Ubudlova—Isizathu Sokuba Ukukhathazeka Ngakho Kwande
Ngomlobeli wePhaphama! eBrithani
INGABE uhlala endaweni “okungadlulwa kuyo”? Lena ingxenye yedolobha leyo izisebenzi zomphakathi—odokotela, abahlengikazi, ngisho namaphoyisa—ezesabayo ukuhamba kuyo zizodwa. Ngokomthetho, azikho eBrithani, kodwa igama elithi ‘indawo enzima’ igama elingayithinti kangako imizwa elisho into efanayo. Futhi ezinye iziphathimandla zithi kunalezindawo ezingaphezu kwama-70 eLondon iyodwa, nezinye eziningi kwamanye amadolobha alelizwe.
UNobhala Wezangaphakathi eBrithani wazwakalisa ukukhathazeka kwakhe, ethi: “Ukuthula komphakathi wethu manje akusalulazwa yizinsongo zangaphandle, kodwa ilukuluku lobudlova lezakhamuzi esakhelene nazo eziningi kakhulu.”
Akukhona ukuthi iBrithani (nezinga layo lokwenyuka kwamaphesenti ayi-17 obugebengu bobudlova phakathi nonyaka odlule) ingungqá phambili. Akunjalo neze. Ezinye izindawo eziningi zinamazinga aphakeme kakhulu obugebengu. Ezinyangeni eziyisishiyagalolunye zokuqala zangonyaka odlule, amacala obudlova ayizi-10 607—ukubulala, ukudlwengula, ukuphamba, nokusongela—enziwa nje emihubheni yaseDolobheni laseNew York! Nokho, umcwaningi uDkt. Michael Pratt uthi kunobufakazi bokusekela ukuzisholo kokuthi “imigwaqo yaseLondon iba njengemigwaqo yaseNew York.”
Nokho, iNew York ayilona idolobha elibi kakhulu lobugebengu. IAtlanta, iMiami, iDetroit, neChicago aphakathi kwamadolobha amakhulu ayisishiyagalombili aseU.S. lawo abika amacala amabi kakhulu obudlova enziwa umuntu oyedwa ngo-1987 kuneNew York. Kubonakala sengathi, kuyo yonke indawo ubudlova buyimbangela ekhulayo yokukhathazeka. Isazi sezifo zengqondo uThomas Radecki waphawula ukuthi ‘amazwe amaningi aseNtshonalanga aye abona ukwanda emananini obudlova kusukela kumaphesenti angama-200 kuya kwangama-500 eminyakeni engama-20 edlule,’
Amacala obudlova aye anyuka futhi nakwezinye izindawo. Ngokwesibonelo, eKenya, eAfrika eseMpumalanga, kungekudala amasela ezinkomo ayi-400 aqotha imbokodwe nesisekelo ebulala amadoda abesifazane, nabantwana abayi-190, ngonya beshiya izidumbu ukuba zidliwe amanqe nezimpisi.
ESoviet Union, ubudlova bebhola likanobhutshuzwayo kwabikwa ukuthi ‘bukhukhula isizwe.’ Ngokufanayo, iCentral Committee yaseChina yokuThuthukisa Izimiso Zokuziphatha Kubantu bakhona yagxeka ‘ukuxabana, ukulwa, ngisho nokulimazana nokubulalana phakathi nemiqhudelwano yebhola likanobhutshuzwayo.’ Ikomiti lazwakalisa ukudabuka: ‘Abashisekeli bezemidlalo, ikakhulukazi intsha, kumelwe bafundiswe ukuphucuzeka.’
Ngokucacile, amacala obudlova ayimbangela yokukhathazeka okukhulayo. Kodwa yini eyenziwayo ukuze kubhekwane nenselele ayibekayo?