Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb09 kk. 3-5
  • Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2012
  • Niyemukelwa Endleleni Yokuphila Engcono Kakhulu!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2001
  • Ingabe Usukulungele Ukubhapathizwa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
Bheka Okunye
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2009
yb09 kk. 3-5

Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

BoFakazi BakaJehova Abathandekayo Esikanye Nabo:

Yeka ukuthi kuyinjabulo kangakanani ukunibhalela bafowethu abathandekayo! Sizizwa njengomphostoli uJohane, owathi ‘ubathanda ngempela’ akholwa nabo futhi wajabula ngokuthi ‘babehamba eqinisweni.’ (2 Joh. 1, 4) Oh, yeka ukuthi iqiniso liyisibusiso kanjani kithi sonke! Lisikhululile eBhabhiloni Elikhulu nasezimfundisweni zalo nasemasikweni alo angamhloniphi uNkulunkulu. Ukulalela kwethu uNkulunkulu kuye kwasisiza saba abantu abanothando, umusa nesihe. Iqiniso futhi liye lasivulela indlela yokuba sibe nokuma okuhlanzekile phambi kukaNkulunkulu nethemba lokuphila phakade.

Yeka indlela esibonga ngayo nangomoya kaJehova osiqondisayo nosiqinisa nsuku zonke! Siyaqiniseka ukuthi nikujabulele ukuhlola izici ezihlukahlukene zaleli lungiselelo lothando elivela kuJehova eMihlanganweni Yesigodi yamuva ethi “Ukuqondiswa Umoya Ongcwele.” Njengoba izimo zezwe ziya ziba zimbi nakakhulu, kubalulekile ukuba sithembele emoyeni onamandla kaJehova ukuze usiqondise phakathi nezinsuku ezibucayi eziseza.

Siyaqiniseka ukuthi izinhliziyo zenu ziye zathinteka lapho nifunda izindaba ezivusa amadlingozi eNcwadini Yonyaka ngabafowethu abaye bakhuthazelela ukuhlupheka okukhulu ngenxa yokholo lwabo. Kuyamangaza ukucabanga ukuthi abaningi balaba abathembekile babenesikhathi esifushane bebhapathiziwe ngesikhathi kuqubuka ubunzima, noma babengakabhapathizwa nhlobo. Asive sibathanda ngenxa yokwethembeka nokumelela kwabo ukulunga! Isibonelo sabo esihle sikuqinisa ngempela ukuzimisela kwethu ukuba siqhubeke siqotho eMbusweni kungakhathaliseki ukuthi yibuphi ubunzima esingabhekana nabo.—1 Thes. 1:6-8.

Siyazi bafowethu nodade abathandekayo ukuthi kunezinkinga eziningi zomnotho nezinkinga zokuphila okumelwe nibhekane nazo ukuze nigcine imikhaya yenu ihlanganiswe uthando. Kwabanye benu, kuyinselele ngisho nokuwusekela njalo nangokwethembeka umsebenzi wokushumayela ngoMbuso kanye neminye imisebenzi ebalulekile yebandla. Yingakho, ngemva kwemithandazo nezingxoxo eziningi, siye senza ushintsho emihlanganweni yebandla kusukela ngo-January 1, 2009. Siyethemba ukuthi nizowasebenzisa ngokuhlakanipha la malungiselelo ukuze nichithe isikhathi esengeziwe esifundweni somuntu siqu nasesifundweni somkhaya.

Emihlanganweni emincane nemikhulu ehlukahlukene kulo nyaka, kujabulise ngempela ukubona abaningi kangaka abaye bafanelekela ubhapathizo. Phakathi kwabo bekunabancane kakhulu ngeminyaka. Bazali, kumelwe ninconywe ngokukhulisa izingane zenu zibe nokwazisa ngeqiniso nokuzikhuthaza ukuba zizinikezele ukuba zikhonze uJehova zisencane. Ukuthi leyo ntsha ethandekayo iye yabhekana nezinselele eziningi esikoleni kodwa yakwazi ukufanelekela ubhapathizo kutshengisa ukuthi iqeqeshwe kahle emakhaya.—IHu. 128:1-6.

Okungafanele sikukhohlwe yintuthuko encomekayo yezifundo zeBhayibheli—futhi izithunywa zethu zevangeli ezisebenza kanzima namaphayona akhethekile baye baba nengxenye enkulu kulokhu. Sonke njengamalungu eNdikimba Ebusayo siyazisa kakhulu ingxenye efezwa abafowethu nodade emhlabeni wonke ekutheni “Woza!” kulabo abanhliziyo ziqotho, bemema bonke abomile ukuba ‘bathathe amanzi okuphila ngesihle.’ (IsAm. 22:17) Sibamukela ngemfudumalo ebuzalwaneni bomhlaba wonke abangu-289 678 abaye babonisa ukuzinikezela ngobhapathizo kulo nyaka odlule!

Kuhle sihlale sizikhumbuza amazwi omphostoli uJohane, owabhala: “Izwe liyadlula, kanjalo nesifiso salo, kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.” (1 Joh. 2:17) Sikhumbule nokuthi siphila eduze kakhulu nesikhathi ‘elizodlula ngaso leli zwe’! Yeka ukuthi kuwukuhlakanipha kangakanani ukugxilisa ukuphila kwethu ekwenzeni intando kaNkulunkulu futhi ‘sihlale silindile.’ (Math. 24:42) Asisoze sazisola uma senza kanjalo, futhi siyothola izinzuzo zomusa wothando kaJehova.—Isaya 63:7.

Sethemba ukuthi izindaba ezishukumisayo eziphuma emazweni amaningi ezikule Ncwadi Yonyaka zizonikhuthaza nonke ukuba nibeke izithakazelo zoMbuso kuqala ekuphileni kwenu. Sifuna ukuniqinisekisa ngokuthi sihlale sinicabanga futhi sinithandazela nokuthi sinithanda kakhulu. Kwangathi uJehova anganithululela izibusiso ezicebile.

Abafowenu,

INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela