Ukuhamba Kuyefana Nokugijima
“Ukuhamba . . . kuya kuthandwa ngenxa yokutholwa kabusha . . . kwezinzuzo ezinikeza impilo zokuhamba.” Kusho kanjalo incwajana iWalking for Exercise and Pleasure, yoMkhandlu kaMongameli waseUnited States Ngempilo Yomzimba Nemidlalo.
Uhlu oluhlaba umxhwele lwezinzuzo zomzimba lugcizelela lawomazwi. Nazi ezinye zazo: ukusetshenziswa okuhle kweoxygen phakathi nokuzikhandla, ukushaya kwenhliziyo okusesilinganisweni esikahle, izinga lomfutho wegazi elincishisiwe, nokusebenza kwenhliziyo namaphaphu okuthuthukisiwe. Yebo, lokhu akumane nje kufinyelelwe ngokuhamba kancane, ukuhamba kokuphola, noma ukudonsa izinyawo, incwajana ibonisa ukuthi, kodwa kungokuhamba “ngokushesha ukuze wenze inhliziyo yakho ishaye ngokushesha futhi kukubangele ukuba uhefuzele.”
Ngokumangalisayo, ukuhamba ngokushesha kusebenzisa cishe amacalorie alingana nalawo okugijima. Lapho abafundi besilisa abaphile kahle abangama-24 behlolwa isilinganiso samandla abawasebenzisayo lapho behamba, begijima, nalapho begijima ngezivinini ezingafani, ukuhlola kwathola ukuthi “ukugijima ibanga elingaphezu kwekhilomitha nengxenye ngemizuzu eyi-8 1/2 kusebenzisa amacalorie angama-26 kuphela ngaphezu kwalawo okuhamba ibanga elingaphezu kwekhilomitha nengxenye ngemizuzu eyi-12.” Ukuhamba amakhilomitha ayi-8 ngehora kusebenzisa amacalorie ayi-124 ngebanga elingaphezu kwekhilomitha nengxenye, kuyilapho ukugijima ibanga elingaphezu kwamakhilomitha ayi-14 ngehora kusebenzisa amacalorie angama-40 kuphela ngaphezulu.
Ezinye izinzuzo zokuhamba zihlanganisa lezi ezilandelayo: Azikho izindleko ezidingekayo zezimpahla ezikhethekile (konga izicathulo ezinhle), ukuzilungiselela kusengaphambili akudingekile, futhi ukuhamba akunazo izingozi. Ungavumelana nesisho salencwajana esithi: “Ukuhamba: Indlela Engajahi, Eqinisekile Eya Empilweni Enhle.”