Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb16 k. 101
  • Wayazisa Ingcebo Engokomoya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Wayazisa Ingcebo Engokomoya
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2016
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ungaba Umakhelwane Omuhle
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Omakhelwane Abahle—Siyabadinga
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Omakhelwane Abakahle Bawusizo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Sekuyiminyaka Engaphezu Kwengu-70 Ngithembekile KuNkulunkulu
    I-Phaphama!—2009
Bheka Okunye
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2016
yb16 k. 101

I-INDONESIA

Wayazisa Ingcebo Engokomoya

UThio Seng Bie

  • UNYAKA AZALWA NGAWO 1906

  • UNYAKA ABHAPATHIZWA NGAWO 1937

  • UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Umdala othembekile owakhuthazelela udlame lobuhlanga—Ilandiswa indodakazi yakhe uThio Sioe Nio

UThio Seng Bie

NGO-MAY 1963, kwaqubuka udlame olwalumelene namaShayina kulo lonke elaseNtshonalanga Java. Lolu dlame lwaludlange kakhulu eSukabumi, lapho umkhaya wakithi wawunebhizinisi lamaloli khona. Izixuku zabantu abase bevuke umbhejazana—kuhlanganise nabanye bomakhelwane bethu—zangena ngendlov’  iyangena ekhaya. Safofobala laphaya sesaba njengoba ababhikishi bephihliza futhi bephanga izimpahla zakithi.

Lapho ababhikishi sebehambile, abanye omakhelwane bethu beza bezosiduduza. Ubaba wahlala nabo phansi. Ezimpahleni zethu ezazicekelwe phansi, wathola iBhayibheli lakhe lesiSundane. Walivula wayesetshela omakhelwane ukuthi lezi zinto zazibikezelwe. Wabe esechaza ithemba loMbuso elijabulisayo.

Ubaba akazange agxile ekuzibekeleleni ingcebo yasemhlabeni. Wayesikhumbuza njalo: “Izinto ezingokomoya kumelwe zize kuqala!” Ngenxa yentshiseko yakhe, umama, izingane zakithi ezinhlanu, umkhulu, oneminyaka engu-90, izihlobo zakithi eziningi nomakhelwane, bonke bamukela iqiniso.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela