siza ubheke incwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? eyakhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York Inc.

[Ibhokisi ekhasini 10]

Imibiko Izazi Zesayensi Eziyilindele Umbiko Abangawunaki

Ekufuneni KwazoUkuhlakanipha —IZwi LikaNkulunkulu, IBhayibheli:

Okuvela Kwamanye Amaplanethi:

*Kungase kube ama-alarm anephutha, *Kuvela ekuHlakanipheni okunamandla

njengoba lokhu kuvamile; angaphezu kwawomuntu okuvela

ukukhohliswa kungenzeka. kwamanye amaplanethi.—Isaya 55:9;

2 Thimothewu 3:16.

*Kungase kunikeze imfundo *Kulungiselela izigidi imfundo,

nezinzuzo zezigidi zeminyaka nezinzuzo zokuhlakanipha

yokuhlangenwe nakho. okungaphezu kwembulunga ngobudala.

—Jobe 36:26; IHubo 103:14;

Isaya 48:17; IsAmbulo 4:11.

*Kungase kusifundise ukugwema *Kwamanje kufundisa ukuthula

ukuqothulwa kwesizwe ngenuzi ezigidini; uMlobi walo uthembisa

kanye nayo yonke impi. ukuvikela umhlaba kuze

kube-phakade nokubhubhisa

labo abawubhubhisayo.—IHubo 104:5;

Isaya 2:2-4; IsAmbulo 11:18.

*Kungase kunikeze amakhambi *UMlobi walo uye wabonisa ikhono

ezifo ngisho nokufa; ukufa lakhe lokwelapha zonke izifo;

ngengozi kuphela okuyosala. uthembisa kokubili ukuqeda ukufa

kanye nokususa imiphumela yakho,

alethe ukuphila okuphakade.

—Luka 7:22; Johane 20:30, 31;

IsAmbulo 21:4.

*Kungase kuqede ‘isizungu *Kwamanje uMlobi weBhayibheli

sesintu kulembulunga.’ “kakude kulowo nalowo kithi.”

—IzEnzo 17:27.

*Kungase kube okungenakwenzeka *Litholakala kalula emkhayeni

ukukuchaza; kuyothatha wesintu. Singalifunda manje

izinkulungwane—mhlawumbe futhi sisabele. Imibiko yethu

izigidi—zeminyaka yamukelwa ngokushesha.

ukusabela nokuxoxisana. —Johane 17:3; 1 Thesalonika 5:17;

1 Petru 3:12.

*Konke okungenhla kusekelwe *Ukholo lwethu kokungenhla

evangelini naseziphethweni lusekelwe ebufakazini

ezifinyelelwe ezingenasisekelo. nasekuqondeni.—Heberu 11:1.

[Isithombe ekhasini 11]

Singaxhumana noMuntu omkhulu kakhulu embulungeni

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela