“Akunakuba Yiqiniso”!
NGOMAY 31, 1982, kwakuwusuku oluhle. Ilanga lalibalele, isibhakabhaka sasiluhlaza futhi ngacabanga ukuthi leli kwakuyoba yithuba elihle kakhulu lokuhlanza igceke. Sasisanda kugawula umuthi othile omkhulu, futhi kwakusenezinkuni namagatsha ayesasele otshanini. Khona-ke ngakhumbula ukuthi umngane wethu uGeorge wayenomshini owawuzokwenza umsebenzi ube lula, ngakho ngamshayela ucingo.
“UGeorge wayewumshayeli wendiza onokuhlangenwe nakho, futhi wayekuthanda ukuhamba ngendiza. Ngakho akuzange kumangaze lapho engitshela ukuthi wayezondiza nabangane bakhe futhi engibuza ukuthi singathanda yini ukuhamba nathi. Mina nomkami uDianne sanquma ukuthi kuyoba ushintsho olumnandi ngemva kokuhlanza igceke. Sahamba nendodakazi yethu eneminyaka emithathu. UMaria, umntwana othandekayo, oqinile onezinwele ezinsundu namehlo ansundu, wajabula kakhulu.
“Lapho sifika esikhumulweni sezindiza, omunye umngane wayelindele isikhathi sakhe sokuhamba, ngakho sonke sagcwala endizeni enezihlalo ezine. Sandiza ngenhla kwechibi saqonda ezintabeni. Kwakukuhle. Sabheka ngaphandle futhi sabona izindawo esizijwayele. Abanye abantu babenza idili egqumeni. UMaria wayejabulile. Khona-ke, njengoba sasihamba esiqongweni segquma, indiza yaphazanyiswa isishingishane esinamandla esasingazelelwe. Injini yacisha, futhi indiza yawa isuka phezulu!
“Ukuphela kwento engacabanga ngayo kwakuwukuzama ukungena phakathi komkami, owayegone uMaria, nesihlalo esingaphambili. Kwase kwephuzile—indiza yashayisa uhlangothi lwentaba.
“Ngazama ukusukuma kodwa ngangakwazi. Ngangizwa uDianne ekhalela usizo, kodwa ngangingenakwenza lutho. Okuwukuphela kwento engangingayenza kwakuwukukhalela usizo.
“Ekugcineni, abezokwelapha ababheke izimo eziphuthumayo bafika bezosisusa entabeni. Nakuba senza konke okwakumelwe kwenziwe ekuphahlazekeni kwayo, uGeorge nomngane wakhe babefile. Abanye bethu babephethwe yizinhlungu ezinkulu. UMaria wayelimele ekhanda nangaphakathi. Umkhwe wami waba nomsebenzi obuhlungu wokufika embhedeni wami wasesibhedlela ezongitshela ukuthi usefile—kwaba yinxeba enhliziyweni yami. ‘Kungani kunguye? Kungani kungabanga yimi? Akufanele ukuba umntwana onjengaye afe ngicabanga. Ukuba nje bengingalwamukelanga lolohambo . . .
“UDianne wayesesimweni esibi kakhulu njengoba umgogodla wawuphukile. Emasontweni amathathu ngemva kokuphahlazeka kwendiza, naye wafa. Ngase ngilahlekelwe umntanami nomkami ngesikhathi esisodwa. Ngacabanga ukuthi ngangilahlekelwe yikho konke. Ngangiyophumelela kanjani?”—Njengoba ilandiswa nguJess Romero, waseNew Mexico, eU.S.A.
“Indodana yami uJonathan yayingekho iye eLong Island ivakashele abangane. Umkami, uValentina, wayengathandi ukuba iye lapho. Ngaso sonke isikhathi wayewesaba umgwaqo omatasa. Kodwa indodana yayiwathanda ema-electronic, futhi abangane bayo babeneshabhu eyayingathola kulo okuhlangenwe nakho okungokoqobo. Ngangisekhaya eWest Manhattan. Umkami wayengekho evakashele umkhaya wakubo ePuerto Rico.
“Ngase ngozela phambi kweTV. Ngacabanga, ‘UJonathan uzobuya ngokushesha.’ Khona-ke ngezwa ukungqongqoza emnyango. ‘Nakanjani kumelwe kube nguye.’ Kwakungeyena. Kwakungamaphoyisa nezisebenzi zasesibhedlela.
“‘Uyayazi lelayisense yokushayela?’ kubuza iphoyisa. ‘Yebo, eyendodana yami, ekaJonathan.’ ‘Sikuphathele izindaba ezibuhlungu. Kube nengozi, futhi . . . indodana yakho, . . . indodana yakho ifile.’ Ukusabela kwami kokuqala kwakuthi, ‘No puede set! No puede ser! akunakuba yiqiniso!
“Lesosehlo savula inxeba eliselapheka namanje ezinhliziyweni zethu, cishe eminyakeni emibili kamuva.”—Njengoba ilandiswa nguAgustin Caraballoso, waseNew York, U.S.A.
“Emuva eSpain ngawo-1960, sasiwumkhaya ojabulayo—naphezu koshushiso olungokwenkolo ngenxa yokuba oFakazi. KwakunoMaria, umkami, nabantwana bethu abathathu, uDavid, uPaquito, nolsabel, abaneminyaka eyi-13, 11, neyi-9 ngokulandelana.
“Ngolunye usuku ngoMarch 1963, uPaquito wafika ekhaya evela esikoleni ekhala ngezinhlungu ezinkulu zekhanda. Samangala ukuthi ngabe kwenzenjani—kodwa akubanga isikhathi eside. Emahoreni amathathu kamuva wayesefile. Ukopha kwasebuchosheni kwakumphuce ukuphila.
“Ukufa kukaPaquito kwenzeka eminyakeni engama-24 edlule. Ngisho noma kunjalo, sisenabo nanamuhla ubuhlungu obujulile balokho kulahlekelwa. Ayikho indlela yokuba abazali bashonelwe umntwana futhi bangabi nomuzwa wokuthi balahlekelwe okuthile okungokwabo—kungakhathaliseki ukuthi sekukudala kangakanani noma zingaki izingane, okungenzeka, ukuthi; banazo.”—Njengoba ilandiswa nguRamon Serrano, waseBarcelona, eSpain.
Lolu lumane lungolumbalwa lwezigidi zosizi olugadla emikhayeni kuwo wonke umhlaba. Njengoba abazali abaningi abashonelwa beyovuma, lapho ukufa kuthatha umntanakho, kuyisitha ngempela.—1 Korinte 15:25, 26.
Kodwa ingabe labantu abashonelwa babhekana kanjani nezimo ezisanda kucashunwa? Ingabe ukuphila okuvamile kusengenzeka ngemva kokulahlekelwa okunjalo? Ingabe likhona ithemba lokuthi singaphinde sibabone abathandekayo bethu abafa? Uma kunjalo, kuphi futhi kanjani? Lena kanye neminye imibuzo ehlangene nayo izocatshangelwa ezihlokweni ezilandelayo.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]
The Daily Herald. Provo, Utah