Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb08 kk. 3-5
  • Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Incwadi YeBhayibheli Yama-52—1 Thesalonika
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • Hlala Useduze Nenhlangano KaJehova
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
  • Qhubekani “Nakhana”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2003
Bheka Okunye
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2008
yb08 kk. 3-5

Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

BoFakazi BakaJehova Abathandekayo Esikanye Nabo:

Umphostoli uPawulu wayebamba wonke amathuba avelayo ukuze atshele ayekholwa nabo ukuthi uyabathanda futhi uyabazisa. Wabhalela amaKristu aseRoma: “Ngibonga uNkulunkulu wami ngoJesu Kristu ngokuphathelene nani nonke, ngoba ukholo lwenu kukhulunywa ngalo kulo lonke izwe.” (Roma 1:8) Yebo, kulo lonke eloMbuso WaseRoma, lawo maKristu ekhulu lokuqala ayaziwa ngokholo lwawo oluqinile kanye nomsebenzi wawo wokushumayela ngentshiseko. (1 Thes. 1:8) Shono nje uPawulu ayebathanda ngokujule kangaka abafowabo!

NjengoPawulu, sibonga uJehova njalo nje lapho sicabanga ngani. Sinithanda kakhulu nonke! Futhi qinisekani ngokuthi uJehova uthanda ngamunye wenu. Abanye benu babhekene nokuphikiswa okunzima, kepha niyaqhubeka nishumayela. Yeka indlela umoya wenu wesibindi nokungesabi okumelwe ukuba uyijabulisa ngayo inhliziyo kaJehova!—IzAga 27:11.

Njengoba ufundisisa futhi uzindla ngengxenye ethi “Izenzo ZoFakazi BakaJehova Ezikhathini Zanamuhla” kule Ncwadi Yonyaka ethakazelisayo neqinisa ukholo, uzobona ubufakazi obuningi bokuthi iNkosi uJesu Kristu ‘iyanqoba futhi iphelelisa ukunqoba kwayo’ nokuthi noma isiphi isikhali esiyokwakhelwa abalandeli bakaKristu ngeke siphumelele.—IsAm. 6:2; Isaya 54:17.

UPawulu wabhalela amaKristu aseFilipi: “Ngibonga uNkulunkulu . . . ngenxa yomnikelo eniwenzele izindaba ezinhle.” (Fil. 1:3-5) Nathi njengamalungu eNdikimba Ebusayo sizizwa ngendlela efanayo ngani. Phakathi nonyaka wenkonzo ka-2007, abamemezeli abangu-6 691 790 bachithe ingqikithi yamahora angu-1 431 761 554 beshumayela izindaba ezinhle emazweni angu-236 emhlabeni kabanzi. Yeka umnikelo omkhulu eniwenzayo ekusakazeni izindaba ezinhle! Cabangani ngamakhulu ezinkulungwane zabantu abaye bathintwa imizamo yenu ehlangene, kwaba udumo kuJehova!

Ngesinye isikhathi, umphostoli uPawulu wabonisa ukuthi wayenozwela olukhulu ngabafowabo. Wabhalela abaseThesalonika: ‘Sikukhumbula ngokungaphezi ukukhuthazela kwenu ngenxa yethemba eninalo eNkosini yethu uJesu Kristu phambi kukaNkulunkulu noBaba wethu.’ (1 Thes. 1:2, 3) Yebo, ukuphila kunezinselele. Izinkinga ziyaphakama, kodwa kubalulekile ukuba sikhuthazele. Iziphi izinkinga wena obhekene nazo? Ingabe udangele ngenxa yokuthi ukugula okungathí sina kwenze kwalinganiselwa okwazi ukukwenza enkonzweni kaJehova? Ingabe umngane wakho womshado omthandayo weminyaka eminingi ube isisulu sesitha esingadeli, iShiyoli? (IzAga 30:15, 16) Ingabe kubonakala kunhlanga zimuka nomoya njengoba ufuna umngane womshado othanda uJehova njengawe, kuyilapho uqhubeka unamathela ngokwethembeka esiyalweni esingokomBhalo sokushada kuphela eNkosini? (1 Kor. 7:39) Ingabe uzama kanzima ukukhulisa abantabakho naphezu kwezimo zomnotho ezinzima? Kungakhathaliseki ukuthi yikuphi obhekene nakho, uma uqhubeka ubeka izithakazelo zoMbuso kuqala, ungaqiniseka ukuthi uJehova akasoze ‘akhohlwa umsebenzi wakho nothando owalubonisa kulo igama lakhe.’ Siyanicela bafowethu nodadewethu, ‘ningayeki ukwenza okuhle’!—Heb. 6:10; Gal. 6:9.

Yini eyokwenza ukwazi ukukhuthazela? NjengabaseThesalonika, ukuba ‘nethemba eNkosini yethu uJesu Kristu.’ Ngesizathu esizwakalayo, uPawulu wabuye waqhathanisa “ithemba lensindiso” nesigqoko sokuzivikela esinganyakazi, esikwazi ukuvikela umKristu emicabangweni eqeda amandla nasekungabazeni okubeleselayo.—1 Thes. 5:8.

Ngempela, ngokukhuthazela ngenjabulo, unikeza impendulo ekuklolodeni kukaSathane endabeni enkulu yobukhosi bendawo yonke. USathane uthi izinceku zikaNkulunkulu zizalwa zinobugovu futhi nakuba zingase zimkhonze isikhathi esithile, intshiseko yazo ekumkhulekeleni iyoncipha uma izilingo zanda noma lapho lesi simiso siqhubeka isikhathi eside kunalokho ebezikulindele. Wena unelungelo lokumembula izinqe uDeveli njengomqambimanga onyanyekayo anguye! Usuku ngalunye ekuphileni kwakho lukusondeza ekubeni ubone ithemba lakho ligcwaliseka.

Njengoba uPawulu abamba amathuba ukuze atuse abafowabo ngokholo lwabo olungenakuzanyazanyiswa, ngokuba neqhaza kwabo emsebenzini wokushumayela kanye nokukhuthazela kwabo, nathi siyakujabulela ukunitusa nokuniqinisekisa ngothando lwethu ngani. Phambili nomsebenzi omuhle!

Kwangathi lo nyaka ungachichima izibusiso ezicebile ngokomoya. Sinifisela izilokotho ezinhle,

Abafowenu,

INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela