Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb14 k. 105
  • Babefuna Ukuyibukela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Babefuna Ukuyibukela
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2014
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2014
yb14 k. 105

ISIERRA LEONE NEGUINEA

Babefuna Ukuyibukela

Isithombe ekhasini 105

NGO-1956, abazalwane baseFreetown babukisa ifilimu ethi The New World Society in Action. Babika:

“Siqashe ihholo elikhulu kunawo wonke eFreetown futhi sasakaza izimemo eziyinkulungwane. Besizibuza ukuthi kuzofika abantu abangaki. Sekusele imizuzu engu-30 ngaphambi kokuba ifilimu iqale, kwakusafike abantu abangu-25 nje kuphela. Ngemva kwemizuzu engu-15, kwafika abanye abayikhulu. Ngokushesha zonke izihlalo ezingu-500 zase zigcwele. Abanye abayikhulu bavuma ukuma. Abanye abangu-500 bama ngaphandle ngoba sekugcwele ngaphakathi. Ingabe babezovuma ukulinda bangene uma sekuphume abokuqala? Bathi: ‘Yebo.’ Ngempela balinda, nakuba lalina.

Njengoba iminyaka iqhubeka, abantu abangaphezu kuka-80 000 kulo lonke elaseSierra Leone baye bayibukela le filimu namanye amnandi.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela