Okuphakathi
3 Ungakwazi Yini Ukusiza Ebandleni Lakini?
ISONTO LANGO-MAY 2-8, 2016
6 Basha—Ingabe Nikulungele Ukubhapathizwa?
ISONTO LANGO-MAY 9-15, 2016
12 Basha—Ningakulungiselela Kanjani Ukubhapathizwa?
Njengezinceku zikaJehova, sijabula kakhulu ngokuthi unyaka ngamunye kubhapathizwa abantu abalinganiselwa ku-250 000. Abaningi abathatha leso sinyathelo yintsha, futhi enye yayo ayikevi naseminyakeni eyishumi nambili. Yini eyayenza yaqiniseka ukuthi seyikulungele ukubhapathizwa? Yini eyayenza ukuze ilungiselele lesi sinyathelo? Lezi zihloko ezimbili zizophendula leyo mibuzo.
ISONTO LANGO-MAY 16-22, 2016
18 Ungaba Nengxenye Ekuqiniseni Ubunye Bethu BobuKristu—Kanjani?
UJehova uyasibusisa lapho sibambisana ekwenzeni intando yakhe. Lesi sihloko sisinikeza amacebiso awusizo endlela esingakwenza ngayo lokhu emsebenzini wokushumayela, ebandleni nasemindenini yethu.
ISONTO LANGO-MAY 23-29, 2016
24 UJehova Uqondisa Abantu Bakhe Endleleni Yokuphila
UJehova ubelokhu ebaqondisa abantu bakhe. Lesi sihloko sixoxa ngokuthi uNkulunkulu wazinikeza kanjani iziyalezo neziqondiso ezintsha njengoba izimo zabantu bakhe zazishintsha. Sizohlola nokuthi singalindela kanjani uJehova ukuba asinikeze isiqondiso.