Abazali Abawenzile Umsebenzi Wabo Wasekhaya
ABAZALI abenza umsebenzi wabo wasekhaya banikeza abantwana babo izinto abazidinga ngempela. Ngokusobala, lokhu kuhilela okungaphezu nje kokumane bakhokhe izintela. Abazali abanjalo basiza futhi abantwana babo ukuba bathuthukise amakhono nemigomo okufanelekile ekuphileni, futhi babanikeza isikhathi esiningi nokukhathalela kothando.
“Ngesikhathi abantwana besebancane, sasigaqa kanye nabo, sishaye amabhodwe, sigqoke izivalo zamapani njengezigqoko zokuvikela, sihlaselana omunye nomunye ngezingqwembe zasekhishini ukuze silingise abalingiswa abavelele beBhayibheli ezehlakalweni ezingokomlando,” kuchaza uWayne, uyise wabantwana abane. “Abantwana babekuthanda kakhulu.”
Njengoba abantwana bekhula, uWayne nomkakhe, uJoanne, bashintsha izindlela zabo zokufundisa zafanelana nabantwana; nokho baqhubeka beshukumisa imicabango yabantwana nesifiso sabo sokufunda. Ngaleyondlela basebenzisa ezinye zezimiso ezinhle kakhulu zokufundisa. UJulie M. Jensen, umongameli Womkhandlu Wesizwe Wothisha BesiNgisi waseU.S. ukholelwa ukuthi uthisha okahle akalokothi akhohlwe isithakazelo sakhe sobuntwana ngesikhathi ayefunda, futhi uyasondla kulabo abafundisayo.
Ukubaluleka Kokutusa
UWayne noJoanne bathuthukisa isimiso sokusiza abantwana babo ngomsebenzi wabo wesikole. Kunobhasikidi womsebenzi ‘ongakenziwa’ ekhishini lapho abantwana befaka khona amaphepha abo okuhlolwa uma befika bevela esikoleni. UJoanne uyawabukeza amaphepha lapho abantwana bedlala noma benza umsebenzi wabo wesikole owenzelwa ekhaya, futhi ngesikhathi sokudla kwakusihlwa umkhaya ngokuvamile uxoxa ngawo. Angcono aphanyekwa ngaphandle kwefuliji nasezindongeni zasekhishini, elifana nendawo yokubukisa imidwebo egcwele izithombe.
“Kuyindlela yethu yokudlulisela ukutusa kubantwana,” kusho uJoanne, “futhi basebenzela phezu kwakho.” Endlini yokuphumula, umkhaya unobhasikidi womsebenzi ‘osuwenziwe’ lapho umsebenzi wesikole owenzelwa ekhaya oqediwe ufakwa khona ngaphambi kokuba kulalwe. “Ngalendlela,” kuchaza uJoanne, “akudingeki siwufune ekuseni lapho abantwana bephuthuma esikoleni.”
UBeatrice, unina wamantombazane amabili, naye uhlobisa ikhishi lakhe ngomsebenzi wesikole wabantwana bakhe. Uthi: “Ngikwenza ngoba ngiyaziqhenya ngabantwana bami futhi ngifuna bakwazi lokho.”
Iqaphela ukubaluleka okukhulu kokutusa, i-Independent School Disctrict yaseDallas, eTexas, ikhuthaza othisha bayo bokuzithandela ukuba bavame ukusebenzisa amazwi akhuthazayo, anjengokuthi: Kuhle! Kungcono kakhulu. Qhubeka kanjalo! Wenze kahle. Kuwukuhlakanipha lokho. Awuboni-ke. Uyakwazi ukusungula bo. Ukucabanga okuhle lokho. Umsebenzi omuhle kakhulu. Manje usuyakwazi. Ngiyayazisa indlela ozama ngayo.
Uma uwumzali, ingabe ungasinikeza isikhuthazo izikhathi eziningi ngokwengeziwe?
Ukusekela Ngezinye Izindlela
Ngaphezu kokutusa imizamo yabantwana babo, abazali abawenzayo umsebenzi wabo wasekhaya bahlakulela isimo sasekhaya esenza kube lula ukutadisha. Benza abantwana babo babe nesithakazelo ekufundeni nasekwazini ngezwe elibazungezile.
“Abazali bami babengisekela,” kuchaza uJulie, “ngokunginqumela isikhathi sokutadisha. Endlini nganginendawo ekhethekile yokwenzela umsebenzi wami wesikole owenzelwa ekhaya futhi ngangivimbelekile kubo bonke abomkhaya kuze kube yilapho sewuphelile. Phakathi nesikhathi sami sokutadisha, kwakungadingeki ukuba ngenze eminye imisebenzi. Ngaleyondlela kwakugwenywa ukuphazamiseka kokugxilisa kwami ingqondo kulokho engangikufunda.”
UMark ukhuluma ngendlela abazali bakhe ababemsekela ngayo yena nawodadewabo: “Babeqiniseka ngokuthi ngaso sonke isikhathi sinesichaza-mazwi nezinye izincwadi zokusisiza ezifundweni zethu. Babesikhuthaza ukuba sizakhele imitapo yezincwadi ngokusivumela ukuba sithenge izincwadi esasinesithakazelo kuzo ngaphandle kokuzikhokhela ngemali yethu esasiyilondoloza.”
“Saqalisa uhlelo lwethu lokufunda nabantwana lapho babecishe babe nezinyanga ezintathu ubudala,” kuchaza uAlthea, unina wabantwana abane. “Kwakunzima ukuhlala sikwenza ngoba, njengabesifazane abaningi namuhla, kwakufanele ngisebenze. Ukuze ngibe nesikhathi sakho, kwakudingeka ukuba ngidele eminye imisebenzi ukuze ngithole isikhathi. Abantwana babenezincwadi ezingaphezu kwezingama-300—okuthiwa amanursery rhymes, izincwadi eziphathelene nesayensi, zonke izinhlobo. Babenginikeza abazithanda kakhulu ukuba ngibafundele zona. Ngezinye izikhathi ngangeqa izingxenye ukuze ngizame ukufushanisa izindaba, kodwa lokho akuzange kusebenze. Ngaso sonke isikhathi babeyazi ingxenye abangayizwanga futhi bangikhumbuze ngokuyifaka ngendlela abayikhumbula ngayo!”
UJohan waseFinland uthi abazali bakhe babemfundela imizuzu eyi-10 kuya kweyi-15 njalo ebusuku ngaphambi kokuba kulalwe. UJohan uyachaza, “Ngangikhetha indaba. Umama wayelingisa abalingiswa abasendabeni. Mina nodadewethu sathatheka yiloluhlelo kangangokuba ngisho nalapho abazali bengenaso isikhathi, sasithatha incwadi sizame ukuzifundela. Lokhu kwasisiza ukuba sithuthukise imikhuba emihle kakhulu yokufunda. Kuye kwenza umsebenzi wethu wesikole wabalula ngokwengeziwe futhi kwasivula amehlo ezintweni eziningi.”
URavindira waseSri Lanka wayethanda ukuba ubaba wakhe amlalise embhedeni ngenxa yendlela yakhe yokufunda. “Indaba engangiyithanda kakhulu engangiyifundelwa uma sengizolala yayithi How the Camel Got Its Hump. UBaba wayeshaya izithupha, afuthe, ahleke, futhi enze yonke into ngesikhathi efunda. Lokho kwakumelwe kungilalise, kodwa kwaphumelela kuphela ukuba kungigcine ngibheke ngawayizolo futhi ngifuna izindaba ezengeziwe. Wayeshaya sengathi akakwazi lokhu, kodwa wayekwazi kahle lokho ayekwenza. Kamuva, lapho sengimdadlana, wayengivumela ukuba ngiyise izincwadi emtatsheni wazo. Lokho kwangenza ngazizwa ngibalulekile futhi kwaqhubeka kungikhuthaza ukuba ngijabulele ukufunda.”
Echaza indlela uyise amsiza ngayo, uSusan uthi: “Ubaba wayethanda uhambo lwasendle. Wayengithatha aye nami kuzo zonke izindawo—emamnyuziyamu, ezindaweni zokulondoloza izinyoni, emtatsheni yezincwadi, ukuyokha amajikijolo emahlanzeni. Ngezinye izikhathi sasihamba nje siye emahlathini esingawazi. Sasithi uma sibuyela ekhaya sibuye siklwebhekile, kodwa kwakumnandi. Lolohambo olunjalo lwenza izifundo zami zasesikoleni zaba nenjongo.”
UEmilo wasePuerto Rico uyakhumbula: “Umama wayefuna sazi ukuthi ngaso sonke isikhathi sasifunda. Lapho ngibuya esikoleni, wayebuza, ‘Yebo-ke, ufundeni namuhla?’ Uma ngithi, ‘Hhayi, lutho,’ wayebuya namagama, athi, ‘Ush’ ukuthini, uma uthi lutho? Kufanele ukuthi ufunde okuthile.’ Wayebelesela ngombuzo kuze kube yilapho ngiqhamuka nokuthile engikufundile. Wayenza okufanayo kubafowethu ababili. Wayefuna sazi ukuthi sasibaluleke kakhulu kuye nokuthi wayesinakekela. Lokhu kwasenza saba umkhaya obumbene.”
Ukuhlakulela Ubunye Bomkhaya
Imikhaya ephumelelayo iyezwana uma indawonye, kodwa lokhu kudinga umzamo. Ngakho abazali abawenzayo umsebenzi wabo wasekhaya bafuna ukuhlakulela umoya womkhaya wokubambisana.
“Sikhuluma ngezindaba zomkhaya ngokuthembeka futhi cishe nsuku zonke,” kuphawula uCarol, umzali oyedwa wamadodakazi amabili. “Ngezinye izikhathi amantombazane ayazigcina izinkinga zawo ngoba enomuzwa wokuthi nginezanele okungezami. Ngiyakwazi ukubona uma enza lokhu, ngoba adazisana ngezinto ezincane. Kufanele ngiwakhumbuze ukuthi ilungiselelo lomkhaya lisebenza kangcono kakhulu lapho sizixoxa izinkinga omunye komunye ngokwethembeka.”
Imali iwumthombo wezinkinga emikhayeni eminingi, kodwa uCarol uthi ukuba kwakhe ngokhululekile emantombazaneni ngokuphathelene nesimo somkhaya esingokwezimali kuye kwaveza ukusekela kwawo, liyachaza: “Ngiwakhuthaza ukuba azitholele imisebenzi ukuze athole imali okungeyawo yezinto ezengeziwe azithandayo. Ngiyawahlonipha ngokuyithola futhi ngiwenza azi ukuthi imali yawo.”
Abanye abazali basebenzisa isimo semikhaya yabo esingokwezimali ukuze bafundise abantwana babo ukuhlela ukusetshenziswa kwemali, ukulondoloza imali ebhange, namakhono okubala. “Esinye isifundo esikwazile ukusifundisa ngalelilungiselelo,” kuphawula uHenry, uyise wabafana abathathu nentombazane, “siwukubambisana emisebenzini yomkhaya ngokuzihilela.”
Kodwa abazali bangasitholaphi isikhathi semisebenzi enjalo yasekhaya? UAudrey, unina wabantwana ababili, uthi ngenxa yesimiso sakhe esimatasa, umema abantwana ukuba bahambe naye lapho enza imisebenzi ethile. Usithola lapho ‘isikhathi sakhe sokukhuluma.’
Ukusingatha Izinkinga
Ukuze bawenze kahle umsebenzi wabo wasekhaya, abazali kudingeka bafunde ukubalalelisisa abantwana babo. Njengoba isaga seBhayibheli sisho: “Ohlakaniphileyo uyokuzwa aqhubeke ekufundeni.” (IzAga 1:5, NW) Ukulalelisisa kwakha ukwethemba, futhi lokhu kubalulekile ekusingatheni izinkinga ngokuphumelelayo.
Ngokwesibonelo, lapho uLeon noCarolyn bezwa ukuthi indodakazi yabo endala, uNikki, yayingayi esikoleni ngezinye izinsuku futhi yehlulwa ezinye izifundo, ukusabela kukaCarolyn kokuqala kwakuwukusola ithonya elibi labangane basesikoleni. Nokho, uLeon wachaza: “Ngasikisela ukuba sisigodle isahlulelo kuze kube yilapho sesinawo wonke amaqiniso.”
“Kodwa ngisho nalapho,” kuphawula uLeon, “kwathatha isonto lokuphanda kokubekezela nokunomusa, nokulalela ngaphambi kokuba sifinyelele umsuka wenkinga kaNikki. Yeka ukushaqeka esaba nakho! UNikki wayenomuzwa wokuthi sasingenasithakazelo kuye, njengoba sasiye saba matasa ngemisebenzi yethu siqu! Mina noCarolyn salungisa izimo, futhi uNikki wasabela ngokuba ngophapheme ngokwengeziwe emithwalweni yakhe yemfanelo ekhaya nasesikoleni.”
UDan noDorothy banabantwana abayisishiyagalombili. Labantwana bachitha ihora nengxenye besemabhasini esikole usuku ngalunye, futhi inkinga enkulu iye yaba izimo eziba zimbi ngokwengeziwe emabhasini. “Ngesikhathi abadadlana besesikoleni, kwakuyinto elula ukusebenzisa isikhathi ebhasini ukuze benze umsebenzi wabo wesikole owenzelwa ekhaya nokuqhubeka nokufunda,” kuphawula uDan. “Nokho, eminyakeni nje eyi-12 edlule, konke lokho kuye kwashintsha. Manje kuneziphazamiso eziningi ezimbi, ezinjengolimi olungcolile, umculo eklabalasayo werock, nentuthu evela kugwayi nemarijuana, ngokuvamile ngemuva ebhasini.”
UDan wachaza ukuthi bayisusa kanjani lenkinga ezingqondweni zabantwana. “Kwavela imibono emibili,” waphawula. “Ukuhlala eduze ngangokunokwenzeka komshayeli webhasi, nokunika ingane ngayinye imishini yokuzwa umculo exhunywe kusidlalimakhasethi sayo siqu seAM/FM. Manje abantwana bayakwazi ukuzikhipha enkathazweni, bejabulela umculo opholile ngesikhathi befunda noma benza izabelo ezilula zomsebenzi wesikole owenzelwa ekhaya. Ikhambi libonakala lilula, kodwa liye lasebenza!”
Ukusebenzelana Nesimiso Sasesikoleni
Phakathi nonyaka wesikole, abafundi bachitha amahora athi awabe isithupha ngosuku ngaphansi kwethonya eliqondile lothisha. Abazali abakwazisayo ukuthi kusho ukuthini lokho endabeni yamandla okufunda abantwana babo bayofuna ukuqikelela ukuthi lesikhathi sisetshenziswa kahle. Unina wabantwana abathathu wachaza indlela yena nendoda yakhe ababeqiniseka ngayo ukuthi sasinjalo.
“Lapho mina noJohn singenelisekile ngezifundo zomunye wabantwana bethu,” uyalandisa, “saya esikoleni futhi senza ukulungisa okufanelekile nomqondisi wezifundo, uthisha, noma uthisha-nhloko. Sahlala sihileleke ngokujulile emfundweni yabantwana bethu kusukela ekuqaleni kwaze kwaba sekugcineni. Manje njengoba isidlulile, sanelisekile ngokuthi bathola okungcono kakhulu kwalokho ababengakuthola ngalesosikhathi.”
Abantwana bangase badinge usizo ngomsebenzi wabo wesikole, futhi ingxenye yomsebenzi wasekhaya wabazali kumelwe kube eyokuhileleka. Nokho, umzali ubambisana ngokuhlakanipha nesimiso sasesikoleni. “Into eyodwa engiyikhumbulayo ngabazali bami,” kusho uWesley, “iwukuthi abazange bangenele emakhonweni kathisha asekilasini. Babeqaphela ukuthi izindlela zokufundisa zingahlukahluka.
“Ngokwesibonelo, lapho ngingazi ngendlela yokuxazulula isibalo eyayizonginikeza impendulo, uBaba wayenginika impendulo bese engiyeka ngishikashikane nendlela yokuyithola kuze kube yilapho ngiyithola. Ngangazi ukuthi impendulo yami yayilungile uma ifana nekaBaba.”
Akusona Isabelo Esilula
Noma iyiphi ingane iyokutshela ukuthi ezinye zezabelo zomsebenzi wesikole owenzelwa ekhaya zinzima kunezinye. Kodwa umsebenzi wasekhaya eninawo nina bazali unzima kakhulu kunanoma yimuphi enake naba nawo esikoleni. Yebo, ukukhulisa abantwana ngokuphumelelayo kuyisabelo esiyinkimbinkimbi, sesikhathi eside. Abanye baye basibiza ngokuthi isimiso seminyaka engama-20.
Isihluthulelo sempumelelo sihlanganisa ukuba umzali oqaphile, onobungane, oqondayo, obazi kahle abantwana futhi asabele kubo njengabantu ngabanye. Khumbula, lokho abantwana bakho abakudingayo ngempela kuwukunakekelwa komuntu siqu okuboniswa ngokukhathalela kothando ngenhlala-kahle yabo. Gcwalisa ukomela kwabo ukwazi, futhi basize ukuba benze ukuzuza ulwazi kube isehlakalo esijabulisayo.
Wonke Umzamo Ufanelekile
Nina bazali enenza umsebenzi wenu wasekhaya niyazidela, aninabo ubugovu. Nikulungele ukulungisa izimo. Niyaqaphela ukuthi ukuze nisize abantwana benu, kumelwe ‘nibe khona’ futhi kumelwe nizikhandle ngokubanikeza isikhathi, uthando, nokukhathalela lokho abantwana benu abakudinga ngempela.
Lapho nenza umsebenzi wenu wasekhaya, imiphumela ingase iqhathaniswe nesivuno somlimi olungiselela inhlabathi abese etshala, ahlakule, futhi anisele izitshalo zakhe. Ningase nijabule ngesivuno esiwumvuzo. Kunjengoba iBhayibheli lisho: “Qeqesha umntwana ngendlela okuyakuba ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile angasuki kuyo.”—IzAga 22:6.
[Ibhokisi ekhasini 11]
Yini Enye Abazali Abangayenza?
Emphakathini wanamuhla, othisha nezikole kubalulekile entuthukweni ephumelelayo yabantwana. Lokho akusho ukuthi kungayifeza indima yabazali, kodwa kungaba usizo olubalulekile ekukhuliseni abantwana ngokuphumelelayo. Ngakho esinye isabelo somsebenzi wasekhaya nina bazali eninaso siwukusebenzelana ngokugcwele ngangokunokwenzeka nesimiso sesikole abantwana benu ababhalise kuso.
Khona-ke, kuthiwani uma kunomkhosi okhethekile noma uhlelo esikoleni? Ngokwesibonelo, esikoleni eMassachusetts, kwakukhona isimiso Sokuklonyeliswa Kwabantwana Ngokuphumelela Kwabo. “Ngaya ngoba ngangifuna abantwana bami bazi ukuthi ngangiziqhenya ngabo,” kuchaza uJoanne, umama wabafana abane. Abafundi abangamashumi amabili bathola imiklomelo ekhethekile yokuphumelela ngalolosuku, nokho abaningi babazali abazange bafike. Ingabe ucabanga ukuthi ukungabikho kwabo kwabakhuthaza abantwana babo ukuba benze kangcono esikoleni? Lutho neze!
Cabangela futhi othisha. Ngokuvamile izikole zibekela eceleni ubusuku obuthile ukuze zibukise ngomsebenzi wabafundi nokuba zibukeze intuthuko yabo nabazali, futhi othisha abaningi badela isikhathi sabo siqu ukuze balungiselele lomsebenzi. Omunye uthisha waphawula: “Nathi sinemikhaya yethu nokuphila kwethu siqu okumelwe sikuphile. Kuyadumaza uma lichitha isikhathi esiningi kangaka ulungiselela imikhosi ekhethekile kodwa libone umzali oyedwa kuphela, ababili, noma abathathu ubusuku bonke.”
Njengabazali, ngezinye izikhathi ningalindela izikole nothisha ukuba bahlele ukuze bahlangabezane nezidingo ezikhethekile nezabantwana benu. Ingabe akumelwe yini nizimisele ukwenza ukuzidela okunjalo ukuze nisekele imizamo yesimiso sesikole, ikakhulukazi njengoba bezama ukusiza abantwana benu ukuba bakhule babe abantu abadala abaphumelelayo ?
Incwajana “ISikole NoFakazi BakaJehova,” eyanyatheliswa ukuze ithuthukise ukuqondana nokusebenzelana phakathi kwabazali nothisha, yakhipha imisebenzi yasekhaya elandelayo yoFakazi BakaJehova abangabazali: “Kubalulekile ukuthi abazali bajwayelane nothisha babantwana babo—benze amalungiselelo okuhlangana nokukhuluma nabo. . . .
“Ekubonaneni okunjalo ubaba enguFakazi noma umama kumelwe amazise uthisha ukuthi abazali balindele ukuziphatha okufanelekile kobuKristu kubantwana babo, nokuthi uma abantwana beziphatha kabi, bafuna ukwaziswa ngalokho. Abazali futhi kumelwe baqinisekise ukuthi bayobasekela othisha kunoma yisiphi isijeziso esifanelekile esinikezwayo, baze basigcizelela ngisho nasekhaya.
Ezinye izindlela abazali abangasiza ngazo: Qinisekani ukuthi abantwana bathola ukudla okwanele kwasekuseni ngaphambi kokuba baye esikoleni. Qikelelani ukuthi umsebenzi wabo wesikole wasekhaya bayawuqeda nokuthi baziphathe zonke izincwadi zabo. Ngaso sonke isikhathi bonisani inhlonipho ngemithetho yesikole futhi nilindele abantwana ukuba nabo bayihloniphe. Yenzani abantwana ukuba bakhulume ekhaya ngemisebenzi yesikole nanganoma iziphi ezinye izinkinga abahlangabezana nazo khona.”
Ingabe anivumi yini ukuthi lokhu kuwukusikisela okuhle? Ingabe nina njengabazali niyakusebenzisa? Ingxenye yomsebenzi wenu wasekhaya ukwenza kanjalo.
[Ibhokisi ekhasini 12]
Imibuzo Yokuzihlola Kwabazali Siqu
1. Ingabe nginesithakazelo sangempela ekufundeni kwabantwana bami esikoleni
2. Ingabe ngiyabazi othisha babo?
3. Ingabe othisha bayazi ukuthi ngiyayazisa imizamo yabo?
4. Ingabe ngiyaqikelela ukuthi abantwana bami bawuthatha ngokungathi sina umsebenzi wabo wesikole?
5. Ingabe ngiyaqikelela ukuthi umsebenzi wabo wesikole wenziwe kahle nangesikhathi?
6. Ingabe isimo sami ngasolwazini nasekufundeni siqondile?
7. Ingabe abantwana bami bayangibona ngifunda?
[Isithombe ekhasini 7]
Ukufunda kushukumisa ukufisa kwabantwana ukwazi namandla okucabanga
[Isithombe ekhasini 8]
Abazali abasebenzisa isikhathi befundela abantwana babo baqinisa isibopho somkhaya
[Isithombe ekhasini 9]
Uhambo lomkhaya lokuya emnyuziyamu noma lokuya endaweni esemaphandleni lungase lube injabulo yangempela emkhayeni—
nokuhlangenwe nakho okufundisayo
[Isithombe ekhasini 10]
Abantwana bakho badinga ukunakekelwa kwabo siqu