Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo
NJENGOJESU, sithandaza ngobuqotho kuNkulunkulu: “Malingcweliswe igama lakho.” Isifiso sethu esinamandla sokuphila ngokuvumelana nalo mthandazo sibonakala ngendlela esiphila ngayo njengoFakazi BakaJehova. Yebo, kufuneka okukhulu kithi kunokumane sazi igama likaNkulunkulu. Kumelwe sisebenzise noma yiliphi ithuba ukuze silikhazimulise. Ngempela, ilungelo elikhulu kunawo wonke esingaba nalo elokubizwa njengomunye woFakazi BakaJehova.—Math. 6:9; Isaya 43:10.
Ngokuvumelana neHubo 110:3, abantu bakaJehova bahlanganyela ngokuzithandela emsebenzini uJehova athe mawenziwe. Kungani abantu babo bonke ubudala nezizinda bezikhandla emsebenzini wokushumayela? Ngokuyinhloko, kungenxa yothando lwabo ngoNkulunkulu nokuzinikezela kwabo kuye. UDuteronomi 6:5, 6 usiyala ukuba sithande uJehova ‘ngayo yonke inhliziyo yethu, umphefumulo, namandla.’ Lolu thando olusuka enhliziyweni lusishukumisela ukuba sisebenzise isikhathi sethu, amandla, nezinto zethu ukuze sithuthukise izithakazelo zoMbuso kaNkulunkulu, okuhilela nokuhlanganyela ngokugcwele enkonzweni, kuye ngezimo zethu.
Uthando lukaJehova ngesintu yilo olumenze wakhipha isiqondiso sokuba izindaba ezinhle zoMbuso wakhe zimenyezelwe kuwo wonke umhlaba. Akafuni kubhubhe namunye kodwa ufisa ukuba bonke baphenduke ezindleleni zabo ezinhlanhlathayo, babuyele kuMdali wabo benombono wokuphila. (2 Pet. 3:9) UJehova uthi: “Angijabuli ngokufa komubi kodwa ngokuba omubi abuye endleleni yakhe futhi empeleni aqhubeke ephila.” (Hez. 33:11) Lapho sisenkonzweni, siwubufakazi obubonakalayo bothando uJehova analo ngabantu. Ngokuqinisekile, leli qiniso linomthelela enjabulweni nasekwanelisekeni esikutholayo lapho sihlanganyela kulo msebenzi obalulekile.
Uthando lwethu olujulile ngoJehova lubonakala nasendleleni esibheka ngayo iZwi lakhe eliphefumulelwe, imiBhalo Engcwele. Ngaphandle kweBhayibheli, besingeke simazi uNkulunkulu futhi sisondele kuye, njengoba simenywa ukuba senze kanjalo kuJakobe 4:8. Besingeke sazi nokuthi kungani silapha nokuthi ikusasa lisiphatheleni. Besingeke sazi ukuthi ukhokho wethu wokuqala u-Adamu nguye imbangela yezinkinga zethu. (Roma 5:12) Besingeke sazi nangothando olukhulu lukaNkulunkulu ngokunikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa njengesihlengo sethu. UJehova uhlanganyela nathi ulwazi, ukuhlakanipha nokuqonda kwakhe ngezinye izindlela eziningi. Yeka ukuthi sisazisa kangakanani isipho asinike sona, iZwi lakhe eliphefumulelwe ngomoya! Ukusazisa kwethu lesi sipho kusenza ‘sithengisise ithuba’ lokufunda, ukutadisha nokuzindla ngamazwi akhe. (Efe. 5:15, 16; IHu. 1:1-3) Akufanele nanini sisikhalele isikhathi sokufunda iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke. Kunalokho, uthando lwethu ngoNkulunkulu kufanele lusidonsele eZwini lakhe, lusenze simqonde ngokwengeziwe, lujulise nothando lwethu ngaye.
Sifundile eBhayibhelini ukuthi ngenkathi u-Adamu ona kuJehova, wafaka yonke inzalo yakhe, kuhlanganise ngamunye wethu, esimweni esidabukisayo nesingenathemba. Nokho, uNkulunkulu wayengasikhulula isintu, futhi yilokho akwenza, wathatha izinyathelo zokuqinisekisa ukuthi injongo yakhe ngalo mhlaba iyofezeka.—Gen. 3:15.
Ngokungangabazeki, ngamunye wethu unesifiso esinamandla sokungcwelisa igama elihle kakhulu likaNkulunkulu wethu. Njengoba lukhula ulwazi lwethu lokuthi uJehova unguNkulunkulu omuhle kangakanani, sishukumiseleka ukuba sibambisane naye nenhlangano yakhe ekwenzeni igama lakhe elikhulu nenjongo yakhe kwaziwe. Singaqiniseka ngomusa wakhe nesibusiso sakhe manje, kanye nekusasa laphakade emhlabeni omusha.
Thina malungu eNdikimba Ebusayo sifisa ukuniqinisekisa ngothando esinalo ngani bafowethu nodadewethu. Sifisa nazi ukuthi siyazisa ngokujulile imizamo yenu emihle yokusebenzisa isikhathi esisele ngaphambi ‘kosizi olukhulu’ ukuze nifinyelele abantu abaningi ngangokunokwenzeka ngezindaba ezinhle. (IsAm. 7:14) Ngokwenza kanjalo, nibanikeza ithuba nani enilitholile, lokungenisa ulwazi ngoNkulunkulu nangoKristu oluholela ekuphileni okuphakade.—Joh. 17:3.
Abafowenu,
INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova
[Isithombe ekhasini 4]
Carey W. Barber
[Isithombe ekhasini 4]
John E. Barr
[Isithombe ekhasini 4]
Samuel Herd
[Isithombe ekhasini 4]
Geoffrey Jackson
[Isithombe ekhasini 5]
Theodore Jaracz
[Isithombe ekhasini 4]
Stephen Lett
[Isithombe ekhasini 5]
Gerrit Lösch
[Isithombe ekhasini 5]
Anthony Morris III
[Isithombe ekhasini 5]
Guy Pierce
[Isithombe ekhasini 5]
David Splane