Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb13 kk. 174-177
  • Eminyakeni Eyikhulu Edlule Ngo-1913

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Eminyakeni Eyikhulu Edlule Ngo-1913
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2013
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Eminyakeni Eyikhulu Edlule​—Ngo-1914
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2014
  • Ukholo LwamaKristu Luyovivinywa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Izindlela Zokushumayela—Basebenzisa Zonke Izindlela Ukuze Bafinyelele Abantu
    UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa!
  • Intuthuko Yabo Nokwanda Kwabo Namuhla
    OFakazi BakaJehova—Bangobani? Yini Abayikholelwayo?
Bheka Okunye
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2013
yb13 kk. 174-177
[Isithombe emakhasini 174, 175]

Eminyakeni Eyikhulu Edlule Ngo-1913

INqabayokulinda yesiNgisi ka-January 1, 1913, yenanela inkulumo edumile lapho icaphuna intatheli yaseMelika uHerbert Kaufman: “Inkulumo ethi ‘ngeke kwenzeke’ isiyisidala manje . . . Cishe zonke izinto zangaphambili ezazingamaphupho sezenzeka ngokoqobo manje.” Ngo-1913 abantu baba namathemba amakhulu ngekusasa labo.

Esinye sezizathu zokuba naleli themba kwakuwukuthuthuka kwezobuchwepheshe. Ngokwesibonelo, e-United States inkampane yezimoto ebizwa ngokuthi iFord Motor Company yavula inkampane entsha eHighland Park, eMichigan. Intengo yemoto yavele yehla kakhulu ngokukhulu ukushesha, okwenza baba baningi kakhulu abantu ababengaba nezimoto. Kwenzeka kanjani ukuba intengo yehle? Le mboni entsha yayisinendlela esheshayo yokwakha izimoto eziningi. Lokhu kwenza abakwaFord bakwazi ukwakha imoto yabo edumile yohlobo lweModel T ngesikhashana esincane, okwehlisa intengo yazo.

Abantu bakaJehova nabo babenethemba, kodwa-ke bona ngezizathu ezihlukile. Kwase kuyisikhathi eside abaFundi BeBhayibheli bememezela ukuthi u-1914 uyoba unyaka obalulekile emlandweni futhi kukhulu ababekulindele. Ukusebenza kwabo ngentshiseko kwabonisa ukuthi babengeke behlise umfutho njengoba lowo nyaka wawusondela.

[Ishadi ekhasini 177]

Iposikhadi: UHambo Olunqamula Amazwekazi LukaPastor Russell

Ngo-June 1913 uchungechunge lwemihlangano lwaqala ngomhlangano wosuku olulodwa eKansas City, eMissouri, e-U.S.A. Emasontweni amane alandela isitimela esiqashiwe sathutha abafowethu nodade abangaphezu kuka-200 sibayisa entshonalanga ye-United States naseCanada. Emhlanganweni ngamunye, ababeqala ukuba khona banikwa ithuba lokucela ukwaziswa okwengeziwe. Kwasabela inqwaba futhi kamuva abaFundi BeBhayibheli bahambela abathakazelayo.

Ngo-1913 izisebenzi zasendlunkulu yaseBrooklyn zazimatasa zenza i-“Photo-Drama of Creation.” Kwakuwuhlelo lwamahora angu-8 lwezinkulumo zeBhayibheli eziqoshiwe kanye nomculo kuhambisana nezithombe ezinyakazayo ezinemibala. AbaFundi BeBhayibheli babethemba ukuthi i-“Photo-Drama” iyosetshenziselwa ukufinyelela izigidi zabathakazelayo. Nakuba ngaleso sikhathi babecishe babe ngu-5 100 kuphela abamemezeli bezindaba ezinhle, kwathiwa injongo yayo ukuba “ibukiswe abantu abaningi ngangokunokwenzeka emhlabeni wonke.”

Kwakuzokwenzekani ngo-1914? Yayizokwamukelwa kanjani le-“Photo-Drama”? Kwakuzokwenzekani ekwindla, ekupheleni kweZikhathi ZabeZizwe? AbaFundi BeBhayibheli babezibheke ngabomvu izimpendulo zale mibuzo, beqiniseka ngokuthi uJehova uzobasekela.

IMpi Enkulu eyayisondela, kamuva eyabizwa ngokuthi iMpi Yezwe  I, yayizowaqeda nya amathemba abantu. Ukuthuthuka kwezobuchwepheshe kwakungeke kube isixazululo sezinkinga zabantu. Unyaka olandelayo wawuzoba nezinguquko ezinkulu kubaFundi BeBhayibheli—nasemhlabeni wonke.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela