Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb14 kk. 112-113
  • Izinhlangano Eziyimfihlo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izinhlangano Eziyimfihlo
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2014
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2014
yb14 kk. 112-113

ISIERRA LEONE NEGUINEA

Izinhlangano Eziyimfihlo

IZINHLANGANO eziyimfihlo ziningi kakhulu kulo lonke elaseNtshonalanga Afrika futhi zitholakala kuzo zonke izizwe, amasiko nezilimi. Zilawula ezenhlalo, imfundo nezombusazwe zamalungu azo. Kepha indima yazo eyinhloko ukulawula ezenkolo. Ezimbili ezinkulu kunazo zonke i-Poro (yamadoda) ne-Sande (yomame).a Ngokwesibonelo, inhlangano i-Poro ilwela “ukulawula imimoya futhi iqiniseke ukuthi abantu bayazuza ngokungenela kwayo ekuphileni kwabo.”​—Initiation, 1986.

Isithombe esigcwele ikhasi emakhasini 112, 113

Amalungu amasha e-Poro afundiswa izimfihlo zezwe lemimoya namandla okuthakatha futhi ayagcatshwa emizimbeni. Omame abangamalungu amasha e-Sande nabo bayafundiswa amasiko ezwe lemimoya, bathenwe nezitho zangasese, nakuba lo mkhuba usuyekwa kwezinye izindawo.

Ezinye izinhlangano eziyimfihlo zilawula indlela abantu abaziphatha ngayo ngokobulili futhi zisebenzisa amakhambi emimoya zizame ukwelapha isifo sokugula ngekhanda noma ezinye izifo. Ngesikhathi sempi yombango eSierra Leone, enye inhlangano eyimfihlo yathi amalungu ayo awangenwa izinhlamvu zesibhamu. Yayingekho leyo nto.

Amalungu alezi zinhlangano awavunyelwe ukutshela abantu abangekho kulezi zinhlangano ulwazi oluthile namasiko ayo. Umuntu ongayilaleli imithetho nenkambiso yalezi zinhlangano usuke ezimbela igodi.

a Kwezinye izindawo i-Sande yaziwa ngokuthi i-Bondo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela