Umbiko Womhlaba Wonke
◼ E-ASIA NASEMPUMALANGA EPHAKATHI
Inani lamazwe: 47
Inani labantu: 3 896 182 946
Inani labamemezeli: 582 360
Inani lezifundo zeBhayibheli: 453 069
EKyrgyzstan: USvetlana, iphayona elisizayo, wayelokhu engatholi muntu komunye umuzi ensimini. Ngelinye ilanga edlula ngakhona, wazitshela ukuthi akusizi ukungena ngoba ngeke athole muntu. Kodwa wanquma ukusale esengena futhi wamangala uma ethola intombi ethile. Yajabula uma ibona uFakazi kaJehova, yamtshela ukuthi yayike yafundelwa kodwa yalahlekelana nabazalwane. USvetlana wayibuza ukuthi ingathanda yini ukubathola njalo omagazini, yathi ayidingi nje omagazini bodwa kodwa nesifundo seBhayibheli sasekhaya sasikhathi sonke! Isifundo saqalwa khona manjalo futhi manje iba khona emihlanganweni yobuKristu.
EJapane: Odade ababili ababeshumayela ensimini yamabhizinisi bangena ehhovisi lommeli odume ngokusiza abantu abahluphekayo. Owesifazane othile wabaxosha wathi umatasa kodwa wabathatha omagazini. Lapho bebuyela bamfica eyedwa. Bengakambingeleli nakumbingelela, wavele wabehla ngaphezulu: “Zibulawelwani izingane ezingenasono? Kwenzenjani emhlabeni? Ngifuna izimpendulo ezigculisayo! Uma nazi, ngitsheleni!” Engxoxweni yabo eyadonsa ihora bexoxa ngempikiswano yobukhosi bendawo yonke, isimo sakhe saya sishintsha. Wababonga odade ngokuyiphendula ngeBhayibheli imibuzo ayecabanga ukuthi akekho ongayiphendula. Lapho sebehamba, wabanika ikheli lakwakhe nenombolo yocingo, wathi: “Lokhu ngivame ukukunika abantu engisondele nabo kakhulu, kodwa nina nihlukile. Ngiyafuna ukukhuluma nani futhi. Le nto esikhulume ngayo akuyona into encane.” Kwaqalwa isifundo seBhayibheli.
ENepal: Owesifazane othile wayeseneminyaka eminingi esonta kodwa kwakumnenga ubugovu nokuklwebhana ayekubona kubantu ayesonta nabo. Nakuba umyeni wakhe ayesengumfundisi, waxoshwa ngemva kwengxabano kubangwa iminikelo. Waqala ukuphuza kakhulu wayeka nokondla umkhaya wakhe. Umkakhe wayeselifune yonke indawo iqiniso futhi ethandaza mihla yonke. Ukuze ondle umkhaya wakhe, wasebenza endaweni yokulahla amaphepha. Langa limbe ngesikhathi ehlukanisa izincwadi, omagazini namaphephandaba, wathola incwadi ethi Ubunye Ekukhulekeleni Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso. Wayifihla ezingutsheni zakhe wagoduka nayo. Wayifunda zonke izinsuku, waqhubeka ethandaza. Ngelinye ilanga, kwangqongqoza uBishnu, udade oyiphayona elikhethekile. Wakuthanda lokho uBishnu ayekusho wayesemngenisa endlini. Waya ngokuya ebona ukufana phakathi kwalokho uBishnu ayekusho nalokho okwakushiwo incwadi. Ekugcineni watshengisa uBishnu incwadi futhi wajabula ukuthola ukuthi ingezinye zezincwadi zethu. Manje ufundelwa iBhayibheli futhi uba khona kuyo yonke imihlangano nezingane zakhe.
ESri Lanka: Nakuba ayengakabi ummemezeli ongabhapathiziwe, uPunchibanda wanquma ukufakaza ngesigijimi soMbuso kwabanye ngokwethukela. Waxoxa nesinxibi sasemgwaqweni esathi indodakazi yaso endala yayikade igula futhi yashona. Babeye esontweni lase-Assemblies of God bethemba ukuthi izophulukiswa ngokuyisimangaliso, kodwa lutho. UPunchibanda wachaza ukuthi uNkulunkulu akasaphulukisi namuhla kodwa izifo ziyokwelashwa ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu. Wasinika omagazini abakhuluma ngalokhu. Kamuva wasimemela eHholo LoMbuso. Saya ekhaya satshela umkhaya waso ngesimemo sawubonisa nomagazini. Umkaso wathi naye ubatholile omagazini, wamenyelwa naseHholo LoMbuso. Le ndoda yanquma ukuba kuye yona kuqala. Abazalwane nodade bayamukela ngemfudumalo. Manje yona, umkayo, indodana yabo namadodakazi abo amabili, bonke baba khona ezifundweni futhi bajabulela ukuhlangana nabantu bakaJehova.
ELebanon: Udade oyiphayona elikhethekile odabuka ePhilippines uyalandisa: “Ngahlangana nentokazi yasePhilippines ngesikhathi ngifakaza emgwaqweni. Ngayivakashela emsebenzini wayo ngakwazi ukuyiqhubela isifundo seBhayibheli. Yayinemibuzo eminingi; ngezinye izikhathi ngangithi ngisaphendula omunye ingixine ngomunye. Kodwa, ngokuhamba kwesikhathi yaphikiswa abangane bayo abakhulu ababekhuthele esontweni. Ngeshwa, ukuphikiswa kwayehlula futhi yayeka ukufunda iBhayibheli, yize ngangiyikhuthaza ukuba ingayeki. Noma kunjalo ngazitshela, ‘Uma injengemvu, iyophinde ifunde futhi ngelinye ilanga.’ Ngemva konyaka ngangisayicabanga, ngakho nganquma ukuyibhalela ngiyitshele ukuthi ngisayithanda nokuthi ngingathanda ukuyibona futhi. Yangishayela ucingo, ngayivakashela. Ngaphawula ukuthi manje isinesithakazelo esikhulu kunasekuqaleni. Izinto esasike saxoxa ngazo zazisekhona enhliziyweni yayo futhi yayizazisa ngokujulile. Yangitshela ukuthi yayisiwahambe wonke amasonto kodwa alikho elalifundisa iqiniso. Ngakho yaqala ukufunda, yathuthuka, futhi sikhuluma nje ibhapathiziwe. Umfana wayo oneminyaka engu-12 ungummemezeli ongabhapathiziwe.”
ENdiya: Udade uyabhala: “Ngesikhathi senza indlu ngendlu, sabona intombazanyana eyathi ingasibona yangena endlini. Ngokushesha kwaqhamuka umlisa owasixosha. Njengoba sihamba, sabona le ntombazane ikhuluma naye. Kamuva, sisalinde ibhasi, yafika le ntombazane ngebhayisikile yathi: ‘Ngiyazi ukuthi uJehova unguNkulunkulu weqiniso. Ngicela ningifundise iBhayibheli. Bengithi ngiyaningenisa endlini kodwa umnikazi womuzi wenqaba.’ Sayibuza ukuthi yazi ngani ukuthi uJehova unguNkulunkulu weqiniso. Yathi eminyakeni emibili ngaphambili yayihamba ngebhasi ngesikhathi ibona okungathi inkonzo enkulu yesonto. Kwakuwumhlangano wethu wesigodi. Yadilika ebhasini yaya emhlanganweni zontathu izinsuku. Yayisinesikhathi eside ilindele oFakazi BakaJehova ukuba bafike kubo. Lapho sibona isithakazelo sayo, saya nayo emzini kadade safike saqala isifundo seBhayibheli. Yaqala ukuya njalo esifundweni futhi ithuthuka kahle ngokomoya.”
◼ E-AFRIKA
Inani lamazwe: 56
Inani labantu: 781 767 134
Inani labamemezeli: 1 015 718
Inani lezifundo zeBhayibheli: 1 820 540
E-Uganda: ULucy nguFakazi osebenza ekhemisi elikhulu. Wabizwa kanye nezinye izisebenzi kwathiwa abafunge ukuthi abazi lutho ngesamba semali okwatholakala ukuthi silahlekile ngemva kokubalwa kwezimali. Kwathi sekuyithuba likaLucy lokubeka isandla eBhayibhelini afunge ukuthi akazi lutho, wavula izAga 15:3 wazifunda ngokuzwakalayo: “Amehlo kaJehova akuyo yonke indawo, aqapha ababi nabahle.” Kwathula kwathi cwaka, ngemva kwalokho isela laya koziveza kumphathi. Umphathi wasikisela ukuthi esikhathini esizayo bonke bakhumbule “ivesi likaLucy.” Ngemva kwesikhathi iholo likaLucy lanyuswa wabe esephathiswa nezihluthulelo zasekhemisi.
EBenin: UJosué wayechwenswa kakhulu esikoleni. Lapho enikeza impendulo okungeyona ekilasini, abanye abafundi bamhleka bathi, “Wena mfundisi wansondo?” Nabanye bamgcona bethi, “Ulibala ukwehla enyuka nesikhwama.”
UJosué uyavuma, “Ngangesaba kabi ukuhlangana nezingane engifunda nazo ensimini ngempelasonto.” Wathandaza ngalokhu futhi waxoxa nomdala, owamkhuthaza ukuba athathe isinyathelo ngokwandisa isikhathi asichitha ensimini futhi aqunge isibindi ahambisele izingane afunda nazo izincwadi. UJosué uye waphumelela ezicini ezintathu. Uthi: “Sengivamile ukuba iphayona elisizayo. Izingane ezimbili engifunda nazo ezazivame ukuhlekisa ngami manje sengiyazifundela. Namamaki ami asethuthuke kakhulu.”
ETopiya: Eminyakeni engaba mibili edlule, u-Asnakech wathola ilayisense yokushayela futhi wahlela ukuyibuyisela kumniniyo, owesifazane ogama lingu-Elsa. Ukwethembeka kuka-Asnakech kwammangaza futhi wafuna ukumupha imali. U-Asnakech wayenqaba imali kodwa wanikeza u-Elsa incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Ngakusasa u-Elsa waqala ukufunda iBhayibheli. Wathi igama elithi Jehova wayengaleshwami ngoba uyise ongumpristi wayemtshelile ngalo. Ngemva kokuba umkhaya wonke uye emhlanganweni wesigodi, umyeni wakhe naye waqala ukufunda iBhayibheli. Nokho, lapho uyise ongumpristi ekuzwa lokhu, wathukuthela wathelwa ngamanzi, ethi oFakazi BakaJehova abayizinto zalutho. Engazimisele ukuyeka ukufunda, ngomusa u-Elsa watshela uyise ukuthi oFakazi abayona neze into athi bayiyo. Edumele, uyise wathatha incwajana u-Yini UNkulunkulu Ayifunayo? indodakazi yakhe ingazi. Wayifunda izikhashana futhi yamthinta. Ngemva kwalokho, lapho ebingelela abantu abadlulayo wayengasababingeleli egameni likaZiqu-zintathu. Ngokushesha kwathiwa “uyisihlubuki,” futhi abanye bafuna nokumshaya. Ngenxa yalokhu, wathuthela e-Addis Ababa, lapho aqala khona ukufundelwa. U-Elsa manje usenguFakazi obhapathiziwe kanye namalungu angu-7 omkhaya wakhe. Umyeni wakhe nengane yakhe nabo bathuthuka kahle.
ECôte d’Ivoire: U-Anderson wahambisela umnini-sitolo owayelifunda njalo iBhayibheli incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Ngokushesha kwaqaliswa isifundo seBhayibheli. Wathanda kakhulu isihloko esithi “Ukuphila Komkhaya Okujabulisa UNkulunkulu.” Wachaza: “Bengingazi ukuthi umlingani ngamunye unendima ayifezayo emshadweni. Uma ngephuzile ukufika ekhaya, ngangingafuni angibangele isicefe umkami. Ngangiye ngithi, ‘Yimina indoda la, uma kuthi angihambe ngizohamba; wena ungumfazi, okwakho ukuhlala la endlini.’ Manje sengisheshe ngibuye ekhaya ngifike ngimlekelele ngemisebenzi.”
EKenya: Ingane eneminyaka engu-7 efunda u-grade 2 yezwa kuthiwa kuza umbonisi wesifunda. Kusasele isonto afike, yaya kuthishanhloko iyocela imvume yokuya esifundweni ngoLwesibili ntambama. Yavunyelwa. Nokho, ngakusasa yagodukiswa kwathiwa ayibuye nabazali naleso sivakashi. Umbonisi wesifunda waya ngempela esikoleni noyise wengane. Uthishanhloko wethuka lapho ebona ukuthi isivakashi sifike ngempela nokuthi sasihambe ihora lonke senyuka imimango size kuye. Wathatha izincwadi futhi kusukela lapho usenomusa futhi akasahluphi.
EMalawi: Ngesikhathi esensimini, umzalwane wayelokhu echukuluzwa indoda yebhayisikile. Kwakuthi uma ibona umzalwane eshumayela, ime izame ukususa uchuku. Yake yazama nokumhlwitha iBhayibheli. Ngolunye usuku yadlula ngebhayisikile ngesikhathi umzalwane eqhuba isifundo seBhayibheli. Yathi ithi ilungisa okuthile ebhayisikileni, isandla sayo sabhajwa esondweni langaphambili, yalimala kabi iminwe. Yize yayifa izinhlungu, phakathi kwabantu abayibona yilo mzalwane kuphela owayisiza, wayibopha iminwe wayihlelela nokuba iyiswe esibhedlela. Kamuva, lo mzalwane waya kwayo. Inamahloni ngezenzo zayo zangaphambili, yavuma ukuthi isimo sayo sengqondo sasithonywe izinkulumo ezingamanga. Yathi: “Nina nikhulekela owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso. Ngangingacabangi ukuthi uzongiphatha ngendlela enomusa kangaka ngemva kokukuphatha kabi kanjeya.”
ECameroon: Udade osemusha wayesesibhedlela egumbini lokulinda elaligcwele ngenkathi kungena ikhehla eligulayo. Njengoba yayingekho indawo yokuhlala, kwadingeka lime. Udade uyakhumbula: “Ngamdabukela lo mkhulu ngamsukumela. Kwavungama wonke umuntu ngoba ngokumsukumela ngangimnika nethuba lami lokungena kudokotela. Ngokushesha kweza intokazi yangibuza ukuthi ngingowayiphi inkolo. Ngathi nginguFakazi kaJehova. Yangincoma ngoba yona yayicabanga ukuthi bambalwa kakhulu abantu abasebasha abebengenza lokhu. Ngathatha leli thuba ngafakaza kuyo nakwabanye ngisebenzisa amapheshana engangiwaphethe. Ngakwazi ukuphendula imibuzo eminingi. Abanye engaxoxa nabo bayishintsha indlela ababebheka ngayo oFakazi BakaJehova futhi base bethanda ukuba babavakashele.”
ETogo: Ngesikhathi abanye abazalwane besebenza ensimini engayodwa, bathola ibhungu elakujabulela ukubabona. Labatshengisa amabhukwana amabili elalikopishele kuwo yonke incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni nengxenye yethi “Hlolani Konke.” Lalizibone emzini womfundisi elalihlale kuwo isikhathi esithile. Lo mfundisi wayenamakhabethe amabili ezincwadi, elinye lingelezincwadi zakhe azikhonzile elinye ‘kungelezingabalulekile.’ Kukuleli lesibili lapho leli bhungu lathola khona izincwadi zethu. Ngemva kokufunda amakhasi ambalwa enye yazo, lathatheka yisigijimi sayo. Njengoba lalingenakuhamba nayo futhi lingazi nokuthi lingayitholaphi enye, layikopisha. Lapho liqala ukuxoxela abanye ngelalikufundile, unina nomfundisi baliphikisa. Laba bafowethu balishiyela izincwadi futhi bayalisiza ukuba lithuthuke ngokomoya.
ENingizimu Afrika: UThandi onguFakazi, wacelwa umqashi wakhe ukuba akhulume nesisebenzi esasinezinkinga emshadweni esigama laso nguBella. Umyeni kaBella oyiphoyisa wayekade emshaya futhi emhlukumeza ngokomzwelo, ngakho uBella wayesenqume ukufaka isehlukaniso. UThandi wanikeza uBella amakhophi amabili encwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya wathi enye akayinike umyeni wakhe. Ngemva kwesonto, uThandi waxoxa naye wathola ukuthi umyeni wakhe wayeyifunda incwadi nokuthi kwase kunokuthula ekhaya. Ngemva kwezinyanga ezintathu, uBella watshela uThandi ukuthi ngokuthandaza nangencwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya, uNkulunkulu wayewusindisile umshado wakhe. Lapho umqashi kaBella ezwa ngalokhu, watusa ukuba zonke izisebenzi ezingu-2 000 zizitholele le ncwadi. Okwamanje uThandi usehambisele ozakwabo amakhophi angu-96 ayo le ncwadi. Inkampane yanikelela umsebenzi womhlaba wonke woFakazi BakaJehova.
◼ EZWEKAZINI LASEMELIKA
Inani lamazwe: 56
Inani labantu: 879 073 403
Inani labamemezeli: 3 199 835
Inani lezifundo zeBhayibheli: 3 022 276
EVenezuela: Umkhaya ongoFakazi usanda kufakelwa ucingo olusha endlini. Nokho, ngenxa yokuphambana kolayini waqala ukuthola izingcingo zabantu ababethi bashayela isiteshi sethelevishini befuna ukukhuluma nomuntu obhula ngezinkanyezi. Lo mkhaya wanquma ukulisebenzisa leli thuba. Besebenzisa incwadi ethi Ukubonisana NgemiBhalo, balungiselela amaphuzu athile namavesi eBhayibheli ambalwa ababezoxoxa ngawo nabantu abashaya ucingo. Inkosikazi yakhona, uGraciela, yaba umphetha kulokhu. Ngolunye usuku kwashaya umuntu owathi: “Sawubona. Uwena unkulunkulukazi wezinkanyezi?”
“Yebo sawubona. Mina nginguGraciela, wena ungubani?”
“NginguCarmen.”
“Carmen, kungani ufuna ukukhuluma nonkulunkulukazi wezinkanyezi? Udinga usizo noma iseluleko?”
UCarmen waxoxela udadewethu ngenkinga yakhe. Ngezwi elinomusa, uGraciela wamchazela ukuthi singasitholaphi iseluleko esingcono wamfundela namavesi eBhayibheli. Wabe esembuza, “Awucabangi ukuthi kufanele siye kuMdali wethu uma sidinga isiqondiso esingasethemba manje nasesikhathini esizayo?” UCarmen wabe esesho ukuthi wayeke wafundelwa oFakazi BakaJehova, babe sebehlela ukuba aqhubeke. Umkhaya kaGraciela usukhulume nabanye abaningi abafuna usizo, ubanika ubufakazi obuhle, ubakhuthaza ukuba balalele oFakazi uma befika nokuba baye eHholo LoMbuso langakubo.
EColombia: Ngo-March 2005, udade ohlala eCali wantshontshelwa imoto yakhe. Yatholakala ngemva kwezinsuku ezimbalwa. Yena nomyeni wakhe ongakholwa balinda amaphoyisa emotweni kodwa lapho engafiki, banquma ukuhamba nayo. Kodwa ngenxa yokuthi le moto yayisetshenziselwe ukwenza ubugebengu, bamiswa amaphoyisa baboshwa. Kwaba ukungena nje ejele, udade waqala ukushumayela, futhi kungakabiphi wayeseqale izifundo zeBhayibheli eziningana. Esinye sazo sadedelwa kodwa sacela lo dade ukuba aqhubeke esifundela lapho esekhululiwe. Satshela nendoda esasikipite nayo ukuthi sifuna ukushada ukuze sijabulise uNkulunkulu.
Nakuba lo dade ayesanda kuthandazela ukuthola isikhathi esengeziwe sokushumayela, wayengazitsheli ukuthi wayezosithola ejele! Wenqaba ithuba lokusheshe aphume ngenxa yokuthi wayezizwa evikelwe uJehova futhi esakujabulela ukushumayela. Ngemva kwezinsuku ezingu-45 esejele, yena nomyeni wakhe badedelwa. Wathi ukholo lwakhe lwaluqinisiwe. Phakathi nalesi sikhathi, umyeni wakhe wayevakashelwe abazalwane abamsiza. Ngemva kweminyaka engu-20 engenzi lutho ngokomoya, waqala ukuya ezifundweni waveza nesifiso sokufundelwa iBhayibheli. Lo dade useya njalo ejele eyoqhuba izifundo ezine neziboshwa zesifazane. Uyambonga uJehova ngokuphendula imithandazo yakhe nangokumbusisa ngezindlela eziningi kangaka.
EBrazil: Kuze kube seminyakeni emibili edlule, bekujwayelekile ukubona uRenildo oyimpumputhe enxiba ezimakethe zangakubo. Nakuba lokhu ayekwenzela ukunezela empeshenini yakhe yokukhubazeka, kwamlethela eningi imali, kwamenza wakwazi ukuba nemoto nomuzi onempahla enhle wakwazi nokuthenga ukudla okuningi abangakutholi abantu bakule ndawo ehlwempu. Ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova kwamenza waya ngokuya eba nombono ongokomoya ngokuphila, okwamshukumisela ukuba athathe isinqumo esibonisa isibindi. Ngemva kokubonisana nomkakhe nezingane zakhe ezintathu ngokuthi bangaphila kanjani ngemali encane, uRenildo wayeka ukunxiba. Ngokushesha, yena nomkhaya wakhe bathuthuka futhi babhapathizwa emhlanganweni wesigodi. URenildo manje akasaziwa ngokuthi uyisinxibi, kodwa ngokuthi ungummemezeli oshisekayo wezindaba ezinhle, ochitha isilinganiso samahora angu-40 enkonzweni yasensimini ngenyanga.
E-Ecuador: Iphayona lalivame ukuhambisela umnikazi wesitolo sokudlela omagazini besiShayina. Le ndoda yavakashelwa umngane wayo naye onesitolo. Lo mngane wabona omagazini wabafunda. Wabathakazelela kangangokuthi waze wabhalela igatsha laseHong Kong ecela abanye omagazini, iBhayibheli nencwadi ethi Sondela KuJehova. Wacela nesifundo seBhayibheli. Igatsha laseHong Kong laxhumana nelase-Ecuador, futhi ngokushesha amaphayona ayihambisela emzini wayo le ndoda izincwadi eyayizicelile. Ngemva kwezinsuku ezine abuya. Ingabe yayizifundile? Yathi: “Ngiqale kuGenesise futhi manje ngikuHezekeli, kodwa nginemibuzo. Kungani uJehova enomusa kangaka kithina bantu? Konke kungokwakhe, kungani-ke enza imizamo emingaka yokusisiza? Utholani yena?” Kwaqalwa isifundo seBhayibheli futhi le ndoda yaqala nokuya ezifundweni ngaso leso sikhathi. Yayeka ukubhema nokugembula. Ivala ngisho nesitolo sayo ukuze iye ezifundweni. Kumanje nje ilungiselela ukuba ummemezeli ongabhapathiziwe futhi ibafundisa isiShayina abazalwane balapha abafuna ukusiza abantu abakhuluma isiShayina kuleli zwe.
EHonduras: EGuatemala ngo-January 2005, udade ogama lakhe linguFlor washumayeza ngokwethukela uSebastián oneminyaka engu-15, ongumenzi wamahlaya esekisini. Waba nesithakazelo kodwa wayengenaso isikhathi sokuxoxa. Ngelinye ilanga wathanqazeka phansi esuka phezulu etendeni elikhulu, wafakwa ukhonkolo. Manje wayesenesikhathi esiningi sokucabanga ngezinto ezingokomoya. UFlor wayemvakashela nsuku zonke eyophendula imibuzo yakhe eminingi. Ngokushesha unina, uDoris, ohamba entanjeni ephakeme esekisini, naye waba nesithakazelo futhi uFlor waqala ukumfundela. UDalila, ongumpetha wokushwibeka esishwibweni, noSofía, ongumdansi owayeke wafunda noFakazi, nabo baba khona kulesi sifundo kanye namadodakazi abo. Ngakho iqembu lakhula laba nabantu abangu-7. UFlor wabafundela bonke izikhathi eziyisihlanu kuya kweziyisikhombisa ngesonto izinyanga ezimbili.
Lapho isekisi lithuthela eHonduras, uFlor wabakhuthaza ukuba bafune oFakazi emadolobheni ababezoya kuwo ukuze baqhubeke befundelwa beya nasemihlanganweni. Lapho befika edolobheni laseCopán, bafundelwa amaphayona akhethekile akhonza lapha. Lapho bethuthela edolobheni laseGracias, bafundelwa elinye iphayona elikhethekile. Lapho sebethuthela edolobheni laseSanta Rosa de Copán, umbhangqwana oyizithunywa zevangeli wathola ucingo lubacela ukuba baqhube lesi sifundo emasontweni amathathu alandelayo.
Yisifundo esingavamile lesi ngoba abantu abangu-7 kuya kwabangu-10 bahlangana etendeni elikhulu lesekisi. Bafundelwa kabili ngesonto futhi balungiselela kahle, kuba khona nentombazane eneminyaka engu-9 ebizwa ngoJulietta, engumpetha wokushwibeka esishwibweni. Ngemva kwesifundo, kuye kudingeke basheshe bahambe bagijime bayoshintsha ukuze bafike ngesikhathi esekisini. Kodwa bayakujabulela ukwenza lokho.
◼ E-OCEANIA
Inani lamazwe: 30
Inani labantu: 35 237 787
Inani labamemezeli: 93 961
Inani lezifundo zeBhayibheli: 47 864
ENew Zealand: Kwathi esafunda incwajana esekelwe eBhayibhelini ngesikhathi sekhefu, udade osemusha uCecilia wabuzwa esinye isisebenzi ukuthi ufundani. Njengoba echaza, wangungwa abantu abangu-15 bezolalela, kukhona nobasi wakhe okwathi kamuva wambizela ehhovisi lakhe. Wamtshela ukuthi ukuthandile akuzwile. Watshela nezisebenzi ukuthi inkantini isizoba yindawo yokuxoxa ngeBhayibheli futhi wanweba isikhathi sikaCecilia sekhefu sasuka esigamwini sehora saya ehoreni ukuze abe nesikhathi sokudla nesokuxoxa ngeBhayibheli. Kwaphela amasonto amane kuba khona abantu abaphakathi kuka-9 no-15 kulezi zingxoxo. Abesifazane ababili kulaba manje baqhutshelwa isifundo seBhayibheli njalo, bathuthuka kahle futhi bashumayeza namalungu emikhaya yabo nabangane babo.
ETuvalu: UPeteli, ogama lakhe ngesiZulu lisho ukuthi “Bethele,” uyintombazane eyisithulu eneminyaka engu-14. Unezihlobo ezingoFakazi BakaJehova ngakho uke waya kweminye imihlangano kodwa wangazuza kangako ngoba uyisithulu futhi akakwazi ukufunda. Wafunda ukufunda izindebe lapho umuntu ekhuluma. Muva nje, uDale, udade oyisithunywa sevangeli, uqale ukumfundela ngencwajana ethi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade! UDale wayemfundisa iBhayibheli ngezithombe kuthi okubhaliwe amfundise ngakho ukufunda. Kwakuyinselele ngempela lokhu ngoba uDale wayeyisithunywa sevangeli esisha esasisafunda ulimi futhi uPeteli wayedinga ukusizwa afundiswe ukuthi alubekephi ulimi ukuze aphimisele kahle amagama. UPeteli uzimisele futhi ukhuthele. Ngemva kwezinyanga ezintathu nje wayeseqalile ukuzifundela. Yena nothisha wakhe balungiselela ndawonye izimpendulo. UPeteli uprakthiza kahle abese ephendula ngeqholo emihlanganweni. Uhlala phambili eHholo LoMbuso ukuze azibukele eduze izindebe zesikhulumi. UDale uyabhala: “UJehova uya eba umngane kaPeteli ongokoqobo, futhi amehlo akhe aye ahlengezele izinyembezi lapho sikhuluma ngesikhathi ‘okuyovulwa ngaso zona kanye izindlebe zabayizithulu.’”—Isaya 35:5.
ESamoa: U-Elena, udade oyiphayona, wayefundela owesifazane ongumWeseli omuzi wakhe wawubhekene nowomfundisi wendawo. Babefundela ohlangothini lwendlu oluvulekile, umfundisi ebabona kahle. Kwathi ngelinye ilanga besafunda, wafika umfundisi. Ofundelwayo wambuza ukuthi ufunani. Umfundisi wathi: “Ngicinga ingulube yami encane. Sekucishe kuphele inyanga ngingayiboni.” Ephendukela ku-Elena wabuza, “Uyazi ukuthi ingishiyeleni?” Ecabanga ukuthi ukhuluma ngengulube yangempela, u-Elena wathi kungenzeka ukuthi ibaleke ngoba ubelokhu eyigxisha ngokudla okufanayo njalo nje. Wathi ake azame ukuyipha okunye ukudla. U-Elena wamangala lapho umfundisi ekhomba ofundelwayo ethi, “Nansi ingulube yami encane!” Wabe esenezela: “Ungintshontshele yona. Siyekeni njengamanje lesi sifundo senu, ngingaphinde nginibone nifunda.” (Abefundisi besonto bayizingqungqulu emaphandleni aseSamoa.) Wavele wakhala ofundelwayo. U-Elena wazama ukumthulisa, wamchazela nokuthi iBhayibheli labikezela ukuthi kwakuzokwenzeka lokhu kwabafunda iBhayibheli.
U-Elena washintsha usuku, isikhathi nendawo abafundela kuyo. Uyachaza: “Esikhundleni sokufundela ohlangothini oluvulekile lwendlu, safundela ekolosaneni elingemva kwendlu. Kwakushisa kuthi bhé, kodwa okungenani isifundo saqhubeka. Lokhu kwaqhubeka izinyanga ezimbili. Kwabe sekuthi ngelinye ilanga sesivule ngomthandazo, wangena umfundisi. Ngangithi uzosiyekisa isifundo, kodwa wayeseshintshe umqondo.”
Wahlala walalela waze wabuza nemibuzo. Ngemva kwesifundo wathi kofundelwayo: “Kukhona into engifuna ukukutshela yona. Izolo ebusuku besiye edolobheni, kodwa kuthe sesibuya imoto yethu yafa. Kufike umbhangqwana nensizwa bezosikhandisa yona. Lutho ukuduma imoto, ngakho siyishiye emzini wabo base besibuyisa. Lapho ngigibela imoto yabo, ngibone amakhophi e-Nqabayokulinda nezinye izincwadi. Ngiye ngacabanga ukuthi laba bantu basonta nalo mama okuvakashelayo.”
Lona ofundelwayo wathi: “Usho khona. Izingane zika-Elena.” Umfundisi waxolisa wabe esethi: “Ningayeki ukufunda. Sengiyazi manje ukuthi oFakazi BakaJehova bangabantu abalunge ngempela nabanothando. Ningixolele ngengikushilo. Le mfundo ingabasiza abantu besonto lami bashintshe izingqondo zabo.” Kusukela ngalolo suku, abasafundeli ekolosaneni elishisayo elingemva kwendlu, sebefundela ohlangothini lwendlu oluvulekile olushaya umoya, ebabona kahle umfundisi, ongasabahluphi.
ESaipan: Kulesi siqhingi, iqiniso loMbuso kaNkulunkulu lamthinta ekujuleni kwenhliziyo owesifazane okuthiwa uHelen. Wayefundelwa isithunywa sevangeli futhi efuna ukubonisa ukwazisa ngezinto azifundayo. Ngelinye ilanga beqeda ukufunda, uHelen wanika isithunywa sevangeli isikhwama esincane wathi, “Anginalutho olutheni, kodwa ngingathanda ukukunika lokhu kube umnikelo womsebenzi wokushumayela.” Esikhwameni kwakuneparele elihle ayevela nalo esiqhingini sakubo sasePohnpei. UHelen wathi malidayiswe, imali kunikelwe ngayo. Lalingelekhethelo futhi umnikazi wesitolo samatshe ayigugu wathi ngibonwa yini walithenga ngamaRandi angu-680. Imali yanikezwa uHelen ukuze anqume ukuthi imalini azonikela ngayo, kodwa wayala, wathi, “Ifakeni yonke ebhokisini.” Yini eyamenza wanikela kangaka? Njengasemfanekisweni kaJesu, uHelen wayesethole iparele lenani eliphakeme, ithemba loMbuso.—Math. 13:45, 46.
◼ EYUROPHU
Inani lamazwe: 46
Inani labantu: 731 536 437
Inani labamemezeli: 1 498 142
Inani lezifundo zeBhayibheli: 717 797
EBelarus: UPavel noMayya, umbhangqwana ongamaphayona akhethekile, babesesikoleni samaphayona. Ngelinye ilanga kusihlwa babezihambela beyoshaywa umoya, kodwa bengahlelanga ukushumayela. Bayiphatha yona incwajana ethi Good News for People of All Nations. Lapho behlangana nabantu ababili bakwelinye izwe, babashumayeza. Bathola ukuthi bavela ePakistan futhi bakhuluma isi-Urdu. Bakhumbula ukuthi baphethe le ncwajana base bebanikeza yona ukuba bayifunde. Omunye wabo wabonisa isithakazelo futhi wavuma ukufundelwa. Ngalo kanye lelo sonto waba khona esifundweni. Ukuhlangana nabantu bakaJehova kube yisikhuthazo esikhulu kuye, kwamenza wathi, “Eminyakeni emithathu ngila eMinsk, ngiyaqala ukuhlangana namaKristu oqobo.” Uyaqhubeka nokufunda.
EBrithani: URichard ungumdala oyimpumputhe futhi unenja eqeqeshiwe emqondisayo okuthiwa u-Irvin. Inkonzo yendlu ngendlu yaba inkinga ku-Irvin ngoba wayeqeqeshelwe ukukhumbula zonke izindawo uRichard ahamba kuzo. Ngenkathi uRichard etshela abantu ababemnike le nja ngale nkinga, bathi lo msebenzi uyinselele kakhulu ku-Irvin. Bathi kungcono ahambe no-Irvin ensimini yamabhizinisi khona ezojwayela ukuya ezindaweni ezifanayo. URichard wayekwesaba ukushumayela ensimini yamabhizinisi kodwa ngosizo luka-Irvin washeshe waba nekhono kulo msebenzi.
EHungary: Umbonisi wesifunda uyaloba: “Ngo-May 2004, sathola umlisa okuthiwa uCsaba esebenza engadini. Wathi uyilungu lomkhandlu wesonto. Sathi ukuxoxaxoxa, sahamba. Sabuya ngemva kwezinsuku ezimbili sesiphethe incwadi Ulwazi futhi saqala isifundo seBhayibheli naye. Kwathi sesizohamba wasitshela ukuthi uhlushwa isitofu. Ngathi kukhona umzalwane engimaziyo okwazi ukukhanda izitofu nokuthi ngizomnika inombolo yakhe yocingo. Lapho abazalwane bebuyela, uCsaba wayibuyisa incwadi wayeka nokufunda. Phakathi nalesi sikhathi, umzalwane engangimyalele yena ukuthi uzomsiza amkhandele isitofu wamshayela ucingo. Lo mzalwane wachitha izinsuku ezintathu ekhanda isitofu sikaCsaba futhi exoxa naye ngeqiniso. Waqala futhi ukufunda iBhayibheli nomkakhe wamjoyina. Ngo-May 2005 wayesengummemezeli ongabhapathiziwe. Lapho ngihambele leli bandla, ngahamba naye mhla eqala ukuya ensimini. Intuthuko yakhe engokomoya ngokuyinhloko yabangelwa yisimo sabafowethu sobungane nesokufuna ukusiza kanye nomehluko awubona phakathi kokuziphatha koFakazi nokwabesonto lakhe.”
EBelgium: Umzalwane waphindela kaningana kowesifazane ohlala emzini osekhoneni lomgwaqo, futhi njalo babexoxela emnyango. Ngelinye ilanga lo mzalwane ephuma, kweza umlisa kuye wathi: “Abangane bami bathi nina boFakazi BakaJehova anibona abantu bokujwayelwa. Kodwa nganikhulumela ngathi akulona iqiniso lelo. Ngicela ukukutshela iqiniso. Lapho ngivakashisa inja yami, bengiye ngime ekhoneni ngilalele ingxoxo yenu nomama wakulo muzi. Beniye nixoxe ngovuko nangePharadesi. Ngifuna ukwazi okwengeziwe ngalokhu. Umkami usesibhedlela ngemva kokugwazwa amahlandla angu-17. Ngimelwe ikhanda, angisazi ngempela ukuthi ngenzeni manje.” Kwaqalwa isifundo seBhayibheli sasekhaya nale ndoda.
E-Italy: Ngelinye ilanga ntambama umzalwane wayegoduka evela emsebenzini. Njengoba esondela ekhaya, wadlulwa amadoda amabili ahamba ngesithuthuthu. Eyayihleli ngemuva komshayeli yahosha isibhamu yammisa ngaso. Yabe isivula isicabha semoto yathi makaphume futhi ayinike yonke imali ayiphethe. Nempela wenze njalo. Yabe isingena yahlala esihlalweni somshayeli yalungela ukushaya utshani. Nokho yathi ingabona INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova yabuza, “UnguFakazi kaJehova?”
Umzalwane waphendula, “Yebo, ubuzelani?” Ngaphandle kokuphendula, le ndoda yavele yaphuma emotweni, yaxolisa ngeyayikwenzile, yathi kumzalwane akangene emotweni. Njengoba engena, esinye isigelekeqe sathi kumngane waso akabuyisele nemali.
“Usixolele bo,” kusho indoda yesibhamu imvalela isicabha. Awashongo la madoda ukuthi ashintshiswa yini, kodwa kusobala ukuthi ayebahlonipha oFakazi.
ESweden: Ngo-April 2003 ummemezeli watholana nomuntu owathatha incwadi Ulwazi. Wayeneminyaka engaba ngu-90. Esemusha wayelihambe lonke leli zwe ethwebula amasonto amaningi. Ngenxa yalokho wayenziwe umhlonishwa eSontweni LaseSweden. Ummemezeli wambuza ukuthi wayeke walibona yini igama likaNkulunkulu kulawo masonto, wayesembonisa isithombe selinye lamasonto aseSweden elinegama likaNkulunkulu. Lokho kwayenza yaba nesithakazelo le ndoda. Yavuma ukufundelwa futhi yakujabulela kakhulu. Yathi: “Ngaqala ukufunda iBhayibheli ngisemncane futhi bengikholwa ukuthi ngiyalazi impela. Kodwa uma ngiqhathanisa nengikwaziyo manje, bengingazi lutho.” Ngokushesha yaqala ukuya ezifundweni eHholo LoMbuso. Ngo-June 2005, ineminyaka engu-91, yabeka inkulumo yayo yokuqala eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini—ukufundwa kweBhayibheli. Manje isingummemezeli ongabhapathiziwe othuthukela ekubhapathizweni. Yalalela oFakazi BakaJehova ngo-2003 ngoba yayizwe uhlelo lwe-TV olwalukhulume kabi ngathi. Yafuna ukwazi iqiniso ngathi futhi manje isiyalazi.
[Isithombe ekhasini 43]
USvetlana, eKyrgyzstan
[Isithombe ekhasini 47]
ULucy, e-Uganda
[Isithombe ekhasini 52]
UGraciela, eVenezuela
[Isithombe ekhasini 55]
URenildo nomkhaya wakhe, eBrazil
[Isithombe ekhasini 57]
UDale noPeteli, eTuvalu
[Isithombe ekhasini 57]
UCecilia, eNew Zealand
[Isithombe ekhasini 58]
U-Elena, eSamoa
[Isithombe ekhasini 61]
UPavel noMayya, eBelarus
[Isithombe ekhasini 61]
URichard nenja yakhe, u-Irvin, eBrithani