Ukugcina ISikhumbuzo NgoLwesihlanu, Ngo-April 3, 2015
NGOMGQIBELO, ngo-March 7, 2015, amabandla emhlabeni wonke aqala umkhankaso owathatha amasonto amane wokumema abantu abaningi ngangokunokwenzeka ukuba bahlanganyele kanye nathi ekukhumbuleni ukufa kukaJesu Kristu futhi balalele inkulumo ekhuluma ngokuthi ukufa kwakhe kusizuzisa kanjani. Izigidi zezimemo zahanjiswa kumuntu ngokuqondile, ngocingo noma ngeposi. Wawuzoba yini umphumela? NgoLwesihlanu, ngo-April 3, oFakazi BakaJehova bakujabulela kakhulu ukwamukela abangu-19 862 783 kulesi senzakalo esingcwele. Manje kwenziwa yonke imizamo ukuze kusizwe bonke labo ababekhona ukuba bahlanganyele ngenkuthalo nabantu bakaJehova, bakhulekele uNkulunkulu weqiniso nokuba bathole uthando lwakhe nezibusiso ezicebile.—Mika. 4:2.