Okuphakathi
January 15, 2016
© 2016 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
ISONTO LANGO-FEBRUARY 29, 2016–MARCH 6, 2016
3 Zimiseleni Ukuvumela ‘Uthando Lwenu Lobuzalwane Luqhubeke’!
Uthini umBhalo wethu wonyaka ka-2016? Yini okufanele sicabange ngayo lapho siwubheka phakathi nawo wonke unyaka? Lesi sihloko sizosibonisa ukuthi singazuza kanjani emBhalweni wethu wonyaka.
ISONTO LANGO-MARCH 7-13, 2016
9 Qhutshwani ‘Yisipho SikaNkulunkulu Sesihle Esingachazeki’
UJehova usiphe ‘isipho sesihle esingachazeki.’ (2 Korinte 9:15) Siyini leso sipho? Sisishukumisela kanjani ukuba silingise uKristu Jesu, sithande abafowethu futhi sibathethelele ngokusuka enhliziyweni? Ngaphezu kwezimpendulo zale mibuzo, sizohlola nezinye izinto esingazenza ngenkathi yeSikhumbuzo.
ISONTO LANGO-MARCH 14-20, 2016
14 Umoya Ufakazelana Nomoya Wethu
ISONTO LANGO-MARCH 21-27, 2016
Lezi zihloko ezimbili zizochaza ukuthi umuntu wazi kanjani ukuthi umenyiwe ukuba aye ezulwini nokuthi kusho ukuthini kulowo muntu ukugcotshwa. Sizoxoxa nangokuthi abagcotshiwe kufanele bazibheke kanjani nokuthi kufanele sisabele kanjani lapho sibona inani lalabo abadla isinkwa futhi baphuze iwayini eSikhumbuzweni lenyuka.
ISONTO LANGO-MARCH 28, 2016–APRIL 3, 2016
27 Ukusebenza NoNkulunkulu—Isizathu Sokujabula
UJehova ubehlale emema abanye ukuba basebenze naye ekufezeni injongo yakhe. Ufuna izindaba ezinhle zishunyayelwe emhlabeni wonke, futhi usimeme ukuba sibambe iqhaza kulowo msebenzi. Lesi sihloko sixoxa ngokuthi kungani ukusebenza noNkulunkulu kusilethela injabulo enkulu.
ISITHOMBE ESISESEMBOZWENI:
IMADAGASCAR
Iphayona libonisa umuntu osenqoleni edonswa yizinkomo umBhalo emgwaqweni i-Alley of the Baobabs eMorondava, eMadagascar
ABAMEMEZELI
29 963
IZIFUNDO ZEBHAYIBHELI
77 984
ABABEKHONA ESIKHUMBUZWENI