Uhlelo Lokufunda IBhayibheli
IBhayibheli liqukethe ukuhlakanipha okukwedlula konke kwendlela esingaphila ngayo. Uma ulifunda njalo futhi ucabangisisa ngalo bese ukwenza lokho okufundayo “uyophumelela.” (Joshuwa 1:8; IHubo 1:1-3) Uzomazi uNkulunkulu neNdodana yakhe, uJesu, futhi lolo lwazi lungakwenza usindiswe.—Johane 17:3.
Ungakuhlela kanjani ukufunda izincwadi zeBhayibheli? Zikhona izindlela ongakhetha kuzo. Lesi simiso sokufunda iBhayibheli sizokusiza ukuba ufunde izincwadi zeBhayibheli ngokulandelana kwazo noma ngokwezihloko. Ngokwesibonelo ungafunda izingxenye ezithile ukuze uthole umlando wendlela uNkulunkulu asebenzelana ngayo no-Israyeli wasendulo. Ungafunda nezinye izingxenye ukuze uthole ukuthi ibandla lamaKristu ekhulu lokuqala laqala futhi lakhula kanjani. Uma ufunda izahluko ngokwamaqoqo ezihlelwe ngawo nsuku zonke, uyobe usulifunde lonke iBhayibheli ngonyaka owodwa.
Kungakhathaliseki ukuthi ufuna uhlelo lokufunda iBhayibheli nsuku zonke noma uhlelo lwabaqalayo ukufunda iBhayibheli, lesi simiso sizokusiza. Zidawunilodele lolu hlelo lokufunda iBhayibheli oluprintwayo, uqale namhlanje ukufunda.