Imivubukulo Etholakele Ibonisa Ukuthi INkosi uDavide Yayingumuntu Ongokoqobo
NgokweBhayibheli, iNkosi uDavide yaphila ngekhulu le-11 B.C.E. futhi inzalo yakhe yabusa amakhulu eminyaka. Kodwa abanye abaphikisi bathi ukuba khona kukaDavide kumane nje kuyinsumansumane noma inganekwane eyaqanjwa abantu. Ingabe iNkosi uDavide yayingumuntu ongokoqobo ngempela?
Ngo-1993, umvubukuli uAvraham Biran nethimba lakhe bathola ucwezu lwetshe eTel Dan, enyakatho yakwaIsrayeli, olunombhalo obhekisela ‘Endlini kaDavide.’ Lo mbhalo osetsheni ubhalwe ngezinhlamvu zeSemitic yasendulo futhi owangekhulu lesi-9 B.C.E. Ubufakazi bubonisa ukuthi lo mbhalo wawuyingxenye yetshe lesikhumbuzo elalimiswe ama-Aramu, eqhosha ngokunqoba ama-Israyeli.
Isihloko esikuyi-Bible History Daily sithi: “Lo mbhalo othi ‘Indlu kaDavide’ kwakunabantu ababewushayela amakhala . . . Noma kunjalo, izazi zeBhayibheli eziningi nabavukubuli bavumelana ngokuthi ucwezu lwetshe olwatholakala eTel Dan liwubufakazi bokuthi iNkosi uDavide okukhulunywa ngayo eBhayibhelini yayingumuntu ongokoqobo ngempela. Lo mbhalo ungomunye wemivubukulo ebaluleke kakhulu iBAR [Biblical Archaeology Review] iphephabhuku le sayensi eye yabhala ngawo.”