I-INDONESIA
Iminyaka Engu-50 Ngiyiphayona Elikhethekile
U-Alisten Lumare
UNYAKA AZALWA NGAWO 1927
UNYAKA ABHAPATHIZWA NGAWO 1962
UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Wayengumphathi wamaphoyisa, wakhonza njengephayona elikhethekile iminyaka engaphezu kuka-50.
NGO-1964 ngabelwa njengephayona elikhethekile eManokwari, eNtshonalanga Papua, lapho ibandla laliphikiswa khona abefundisi bendawo. Ngokushesha ngemva kokuba ngifikile, umfundisi wamaProthestani wangena ngendlov’ iyangena emzini wami.
“Ngizoyibhidliza le ndlu ngibaqede nya oFakazi BakaJehova eManokwari,” esho ebhavumula.
Ngenxa yokuqeqeshwa engakuthola ngiseyiphoyisa, ukubhavumula kwakhe akungethusanga. Noma kunjalo, ngamphendula kahle, wagcina ehambe ngokuthula.—1 Pet. 3:15.
Ngaleso sikhathi kwakunabamemezeli abangu-8 eManokwari. Namuhla, ngemva kweminyaka engu-50, sekunamabandla angu-7 kule ndawo. Ngo-2014 bangaphezu kuka-1 200 abantu ababa khona emhlanganweni wesifunda. Ngizwa kuthi cosololo uma ngibona lokho uJehova akufezile kule ndawo ecezile.