Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb14 kk. 14-17
  • I-JW.ORG—‘Ubufakazi Ezizweni Zonke’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • I-JW.ORG—‘Ubufakazi Ezizweni Zonke’
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingosi Yethu Esemthethweni—Ihlelelwe Ukuzuzisa Thina Nabanye
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • Sebenzisa I-jw.org Enkonzweni Yakho—“Yiba Umngane KaJehova”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2015
  • Sebenzisa Ingosi Yethu Enkonzweni—“Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
  • Usizo Lukhona
    I-Phaphama!—2020
Bheka Okunye
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2014
yb14 kk. 14-17
Isithombe ekhasini 14

IMIBIKO EVELELE YONYAKA ODLULE

I-JW.ORG—‘Ubufakazi Ezizweni Zonke’

UJesu wathi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Math. 24:14) Ingosi ethi jw.org iye yaba ithuluzi eliwusizo ekufinyeleleni abantu ‘bazo zonke izizwe’ kulesi sikhathi esincane esisele ngaphambi kokuphela.

Umbhangqwana oyizithunywa zevangeli eSolomon Islands wawushumayela endaweni engasolwandle okudotshwa kuyo lapho uhlangana namakhehla amane. Waphawula ukuthi la makhehla ayenomakhalekhukhwini, wabe usuwabuza ukuthi ayakwazi yini ukusebenzisa i-Internet. Athi ayakwazi. Lo mbhangqwana wabe usuwabonisa indlela yokusebenzisa ingosi ethi jw.org, indlela yokuthola ulimi lwawo, indlela yokudawuniloda omagazini neBhayibheli kanye nendlela yokusebenzisa ingxenye ethi imikhaya nezingane. Lapho lezi zithunywa zevangeli zishumayela ziyakujabulela ukubonisa izingane i-video yesiNgisi ethi “Pray Anytime.” Ngemva kokuba elinye iqembu lezingane ezijabulile libukele le video, lagijimela ehlathini licula lithi: “Anytime, anywhere, I can pray . . . ”

Isithombe ekhasini 17

E-Ulaanbaatar, eMongolia

Izincwadi ezilandelayo zokubonga zingezimbalwa kweziningi eziye zafika endlunkulu yethu yomhlaba wonke eNew York:

“Mina nomyeni wami sathuthela eMexico, futhi sizama ukufunda iSpanishi ukuze sishumayeze abantu esihlangana nabo. Njalo lapho ngisebenzisa i-jw.org, ngibonga uJehova ngoba iye yangisiza ngakwazi ukulalela nokufunda. Kuningi okutholakala kuyo​—omagazini, izincwadi, umculo namadrama​—ngezilimi eziningi. Ngiyabonga ngomsebenzi onzima eniwenzayo futhi ngiyanithanda.”​—UD.H., waseMexico.

“Ngingumuntu ongaboni kahle, ngiyithanda kakhulu ingosi yenu ngoba kuningi okuqoshiwe engingakulalela kuyo. Nginibhalela ngenjongo yokunikhuthaza ukuba niqhubeke nifaka izincwadi, izincwajana nezinye izinto ezilalelwayo ezengeziwe, ngoba ngizilalela usuku lonke.”​—UK.G, e-United States.

“Ngiyayithanda i-jw.org! Isebenziseka kalula futhi ingenze ngasikhuthalela kakhulu isifundo somuntu siqu nenkonzo yami. Ngineminyaka engu-72, sekuphele iminyaka engu-47 ngabhapathizwa, ngaphayona engaphezu kuka-30. Nginezingane ezingu-9 ezibhapathiziwe, nabazukulu abangu-16 nezingane ezintathu ezizalwa abazukulu. Emndenini wethu sinezizukulwane ezine ezingamaphayona avamile. Ngiyambonga uJehova ngalokhu kudla okungokomoya okufike ngesikhathi.”​—UM.T., e-United States.

“Njengoba ngibhala le ncwadi yihora lesine ekuseni. Ngivame ukuqwasha ebusuku ngoba nginesifo sokuqina kwamalungu omzimba nezinye izifo, njengoba kunjalo nangabanye abafowethu nodadewethu emhlabeni wonke. UJehova uyaqhubeka esinakekela ngokomoya ngendlela emangalisayo, kungakho nginibhalela le ncwadi ukuze nginibonge. Izithombe zingenza ngicabange kalula, yingakho ngikuthanda ukubukeka kwale ngosi. Imidwebo, ama-video amafushane nezithombe kanye nokukhulunyelwa kwazo okucacile ngikwazisa kakhulu.”​—UB.B., eNew Zealand.

“Ngithi anginibhalele ukuze ngibonge. Ngingudokotela osebenza emaphandleni aseSri Lanka lapho ngingakwazi ukuthola khona omagazini ngolimi lwami. Kodwa ngenxa yengosi yenu sengiyakwazi ukubadowuniloda nokubafunda ngolimi lwami. Ingosi yenu iyisipho esiyigugu uJehova asinike abantu abanjengami.”​—UN.F., eSri Lanka.

“Ngibhala le ncwadi ukuze nginibonge ngomsebezi wenu onzima wokusiza abantu bazi ngoJehova. Ngicela niqhubeke nenza ama-video kuyi-jw.org. Lawo ma-video asiza umndeni wami ukwazi ukuphila nezinkinga. Engisize kakhulu yile ethi “Beat a Bully Without Using Your Fists [Yilwa Nesiqhwagwa, Kodwa Ungalwi Ngesibhakela].” Ngizophinda futhi nginibonge ngomsebenzi wenu onzima.”​—UY.S. oneminyaka engu-9, e-United States.

“Ngithanda ukubonga uJehova kanye nani ngokudla okungokomoya. Ingosi ethi jw.org iye yangisiza kakhulu, ikakhulukazi ingxenye ethi ‘Intsha.’ Ngayaluthanda nochungechunge oluthi “Yiba Umngane KaJehova.” Nginodadewethu abancane abathathu futhi lolu chungechunge luye lwaba nethonya elihle kubo. Nakuba siqhelelene kakhulu, uthando sonke esinalo ngoJehova lusenza sibe nobunye. Ngiyabonga.”​—U-A.B., ePeru.

Amanani Nemininingwane Nge-JW.ORG

  • 316 Izilimi etholakala ngazo le ngosi

  • 220,000+ Amakhasi ale ngosi

  • 600 Izilimi ezinezincwadi ezingadawunilodeka

  • 130 Izicelo zezifundo zeBhayibheli usuku ngalunye emazweni angaphezu kuka-230

  • Izigidi ezingu-5+ Ama-video abukelwa inyanga ngayinye

  • Izigidi ezingu-1,5 Okudawunilodwayo usuku ngalunye

  • 900,000+ Abasebenzisa le ngosi usuku ngalunye emazweni angaphezu kuka-230

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela