Okuphakathi
ISONTO LANGO-JUNE 27, 2016–JULY 3, 2016
3 Lungisani Ukungaboni Ngaso Linye Ngothando
Ngenxa yokuthi asiphelele, ngezinye izikhathi singase singaboni ngaso linye nabafowethu nodadewethu. Kulesi sihloko, sizofunda ngezimiso zeBhayibheli ezingasisiza sixazulule izingxabano futhi sihlale sinokuthula nabanye.
ISONTO LANGO-JULY 4-10, 2016
9 “Hambani Niyokwenza Abantu Bazo Zonke Izizwe Babe Abafundi”
Lesi sihloko sizosisiza siqonde ukuthi kungani sithi oFakazi BakaJehova bawukuphela kwabantu emhlabeni namuhla abagcwalisa isiprofetho sikaJesu esikuMathewu 24:14. Sizofunda nokuthi kusho ukuthini ukuba “abadobi babantu.”—Mathewu 4:19.
ISONTO LANGO-JULY 11-17, 2016
15 Uzenza Kanjani Izinqumo Zakho?
Lapho wenza isinqumo, ingabe uvele wenze lokho ocabanga ukuthi kulungile? Noma ubuza abanye ukuthi kufanele wenzeni? Lesi sihloko sizochaza ukuthi kungani sizokwenza izinqumo ezingcono lapho sicabangela umbono kaJehova uNkulunkulu ngendaba.
ISONTO LANGO-JULY 18-24, 2016
21 Ingabe IBhayibheli Lisakuguqula Ukuphila Kwakho?
Kungenzeka wenza izinguquko ezinkulu ngaphambi kokuba ubhapathizwe. Kodwa ingabe ubona sengathi sekunzima kakhulu manje ukwenza izinguquko ezincane ukuze umlingise kangcono uJehova noJesu? Lesi sihloko siyachaza ukuthi kungani kungase kube nzima kangaka ukwenza lezo zinguquko nokuthi iBhayibheli lingasisiza kanjani.
ISONTO LANGO-JULY 25-31, 2016
27 Zuza Ngokugcwele Emalungiselelweni KaJehova
Kulesi sihloko, sizoxoxa ngengozi okumelwe siyigweme, sifunde nokuthi singazuza kanjani kuwo wonke amalungiselelo uJehova asenzele wona.