Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo
BoFakazi BakaJehova Abathandekayo Esikanye Nabo:
Yeka ukuthi izikhathi ezivusa amadlingozi kanjani lezi! Yeka injabulo esinayo! Sikujabulela ngempela ukusebenzisana nani bafowethu nodade esibathandayo—“silinganisene ihlombe nehlombe”—ekunikezeni ubufakazi obukhulu kunabo bonke kuBaba wethu wasezulwini uJehova.—Zef. 3:9; Joh. 14:12.
Intokozo esinayo ekukhonzeni uJehova ayisho ukuthi asinazo izingqinamba. Onyakeni wenkonzo odlule, abanye benu baye bahlupheka ngenxa yokuzamazama komhlaba, izikhukhula, iziphepho nezinye izinhlekelele zemvelo ezisongela ukuphila. (Math. 24:7) Abaningi bashukwa imiphumela ebagogayo yezifo nokuguga. Sonke kumelwe sibhekane ‘nemihelo yokucindezeleka.’ (Math. 24:8) Emazweni amaningi, ahlanganisa ne-Armenia, i-Eritrea neNingizimu Korea, abafowethu abaningi baboshelwe ukholo lwabo.—Math. 24:9.
Yini esisizile saba nesimo esihle ngalezi zingqinamba? Isihloko sonyaka ka-2010 siye sasikhumbuza isici esibalulekile: ‘Uthando lukhuthazelela zonke izinto. Uthando alusoze lwaphela nanini.’ (1 Kor. 13:7, 8) Yebo, uthando esithandana ngalo—nothando esithanda ngalo uJehova—lusiqinisela ukuba sikwazi ukukhuthazela.
Abaningi abathi bangamaKristu bamangazwa ubukhulu bomsebenzi wethu wokushumayela nokungashintshashintshi kwawo. Nakuba bengase baphikisane nezinkolelo nezimfundiso zethu, abanye baye balikhipha ngomlomo, “Nina nenza umsebenzi obekufanele wenziwe yithina!” Yini le eyenza oFakazi BakaJehova baqhubeke beshumayela usuku nosuku? Nalapha futhi, impendulo ithi uthando. NjengoBaba wethu wasezulwini, asifuni kubhubhe namunye. (2 Pet. 3:9) Isifiso sethu sokuba bonke baphenduke sibonakala enanini elisha labamemezeli abangu-7 508 050 ngonyaka wenkonzo odlule. Yiliphi elinye iqembu lenkolo elinezikhonzi eziningi kangaka ezenza lo msebenzi wothando, ezizinikela ngokuzithandela ukuba zisize abanye ngokomoya?
Sikhuthazwa ukuba sibone ukugcwaliseka okuqhubekayo kwesiprofetho sika-Isaya: “Engxenyeni yokugcina yezinsuku intaba yendlu kaJehova iyomiswa iqine ibe ngaphezu kwesiqongo sezintaba, futhi ngokuqinisekile iyophakanyiswa ngaphezu kwamagquma; zonke izizwe ziyogobhozela kuyo.” (Isaya 2:2-4) Phakathi kwalesi sixuku esikhulu esigobhozela endlini kaJehova, kunabangu-294 368 ababhapathizwa kulo nyaka wenkonzo odlule. Siyabamukela laba bantu abayigugu. Kwangathi uthando lwethu lobuKristu lungasishukumisela ukuba siqhubeke sibasiza ukuba bavike amagalelo esitha sethu, uSathane uDeveli.—1 Pet. 5:8, 9.
Inani eliphakeme ukuwedlula wonke labangu-18 706 895 ababeseSikhumbuzweni ngoLwesibili, ngo-March 30, 2010, libonisa ukuthi kusenezinye izigidi ezingase zihlanganyele nathi ekukhulekeleni uJehova. Yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi uJehova akakasiqedi lesi simiso sezinto esonakele! Okwamanje, uthando lwethu luyasisiza siqhubeke sikhuthazela.—2 Thes. 3:5.
IMihlangano Yesigodi ethi “Hlala Useduze NoJehova!” iningi layo elaqhutshwa emhlabeni wonke phakathi no-2010, yaqinisa ubuhlobo bethu noBaba wasezulwini, uJehova. Yeka indlela ayiqiniso ngayo amazwi omhubi: “Bayajabula abantu abaNkulunkulu wabo nguJehova!” (IHu. 144:15) Kungakhathaliseki ukuthi ikusasa liza nani, siyaqiniseka ukuthi uma sinoJehova, asinalutho nhlobo lokulwesaba. (IHu. 23:4) Ngokushesha, uJehova, ngeNdodana yakhe, ‘uzobhidliza imisebenzi kaDeveli.’ (1 Joh. 3:8) Asive silulangazelela lolo suku! Kodwa lungakafiki, sinomsebenzi omningi ozosigcina simatasa.—1 Kor. 15:58.
Qinisekani ngokuthi sinibeka “ngokungaphezi” emikhulekweni yethu. (Roma 1:9) Kwangathi ‘ningazigcina othandweni lukaNkulunkulu, nibe nilindele isihe seNkosi yethu uJesu Kristu ninombono wokuphila okuphakade.’—Jude 21.
Siyanithanda nonke!
Abafowenu,
INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova