Umbhalo Wesandla WeBhayibheli Wasendulo Ubhekana Nobuchwepheshe Benkathi Yokuya Kwamanye Amaplanethi
INTUTHUKO yecomputer, ubuchwepheshe obusetshenziswa ekuvezeni imifanekiso ecacile yendawo yaseNyangeni noma yeMars, iye yasetshenziswa ukucacisa imibhalo efiphele elotshwe embhalweni wesandla weBhayibheli wasendulo.
Lombhalo wesandla okukhulunywa ngawo watholakala ngo-1892 esikhungweni sezindela saseSt. Catherine phansi kweNtaba iSinayi. Uyikhophi yasekupheleni kwekhulu lesibili leminyaka noma yangasekuqaleni kwekhulu lesithathu leminyaka yamaVangeli amane aguqulelwe olimini lwesiSyria, ulimi olususelwa kolwesiAramu, okwakuwulimi olwalukhulunywa kakhulu osukwini lukaJesu. Ezinye izazi zikholelwa ukuthi ngokunokwenzeka lenguqulo yenziwa ngasekupheleni kwekhulu lokuqala leminyaka.
Imizamo yokuwuchaza ayizange iphumelele isikhathi eside. Inkinga yayiwukuthi uwumbhalo ocishiwe, noma into yokubhalela osekwalotshelwa kuyo izikhathi eziningi. Lesikhumba sokubhalela sasiye sasulwa ababhali bamuva futhi kwalotshwa ukwaziswa okusha kuso. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi amakhemikhali ayizinsalela avela kuyinki ayeshiye umkhondo ongacacile walokho okwakulapho ekuqaleni.
Ukusindiswa Kwawo Yinkathi Yokuya Kwamanye Amaplanethi
Yilapha lapho kwangena khona inkathi yentuthuko yecomputer. Okokuqala, ikhasi ngalinye lalombhalo lathathwa isithombe. Imifanekiso yase ibhalwa ngokohlamvu ngalunye. Icomputer yahlaziya uhlamvu ngalunye oluncane lomfanekiso isikhathi ngasinye futhi yalunikeza inombolo ehambisana nokugqama kwalo. Ngokwesibonelo, ichashaza elimhlophe—ukugqama okuyiguncu—lanikezwa inombolo iguncu, futhi amachashaza ayegqame kakhulu ngokuqhubekayo anikezwa izinombolo eziphakeme. Ngemva nje kokuba lokhu sekwenziwe, noma iyiphi ingxenye yomfanekiso yayingenziwa ukuba ibonakale igqame kakhudlwana noma ikhanya kakhudlwana ngokumane nje inikezwe inombolo entsha. Ngaleyondlela kwaba nokwenzeka ukuba kufiphazwe umbhalo ongenhla futhi kugqanyiswe umbhalo ongaphansi. Ngenqubo enjalo ekhethayo, okwakufihlwe amakhulu eminyaka ekugcineni kwavezwa obala.
Yini Okumelwe Ibonwe Lapho?
Yini abacwaningi abanethemba lokuyizuza ngalomsebenzi wokucophelela? Yebo, noma yimuphi umbhalo wesandla wamaVangeli omdala ngalendlela uthakazelisa kakhulu kubafundi beBhayibheli ngaso sonke isikhathi. Mhlawumbe uyoletha ukukhanya okusha embhalweni weBhayibheli njengoba sinawo namuhla.
Elinye iphuzu elithakazelisayo isiphetho sencwadi kaMarku. Ingabe iphetha ngoMarku 16:8, noma ingabe kunamanye amavesi engeziwe njengakweminye imibhalo yesandla eminingi yasendulo? Uma uMarku 16:8 avela ekugcineni kwekhasi, khona-ke kuyoqondakala ukuthi kwakunamavesi amaningi ekhasini elilahlekile. Ikhasi elithuthukiswe ngecomputer libonisa uMarku 16:8 phakathi nohlu olungasesandleni sobunxele. Bese kuba nohlu lwezikokolozelo ezincane ezilandelwa isikhala esincane futhi ngaphansi kwalokho kuqalisa incwadi kaLuka. Lokhu kubonisa ngokusobala lapho lencwadi yayiphelela khona. Alikho ikhasi noma amavesi ayengekho.
Kwakukhona ukwehluka okuthile embhalweni okungase kubangele ukuhlolwa komBhalo. Kodwa, ngokuvamile, akukho okwakumangalisa. Nokho, lokhu akukhona ukulahlekelwa. Kumane nje kubonisa ukuthi umbhalo weBhayibheli njengoba sinawo namuhla ubaluleke ngendlela efanayo nalokho abalobi bokuqala abakubhala phansi. Ubuchwepheshe benkathi yokuya kwamanye amaplanethi balivala igebe lamakhulu angu-19 eminyaka ukuze busibonise ukuthi uJehova uNkulunkulu akayena nje kuphela uMphefumuleli Omkhulu wemiBhalo Engcwele kodwa futhi unguMlondolozi wayo.