Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb04 kk. 43-64
  • UMbiko Womhlaba Wonke

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UMbiko Womhlaba Wonke
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2004
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2004
yb04 kk. 43-64

UMbiko Womhlaba Wonke

◼ EYUROPHU

Inani lamazwe: 46

Inani labantu: 728 162 887

Inani labamemezeli: 1 476 554

Inani lezifundo zeBhayibheli: 697 044

Abanye abantu bayephuza ukuphila ngeqiniso ngemva kokuba belizwile. Ngo-1951, uSteponas wayeboshelwe ezombusazwe ekamu laseKazakhstan. Ngesikhathi elapho wayesebenza no-Edvardas, uFakazi osemusha oshisekayo waseLithuania, yena owayeboshelwe ukunyathelisa umagazini INqabayokulinda. U-Edvardas wamxoxela ngethemba lakhe elisekelwe eBhayibhelini, uSteponas wakholiseka ukuthi ulitholile iqiniso. Ngo-1955, uSteponas wadedelwa. Lapho sebehlukana, u-Edvardas wathi: “Mhlawumbe siyobuye sibonane ngelinye ilanga.” Yize uSteponas ayengabhapathiziwe, iKomiti Yokuphepha Yezwe LaseSoviet yayicabanga ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova. Amaphoyisa atheleka endlini yakhe athatha amaphepha ayenohlu lwamakheli abazalwane. Ngenxa yalokho, akabange esakwazi ukuxhumana nabantu bakaNkulunkulu.

Kwadlula iminyaka engu-47. Phakathi naleso sikhathi, uSteponas wayehlala edolobhaneni elincane enyakatho yeLithuania, elalingenabo oFakazi. Kwathi entwasahlobo ka-2002, wathola izincwadi wabe esethumela isigqebhezana ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova laseLithuania ecela incwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Uyachaza: “Ngathumela isigqebhezana nginethemba lokuthi ngingakwazi ukuphinde ngixhumane nabazalwane.” Umbhangqwana ongamaphayona akhethekile wahamba waya kuye wafunda naye iBhayibheli. Kungakapheli nonyaka, uSteponas wabhapathizwa eneminyaka engu-80.

Wake wabuye wambona yini u-Edvardas, owayesho eminyakeni ecela kwengu-50 ngaphambili wathi: “Mhlawumbe siyobuye sibonane ngelinye ilanga”? Yebo wambona! Kwathi kade ebhapathizwe ngayizolo, wahlangana naye, bangana ngemfudumalo futhi bajabula njengoba ayesengumfowabo ongokomoya.

EBrithani, uTim noSam, bobabili abaneminyaka engu-11 futhi abangabamemezeli abangabhapathiziwe, babesenkonzweni yasensimini nonina kaTim. Laba bafana babedinga izikhwama ezintsha zokuphatha amaBhayibheli nezincwadi zabo, kodwa inkinga yayisemalini. Ekuseni ngaphambi kokuba baqale inkonzo yasensimini ngalelo langa, onina balaba bamemezeli ababili abasha babethandazile ngale ndaba. Lapho bengena emzini wokugcina, uTim waxoxa nomninikhaya wabe esemfundela ivesi eBhayibhelini. Lo mninikhaya wamngena emlonyeni wambuza ukuthi usontaphi. Lapho uTim ephendula ethi ungomunye woFakazi BakaJehova, lo mama wamthethisa wabe esethi kunina uyaxakeka ukuthi kungani oFakazi bevumela izingane zabo zife kunokuba zimpontshelwe igazi.

Unina kaTim wathi kungcono abuze bona abafana ukuthi bazizwa kanjani ngalokhu, nempela wababuza. UTim wachaza ukuthi ngaso sonke isikhathi yena uyokhetha ukuba elashwe ngenye indlela engalifaki igazi kunokuba aphikisane nonembeza wakhe oqeqeshwe ngeBhayibheli. USam wathi udadewabo wayelashwe ngenye indlela engalifaki igazi futhi walulama kangcono kuneziguli ezazimpontshelwe igazi.

Umninikhaya wabuye waphendukela kunina kaTim. Manje wathi akahambisani nokuthatha izingane ezincane uhambe ungena nazo indlu ngendlu. Bobabili abafana baphendula bathi bona bayakujabulela ukushumayela, futhi bathi kungcono kunokuba behle benyuka emgwaqweni njengabanye ontanga yabo. Ehlatshwe umxhwele yimpendulo yabo, umninikhaya wathi abafana abalinde kancane, wangena endlini. Yeka ukuthi bamangala kanjani lapho ebuya epha ngamunye wabo isikhwama sesikhumba esihle futhi esisha, abazophatha ngaso ensimini! Wayeziphilisa ngokudayisa lezi zikhwama. Ngenxa yesimo sakhe sengqondo esase sishintshile, abafana bakwazi ukuhlela ukuba baphinde babuye. Lapho sebehamba, unina walo mninikhaya, oneminyaka engu-94, owayekade elalele, weza emnyango wacela unina kaTim ukuba amvakashele kwakhe.

Odade ababili ababesenkonzweni yasensimini babona lo myalezo uxhonywe esitobhini sebhasi ePortugal: “Ngingumfundi wesayensi yokusebenza kwengqondo, ngilungiselela ukubhala ngesihloko senkolelo-ze. Uma ungangisiza ngalesi sihloko, ngicela ungithumelele i-E-mail kuleli kheli elilandelayo . . . ” Ntambama ngalelo langa odade babehambisa umagazini INqabayokulinda onesihloko esithi “Ingabe Ukuphila Kwakho Kulawulwa Yizinkolelo-ze?” Ngakho banquma ukumphendula nge-E-mail bamtshele ngalo magazini.

Kwadlula isonto, lo wesifazane owayexhome umyalezo wabathumelela le mpendulo: “Ngiyabonga ngokungiphendula. Ngiyaxolisa ngokwephuza ukuphendula. Ngingathanda ukuwuthola lo magazini enikhulume ngawo. Muva nje, njalo lapho oFakazi beza kimi, bekuqondana nokuthi ngijahe emsebenzini noma ngijahe ibhasi, ngakho ngingakwazi ukuxoxa nabo. Ngiyazi ukuthi nifundisa abantu iBhayibheli, nami ngingathanda ningifundise.”

Odade bathi: “Lapho siya kuye okokuqala wabuza imibuzo eminingi. Samnika incwadi Ulwazi futhi sahlela ukutadisha naye iBhayibheli. Njalo lapho sizofunda naye simthola elungiselele futhi manje uyeza kuyo yonke imihlangano yebandla.”

Ngesikhathi ehambisa umagazini emgwaqweni, uLina, ummemezeli wasedolobheni eliseningizimu yeJalimane, wabona intokazi ethile iza kuye, igama layo uTatjana. “Usangibona?” kubuza uTatjana. ULina wathi akasamboni. “Kufanele,” kuqhubeka uTatjana. “Sahlangana kanye kuphela, eminyakeni emihlanu edlule.” Waqhubeka wachaza: “Entwasahlobo ka-1998, weza kimi emgwaqweni wanginika incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Ngakuphendula kabi, kodwa wena wangiphendula ngomusa nangobungane, okwenza ukuba ngifune ukuyithatha incwajana ngiyoyifunda ekhaya. Okuphakathi kwangithinta ngokujulile.” Kamuva, kwafika oFakazi ababili kwaTatjana, ababengamazi uLina. Ngenxa yalokho uTatjana ayekufunde encwajaneni, wavuma ukufundelwa iBhayibheli. Lapho ephinde ehlangana noLina, ngo-2003, wayesenguFakazi obhapathiziwe. Eqinisweni, bobabili noLina babengamaphayona asizayo ngaleyo nyanga!

Udade wasePskov, eRussia, wathunyelelwa yihhovisi legatsha ikheli lendoda ehlala endaweni eqhelile. Kwamthatha isikhathi eside ukuya khona. Wagcina efikile, wathola ukuthi le ndoda yayingazi ukuthi icele isifundo seBhayibheli. Yona yayithenge umagazini esitolo esithile owawunesigqebhezana sokubekisa indawo ofunda kuyo esasisikwe kwelinye lamapheshana ethu. Le ndoda yathi yayicabanga ukuthi kukhona okuwinwayo, ngakho yathumela isigqebhezana inethemba lokuwina okuthile. Lo dade waphendula: “Uwine isifundo seBhayibheli samahhala!” Le ndoda nomkhaya wayo baba nesithakazelo, futhi kwaqaliswa isifundo seBhayibheli. Isifundo siqhutshwa kabili ngenyanga ngoba lo mkhaya uhlala kude kakhulu nakwadade.

◼ E-OCEANIA

Inani lamazwe: 30

Inani labantu: 34 355 946

Inani labamemezeli: 93 718

Inani lezifundo zeBhayibheli: 47 270

U-Alyce oneminyaka engu-14, ohlala e-Australia, wayesebenzisa omagazini bethu lapho elungiselela izabelo zesikole. Ngelinye isonto wabhala indaba ngombuzo othi, “Liphikelelephi Leli Zwe?” Yayichaza ukuthi iBhayibheli laprofethani ngesikhathi esiphila kuso. Uthisha wakhe wambuza ukuthi usontaphi. U-Alyce wachaza ukuthi ufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova, futhi wamnika abanye bomagazini bethu ukuze abafunde.

Yize uthisha ka-Alyce akuthanda konke lokhu, omunye uthisha wamthena amandla. Nokho, ngemva kokubona ukuziphatha okuhle kuka-Alyce izinyanga ezimbalwa, uthisha wakhe wanquma ukuhlolisisa. Ekhathazekile ngokuthi kungenzeka ukuthi u-Alyce usonta ehlelweni eliyingozi, waya emtatsheni wezincwadi wendawo waboleka incwadi ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu. Wawufunda wawuqeda wonke lo mqulu ngempelasonto eyodwa! Eqiniseka ukuthi ulitholile iqiniso, washayela unina ka-Alyce ucingo wacela ezinye izincwadi futhi waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi. Kungakapheli nenyanga, wayeseza kuyo yonke imihlangano futhi esenxuse nomyeni wakhe nonina ukuba beze emihlanganweni yangeSonto. Nabo baqala ukutadisha iBhayibheli futhi bathuthuka kahle. Kungakapheli nezinyanga ezintathu, lo thisha waba ngummemezeli ongabhapathiziwe futhi wanikeza inkulumo yakhe yokuqala eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. Ezinyangeni ezimbalwa kamuva, bobabili u-Alyce nothisha wakhe, uLinda, babhapathizwa ngosuku olulodwa.

Ake uzicabange uhlala esiqhingini esithile kunguwe wedwa umkhulekeli kaJehova! Eziqhingini zaseMarshall, yilokho okukhathaza udade omyeni wakhe wathola umsebenzi esiqhingini esincane saseMejatto. Omakhelwane bammema ukuba eze esontweni lamaProthestani, kodwa wenqaba. Kunalokho, wagxila ekufundiseni izingane zakhe nge-Ncwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Wayebeletha uthunjana wakhe angene indlu ngendlu exoxela omakhelwane bakhe ngezinkolelo zakhe. Ekugcineni, abanye babonisa isithakazelo, futhi lo dade ongayedwa manje uqhuba izifundo zeBhayibheli eziningana ngencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? Inyanga ngayinye uthumela umbiko wenkonzo yasensimini ebandleni lakhe elidala. Yena nezingane zakhe bahamba ibanga elide ngesikebhe beya eSikhumbuzweni nasemihlanganweni yesifunda eba sesiqhingini sase-Ebeye. Amalungu ebandla lase-Ebeye ambhalela izincwadi amkhuthaze, amxoxele ngezindaba zasensimini nezinto azifunde esifundweni. Nawo akhuthazwa yisibonelo sokwethembeka salo dade ongayedwa.

Ezindaweni eziningi eziphakathi emaqaqasini ePapua New Guinea awukho ugesi. Abantu balapho basebenzisa izinjini noma ama-battery ukuze basebenzise izinto zikagesi. Ukuze asize abantu basendaweni yakubo baliqonde kangcono iBhayibheli, udade owayesanda kubhapathizwa wayefuna ukubabonisa ama-video athile akhishwa oFakazi BakaJehova. Ngemva kokuthola imali ngokuthengisa ukudla ayekutshalile, waya kusomabhizinisi wesifazane owayenethelevishini, umshini wokudlala amakhasethi e-video nenjini, wacela ukuba amqashisele lezi zinto zontathu. Wamchazela ukuthi ufuna ukumema bonke abantu balapha bazobuka ama-video eBhayibheli akholelwa ukuthi azobasiza ngokomoya. Lo somabhizinisi wathi angezwa lokho wamephulela wambiza imadlana engatheni, wathi naye angathanda ukuwabuka lawo ma-video. Batheleka ngezinkani abantu bakule ndawo. Ngemva kwalokho, abaningi bathi bebengazi ukuthi umsebenzi woFakazi BakaJehova wenziwa ezindaweni eziningi kangaka. Bahlatshwa umxhwele nawukubona ubuzalwane bomhlaba wonke, into ababengakaze bayibone emasontweni abo. Lo dade wamenywa emizini eminingi yabantu ababekade bengafuni ukuxoxa noFakazi kodwa manje abase befuna ukufunda okuningi ngezinkolelo zethu.

ESavaii, isiqhingi esikhulu kunazo zonke eSamoa, ezinye izinduna ziye zathi oFakazi BakaJehova bangashumayeli ezindaweni zazo. Udade othile ohlala kwenye yalezo zindawo walimelela iqiniso lapho ehlela umngcwabo wendodana yakhe. Njengoba yayizongcwatshelwa ekhaya, abafowethu nodade basemabandleni amabili alapha bahlanza endlini nasegcekeni futhi baletha nenjini. Abantu balapha balubona lolu sizo olubonisa uthando. Indlela abafowethu abahlela nabaqhuba ngayo umngcwabo yayihluke kakhulu esikweni laseSamoa.

Ngemva kwezinsuku ezimbili kungcwatshiwe, umkhandlu walapha wabiza imbizo futhi wakhuluma ngalo mngcwabo. Wonke amalungu awo ayehlabeke umxhwele ngendlela oFakazi ababesize ngayo lo mkhaya, ngaphambi nangemva komngcwabo. Indlela okwaqhutshwa ngayo umngcwabo yayizithinte kakhulu izinduna kangangokuthi zavumelana ngazwi linye ukushintsha amasiko omngcwabo afane neFaa-Molimau a Ieova (Indlela YoFakazi BakaJehova). Kwadlula izinsuku ezimbili kwaba khona iSikhumbuzo saminyaka yonke sokufa kukaKristu eHholo LoMbuso elincane elithe ukuqhelaqhela. Amaveni amathathu áthutha imikhaya ayiyisa eSikhumbuzweni. Manje abafowethu nodade sebengashumayela ngokukhululeka kule ndawo, engesinye seziqhingi ezinkulu kakhulu. Amaphayona akhethekile amabili aqhuba izifundo zeBhayibheli eziyisithupha lapha. ESifundweni Sencwadi Sebandla akuzi nje abantu abathakazelayo kuphela kodwa nenduna yakhona.

EFiji, insizwa yimbe yayihlezi phansi kwesihlahla icabanga ngokuphila kwayo nekusasa. Kwadlula umuntu othile yambiza yathi akazohlala nayo. Kanti lo muntu ngumzalwane, owabe esesebenzisa leli thuba ukuba afakaze. Yize le nsizwa yayisike yezwa ngesithembiso seBhayibheli somhlaba oyipharadesi, lapho ixoxa nalo mzalwane savuseleleka isithakazelo. Yanquma ukuphindela esiqhingini ekhakonina iqale ukutadisha iBhayibheli. Ngesikhathi isifikile lapha, abomndeni wakubo ababephikisana nenkolo yayo entsha bashisa izilimo eyayisizitshalile. Izinduna zalapha zayixosha, zathi aziyifuni enye inkolo lapha ngaphandle kweyazo. Yabe isiya ekhakoyise, kwesinye isiqhingi esincane. Yafike yakha isikebhe ngothayela omdala, futhi isonto ngalinye yayisigwedla ihambe ibanga elide olwandle olunolaka ukuze iyohlangana noFakazi. Umndeni wakubo waqhubeka nokuyiphikisa, futhi yaphoqwa ukuba ihlale yodwa endaweni engenabantu kulesi siqhingi. Ekugcineni yakwazi ukuthuthela lapho kunabantu khona, eduze kwebandla elikhulu. Iyaqhubeka ithuthuka ngokomoya, isingummemezeli ongabhapathiziwe.

◼ EZWEKAZINI LASEMELIKA

Inani lamazwe: 56

Inani labantu: 857 137 983

Inani labamemezeli: 3 095 083

Inani lezifundo zeBhayibheli: 2 898 369

Kwathi ngelinye iSonto ekuseni ngo-September 2002, udade wase-United States wayokwenza impindelo kumninisitolo. Njengoba ayesathengisa, udade wake wathi ukuhambahamba esitolo. Wabona intokazi eyangena yaqonda ngqo kwi-mala, into yamaHindu efana nerosari lamaKatolika. I-mala ucu lobuhlalu obunsundu olusetshenziselwa ukuthandaza konkulunkulu abaningi bamaHindu. Le ntokazi, egama layo linguShwe, yabonakala sengathi ithole i-mala eyithanda ngempela, kulapho-ke lapho udade aya khona kuyo wafike wathi: “Uxolo. Ngicela ukubuza, Ingabe ubuhlalu bale mala bakhiwe ngokhuni olubizwa ngokuthi i-sandalwood?”

“Yebo! Bengilokhu ngithandaza kunkulunkulu ngicela i-mala enhle, namuhla ngiyitholile. Ake uyinuke!”

“Yaze yanuka kamnandi! Uzothandaza ngayo kumuphi unkulunkulu?”

“Ngezinye izikhathi ngizothandaza kuGanesa noma kuSiva noma kuDurga. Ngizothandaza kubo ngale mala.”

“Awungitshele, Usutholile yini ukuthi yimuphi ongunkulunkulu omkhulu kunabo bonke?”

“Lapho-ke ngisadidekile. Angazi ukuthi ubani ongunkulunkulu omkhulu kunabo bonke.”

“Nami ngake ngadideka ngesikhathi ngisengumHindu ngikhulekela labo nkulunkulu. Kodwa manje sengiyazi ukuthi ubani uNkulunkulu ongumninimandla onke. Ake ngikubonise. [Ufunda iHubo 83:18.] UJehova uNkulunkulu nguye onguMninimandla onke kuwo wonke umhlaba. Mkhulu kunoSiva, uGanesa noDurga. Ngingakufundisa ngoNkulunkulu umninimandla onke mahhala.”

“Ungangifundisa ngempela ngoNkulunkulu weqiniso? Namuhla yonke imithandazo yami iphenduliwe!”

“Kungani usho kanjalo?”

“Nsuku zonke bengilokhu ngithandazela ukuthola i-mala enhle ukuze ngithole ngayo uNkulunkulu weqiniso. Ngithandazele nokuthola umngane weqiniso ozongisiza ngoba anginamuntu. Ungubani igama lakho?”

“NginguMala, futhi ngempela ngingaba umngane wakho ngikusize ngeBhayibheli.”

“Angikholwa ukuthi uNkulunkulu unginike iMala ephilayo!”

Laba besifazane ababili babe sebehlela ukufunda incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? UShwe uba khona njalo emihlanganweni futhi usekhuluma ngomgomo wokubhapathizwa.

EHonduras udade oyisithunywa sevangeli owayesafunda iSpanishi wangena esakhiweni samahhovisi wahambisela isisebenzi esiphendula izingcingo omagazini. Kwabe sekukhala ucingo, lo dade wacabanga ukuthi lesi sisebenzi sithe akahlale phansi, ngakho wahlala phansi. Wayengezwanga kahle. Sasithe akahambe. Kanti, owesifazane osehhovisi eliseduze wayekade ethandazela usizo lokuhlukana nendoda eshadile ayethandana nayo futhi afunde indlela eyamukelekayo yokukhulekela uNkulunkulu. Lapho ezwa izwi likadade endaweni okufikela kuyo izingcingo, wakholelwa ukuthi kuphendulwa umthandazo wakhe. Kodwa, lapho esezwa isisebenzi esiphendula izingcingo sithi kudade akahambe, waba novalo lokuthi uzohamba engakakhulumi naye. Nokho, kamuva isithunywa sevangeli sathi: “Ngenxa yokuthi angisizwanga kahle isisebenzi esiphendula izingcingo, ngangisekhona lapho lo wesifazane engena eshesha ezokhuluma nami. Sobabili sikholelwa ukuthi kwakuyisiqondiso sikaJehova.” Eminyakeni ethile ngaphambili, lo wesifazane wayeke wazifunda izincwadi zoFakazi BakaJehova, futhi manje wanquma ukuba azinake izinto ezingokomoya. Usehlukene nendoda eshadile futhi usetadisha iBhayibheli kanti uba khona njalo emihlanganweni.

Udade oyiphayona elikhethekile e-El Salvador wabelwa ebandleni elinsimu yalo yayingasabeli kahle eqinisweni. Wathandaza kuJehova ukuba amsize athole abantu abathakazelayo. Kwathi ngelinye iSonto wahlangana nensizwa ethile axoxa nayo ngeBhayibheli. Yathatha incwadi Ulwazi futhi yavuma ukuba abuye. Lo dade wabuyela kaningi engayitholi. Wayethola umkayo, owayengenasithakazelo eBhayibhelini. Lapho esebuyela okwesihlanu, umkayo wathi akangene, yize athi “ngikunika imizuzu eyishumi kuphela.” Lo dade wabuza ukuthi incwadi Ulwazi iseduze yini. Lo wesifazane weza nayo incwadi, futhi udade waxoxa kafushane ngamaphuzu asencwadini wabe esembonisa indlela esiqhutshwa ngayo isifundo seBhayibheli. Ngemva kwezinyanga ezintathu befunda, lo wesifazane waqala ukuba khona emihlanganweni futhi wabonisa izimpawu zokuthuthuka. Umyeni wakhe? Ngokuhamba kwesikhathi naye wahlanganyela kulesi sifundo. Wabe eseqala ukuba khona emihlanganweni nomkhaya wakhe. Lo mbhangqwana manje uphezu kwamalungiselelo okubhalisa umshado. Ukuphikelela nomthandazo kwaletha imiphumela emihle.

UMargarita, ohlala eMexico, usitshela ngempumelelo aba nayo lapho efakaza ngokwethukela: “Ekilasini lokuthunga ngaxoxa nomunye umfundi ngeBhayibheli. Wathi ubona sengathi imikhaya yoFakazi BakaJehova iyajabula, ngoba bahlale bemomotheka futhi bebukeka beneme. Ngamtshela ukuthi kunjalo impela nokuthi injabulo yangempela itholwa yilabo abathembela kuJehova futhi baphile ngezimiso zeBhayibheli.” UMargarita waqalisa isifundo seBhayibheli nalo mfundi, manje useba khona njalo emihlanganweni futhi uyathuthuka olwazini lwakhe lweqiniso.

EDominican Republic, u-Ana wanikeza indoda eyayibukeka ikhathazekile incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? Umkayo wayesesibhedlela eyohlinzwa ngoba ephethwe umdlavuza. Yathi umkayo uyakuthanda ukufunda, ngakho izoya nayo esibhedlela le ncwajana. Ngemva kwesikhathi, u-Ana wahlangana nenkosikazi yale ndoda, eyathi: “Sesingaqala ukufunda. Bese ngilinde wena.” Kamuva yachaza ukuthi ngesikhathi isesibhedlela, yancenga uNkulunkulu ukuba ayiqondise enkolweni yeqiniso. Ngaso leso sikhathi, umyeni wayo wafika nencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? Yayifunda, yabona ukuthi uNkulunkulu uphendula umthandazo wayo, khona manjalo yabe isizibekela umgomo wokuba omunye woFakazi BakaJehova. Yize kwakudingeka ihambe ngezinyawo ihora lonke lapho iya nalapho ibuya emihlanganweni eHholo LoMbuso, yathuthuka ngokushesha futhi yatuswa yaba ummemezeli. Yathi: “Manje sengingasigcwalisa isifungo engasenza kuNkulunkulu.” Kungakapheli nezinyanga eziyisithupha yabhapathizwa emhlanganweni wesigodi futhi manje iyaqhubeka ikhonza uJehova ngenjabulo.

UMartin, ummemezeli oneminyaka engu-13 ohlala eParaguay, ujabulela ukufakaza ngokwethukela. Langa limbe ebuya esikoleni futhi efakaza kumuntu ahlangana naye, wabona iphasela elincane emgwaqweni. UMartin walicosha futhi wathola ukuthi linemali. Njengoba ayengaboni muntu owayecinga, walifaka ekhukhwini. Lapho eqhubeka ehamba, wacabanga: ‘Ngale mali ngingakhokha imali yesikole yezinyanga ezintathu engingakayikhokhi bese ngisiza nabazali bami kwezinye izindleko zabo.’ Kanti kuzothi enganakile aphambuke ngomgwaqo angavamile ukuhamba ngawo. Lapho esahamba wabona indoda eyayicinga. Wayizwa ithi ilahlekelwe ama-guarani angu-115 000 (amaRandi angu-126) futhi kwakuyiyo yonke emali eyayizophila ngayo kuze kuphele inyanga. UMartin washeshe wakhumbula amazwi omunye wabadala ababemhlolela ukubhapathizwa. Lo mdala wayethe: “Uzobhekana ngqo nezilingo eziningi, ikakhulukazi njengoba uzobhapathizwa.”

UMartin wayeyidinga kabi imali. Ngalelo langa wayengenakho nokudla okwanele ayezokudla esikoleni, ingasaphathwa eyokukhokha imali yesikole. Noma kunjalo, engangabazi ukuthi wenza into elungile, uMartin wayibuza le ndoda ukuthi ilahlekelwe yimalini. Imali eyayisho kwakuyiyo kanye le uMartin ayeyitholile. Wayitholisela wabe eseyinika nepheshana wayitshela ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova. Ijabule, le ndoda yabonga yanconcoza kuMartin futhi yamanga. Yamnika ikheli layo ukuze ayivakashele. UMartin ubhapathizwe kanye nabazali bakhe emhlanganweni wesifunda muva nje.

◼ E-ASIA NASEMPUMALANGA EPHAKATHI

Inani lamazwe: 47

Inani labantu: 3 931 574 927

Inani labamemezeli: 568 370

Inani lezifundo zeBhayibheli: 417 308

Ngenxa yempilo yakhe, uKumiko, udade oyiphayona ohlala eduze kwaseTokyo, eJapane, wayengakwazi ukuya enkonzweni yendlu ngendlu. Ngakho wayechitha isikhathi esiningi efakaza ngokubhala izincwadi. Amalungu ebandla lakubo ayemnika amakheli alabo okwakunzima ukubathola ngoba behlale bengekho emizini yabo. Wayebabhalela izincwadi, abamemezeli bebandla bese beyazihambisa. Kwaze kwaphela unyaka engatholi neyodwa impendulo. Noma kunjalo, waqhubeka ezibhala ngokwethembeka. Ekugcineni, ngemva kokubhala izincwadi ezingaba ngu-1 500, wathola iposikhadi elalithi: “Ngiyabonga ngencwadi ongibhalele yona. Ngiyakuthanda kakhulu lokho okushilo. Ngitholakala ngalezi zinsuku, ufike ngizokulinda.” Egcwele izinyembezi zenjabulo, wamvakashela lo muntu, waqala isifundo seBhayibheli khona lapho. Uthi: “Ekuqaleni, ngangesaba ukubhala izincwadi, kodwa manje sengiyaqiniseka ukuthi uma sikhuthazela ekufuneni abanjengezimvu, nakanjani uJehova uyoyibusisa imizamo yethu.”

Langa limbe ekuseni ngesikhathi esenkonzweni yendlu ngendlu eNdiya, udade wangqongqoza emnyango emzini othile. Kwavula umama owayenobuso obunyukubele. Izingane ezincane ezimbili zazihleli phansi phambi kwazo kukhona amapuleti angenalutho. Lo dade waxoxa naye ngesigijimi esiduduzayo soMbuso kaNkulunkulu nezibusiso zawo, futhi lo mama walalelisisa. Izingane zazilokhu zifundekela unina zithi akaziphakele. Wenqaba. Lo dade wathi akanankinga yokulinda izingane zize zithole ukudla. Lo mama wavele wakhala, wachaza ukuthi ukudla kunoshevu. Lo dade ungqongqoza nje ubesethi uzoziphakela. Ngenxa yezinkinga zomkhaya, kuhlanganise nokuba nomyeni oyisidakwa, wayesenqume ukubulala amantombazane akhe amabili azibulale naye. Lapho ezwa lokhu, udade wathatha ukudla wakuchitha, wagijimela esitolo esiseduze wathengela lo mkhaya ukudla. Bakupheka bobabili baphakela izingane. Isigijimi soMbuso samduduza ngempela lo mama. Wamukela isifundo seBhayibheli futhi manje usenguFakazi obhapathiziwe. Uza nezingane zakhe ezimbili esifundweni. Muva nje, nomyeni wakhe uqale ukuza esifundweni futhi uthuthuka kahle.

I-SARS! ETaiwan abantu abaningi bathi bangalizwa nje leli gama bathuthumele. Izakhamuzi zaziyibheka zinexhala imibiko yezindaba echaza ukuthi lesi sifo sasihlasele kanjani eHong Kong. Sabe sesifika qathatha eTaiwan! Ezibhedlela eziningana kwadingeka kungangeni muntu futhi kungaphumi muntu ngenxa yokuthi siyathelelana, futhi abantu abaningi babehlalela ovalweni lokuthi sizobangena nabo. Ngisho nangaphambi kokuba kube imfuneko kahulumeni, ihhovisi legatsha lasiza amabandla athola ama-thermometer ukuze abafowethu bathathe izinga lokushisa labo bonke abantu ababeza esifundweni.

Uhulumeni wabe usucela zonke izinkolo ezibhalise ngokomthetho ukuba zigweme ukushumayela ezindaweni ezithile. UMhlangano Wenkonzo okhethekile wasiza abafowethu ukuba babone ukuthi bangayihlela kanjani kabusha inkonzo yabo ukuze bagweme izinkinga. Elinye iphayona elikhethekile lasebenzisa ukusikisela kokubuyela ngisho nakulabo ababonise isithakazelo esincane. Ngenxa yalokho, landa inani lezifundo zeBhayibheli elaliziqhuba. Manje abaningana kulaba elisanda kuqala ukufunda nabo bathuthuka kahle. Lathi: “Isimo esibi senze ukuba ngijabulele inkonzo ekhiqiza kakhulu.”

Ngesikhathi esenkonzweni yasensimini eCyprus, udade wathola owesifazane owathi umatasa. Udade wakhuluma kafushane efasiteleni lasekhishini elalivuliwe, wafunda amaHubo 72:12-14, futhi wahlela ukuphinde abuye uma lo wesifazane esenesikhathi. Lapho ebuya, udade wamangala ukuzwa ukuthi ubemlindele ngamehlo abomvu. Kungani? Loya mbhalo wawumduduze kakhulu—wayesale wacabanga ngawo usuku lonke. Udade wamtshela ngesifundo seBhayibheli sasekhaya, wavumela phezulu. Manje uthi uyakwazisa lokhu akufunda eZwini likaNkulunkulu.

UPolo, indoda yaseCambodia, waqala ukufundelwa yisithunywa sevangeli futhi wathuthuka kahle. Wayeya kuyo yomihlanu imihlangano yebandla ePhnom Penh. Umqashi wakhe wabe esemthumela ukuba ayosebenza eBattambang, idolobha eliseduze nomngcele waseThailand. Akukho bandla lapho, ngakho uPolo wanikeza omqhubela isifundo seBhayibheli izinombolo zakhe zikamakhalekhukhwini, baqhubeka befunda isigamu sehora ngocingo njalo ngoLwesithathu nangoLwesihlanu. UPolo wayefuna nokuphendula eSifundweni Se-Nqabayokulinda. Ngenxa yokuthi ibandla lalikude, wayebhala phansi izimpendulo zakhe ezintathu noma ezine zesifundo sesonto elilandelayo azinike umbonisi weSifundo Sencwadi Sebandla bese zifundwa esifundweni ngalelo sonto. Intshiseko yakhe isikhuthaze nabamemezeli baleli bandla. Uyazama nokushumayela kubantu ahlangana nabo. Uma egibele ibhasi eya noma ebuya ePhnom Penh, ufakaza kubantu abaningi futhi abakhuthaze ukuba baye esifundweni. Umgomo wakhe olandelayo owokuba ummemezeli ongabhapathiziwe.

EMongolia odade ababili bahlangana nensizwa ebalelwa eminyakeni engu-30 ubudala. Yathi abalinde, yangena endlini yabuya nezincwadi ezimbili: Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu nethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Yathi yayike yatadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova ePoland eminyakeni engu-12 edlule. Lapho iphindela eMongolia ngo-1993, ngokushesha yabhala incwadi icela ukuba oFakazi bayivakashele. Kodwa, ngaleso sikhathi babengekho oFakazi eMongolia, ngakho akuzange kuze muntu. Kwathi ngemva kwesikhathi, yahamba yayofunda eyunivesithi yaseNdiya, lapho yahlala khona iminyaka emihlanu. Ngaleyo minyaka, kusukela ngo-1994 kuya ku-1998, ayizange ithintane noFakazi BakaJehova. Yabe isiphindela eMongolia, lapho yagcina ikwaze khona ukuxhumana nabazalwane. Kwaphinda kwaqaliswa isifundo seBhayibheli sasekhaya, ngo-April 2003 yeza esifundweni okokuqala. Manje ifunda incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? ngenjabulo.

Umama ongumBuddha waseSri Lanka wamangaza oFakazi ababili lapho ebamukela ngemfudumalo emzini wakhe, ethi bayimpendulo yomthandazo wakhe! Wachaza ukuthi indodakazi yakhe encane yayisanda kuzibulala ngoba eyishayile. Umpristi wamaBuddha aya kuye ukuze athole induduzo wamtshela ukuthi manje indodakazi yakhe isizozalwa kabusha bese ibuya izoziphindiselela kuye. Lokhu kwamesabisa kakhulu lo mama. Omunye wabangane bakhe wamtshela ukuthi amaKristu awazikholwa izinto ezinjalo. Ngakho lo mama wathandazela ukuhlangana nomKristu weqiniso, ecabanga ukuthi kungase kuthunyelwe umuntu ongumKatolika. Kunalokho, kwafika oFakazi BakaJehova ababili bamduduza ngeqiniso leBhayibheli. Manje usetadisha iBhayibheli naphezu kokuphikiswa ngumpristi ongumBuddha.

EKyrgyzstan intokazi ethile yayisineminyaka isonta esontweni labaVangeli. Lapho ifunda iBhayibheli, yayibona umehluko phakathi kokubhalwe kulo nalokho okufundiswa esontweni layo. Ngokwesibonelo, yayingayiqondi imfundiso yesonto yokuthi uJesu Kristu unguBaba futhi uyiNdodana. Ikholisekile ukuthi indodana kufanele ibe nobaba, yathandaza ngokusuka enhliziyweni kuYise kaJesu Kristu, yamcela ukuba ayisize ithole izimpendulo zemibuzo yayo yeBhayibheli. Ngakusasa kwafika oFakazi BakaJehova ababili. Babuza: “Ucabangani? UJesu Kristu wafundisa abafundi bakhe ukuba bathandaze kubani, futhi yiliphi igama abanxusa ukuba balingcwelise?” Yamangala uma ikhumbula umthandazo wayo wangayizolo, ithandaza kuYise kaJesu Kristu ukuba aphendule yona kanye le mibuzo. Ngemva kwale ngxoxo, yayiqiniseka ukuthi uNkulunkulu uwuphendulile umthandazo wayo. Yasivuma isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke futhi yaqala ukuya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Lapho ifunda ukuthi uJehova nguye uYise kaJesu, yaqala ukuthandaza kuJehova isebenzisa igama lakhe. Manje iyathuthuka ngokomoya futhi ixoxela izihlobo zayo ulwazi esilutholile.

◼ E-AFRIKA

Inani lamazwe: 56

Inani labantu: 755 145 559

Inani labamemezeli: 950 321

Inani lezifundo zeBhayibheli: 1 666 518

Emabhasini amaningi ahamba amabanga amade eZambia, abagibeli baye bachithiswe isizungu ngokubukiswa ama-video avame ukuba nobudlova nokuziphatha okubi. Umbhangqwana oyizithunywa zevangeli owawuhamba ngebhasi uya enhloko-dolobha wabuza umshayeli ukuthi angayidlala yini i-video ethi The Bible—Its Power in Your Life. Umshayeli wavuma. “Sasibona ukuthi amehlo abagibeli athe njo kuyo, balalele ngempela,” kukhumbula uRuth. “Lapho isiphelile, saxoxa nabo sabanika amapheshana nomagazini. Babamukela ngesasasa.” Lo mbhangqwana wacela umshayeli ukuba ayiphinde futhi, ucabanga ukuthi uzoyidlala emva kwesikhathi. Umshayeli wavele wayihlehlisa waphinde wayidlala ngaso leso sikhathi. URichard uthi: “Abagibeli bayijabulela futhi i-video nalapho isidlalwa okwesibili, futhi sajabula ukuthi simcelile ukuba ayidlale.”

UMiranda, umfundi osemusha waseMalawi, wayebonisa enye ingane afunda nayo ekilasini incwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya ngesikhathi sekhefu. Uthisha wabezwa bexoxa wabe esebizela uMiranda ehhovisi lakhe. Wambuza ukuthi usholoni kumngane wakhe ukuthi kufanele ashade. UMiranda waphendula wathi akashongo ukuthi akashade. Kodwa ubemxoxela ukuthi le ncwadi ingayisiza kanjani imikhaya ithole injabulo yangempela. Ethukuthele, lo thisha wathethisa uMiranda wathi: “Usemncane kabi ukuba unganikeza iseluleko ngomshado!”

UMiranda waphuma ehhovisi likathisha ephatheke kabi futhi ekhathazekile. Kwadlula izinsuku ezimbili uthisha waphinda wambizela ehhovisi lakhe. UMiranda uyalandisa ukuthi kwabe sekwenzekani: “Uthisha wathi uyaxolisa ngokuthi uvele wabhoka ngolaka, wabe esengitshela ukuthi yena nomkakhe babexabana njalo bagcina behlukene. Wacela ukuba ngimnike ikhophi yale ncwadi ebengiyibonisa umfundi. Ngajabula ukumnika. Ngemva kwamasonto amabili wangitshela ukuthi le ncwadi iwusizo futhi uyifunde nomkakhe. Ekugcineni, yena nomkakhe babuyelana.”

ENingizimu Afrika indoda esikhulile okuthiwa u-Eric yayike yafunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova iminyaka eminingi, kodwa ukubhema ugwayi yikona okwakuyivimba ukuba ithuthuke ngokomoya. Ngemva kokubhapathizwa komkayo, nayo yanquma ukuzibekela lowo mgomo. Yathola amakhophi amaningana abhalwe ngokugqamile umBhalo weyesi-2 Korinte 7:1, othi: “Njengoba sinalezi zithembiso, bathandekayo, masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelisa ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu.” U-Eric wawabeka ezindaweni azowabona kuzo emzini wakhe. Njalo uma eqaleka, wayewafunda abese ethandaza kuJehova ukuba amsize ayeke ukubhema. Ngenxa yalokho, usenezinyanga ezevile eshumini engabhemi. U-Eric manje usengummemezeli ongabhapathiziwe futhi uhlela ukubhapathizwa emhlanganweni wesigodi olandelayo.

Ngesikhathi esalindele isikebhe eziqhingini zaseSeychelles, udade oyisithunywa sevangeli wabona intokazi eyayihlezi yodwa. Yize lo dade ayekhathele kade eshumayela usuku lonke, waya kule ntokazi wayinika ipheshana. Yalithatha, yathi ingumHindu. Kwadlula izinsukwana, baphinda bahlangana emgwaqweni, udade wabe esehlela ukuba ayiqhubele isifundo seBhayibheli. Umyeni wale ntokazi, ongudokotela, wayengumKatolika kodwa ngemva kokufunda incwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu nethi Ulwazi wavuma ukuhlanganyela esifundweni kanye nomkakhe. Ngobunye ubusuku, lo mbhangqwana wamema udade nomyeni wakhe ukuba bazodla izoso zohlobo oluthile. Washisa izithombe zawo zenkolo futhi wapheka ukudla kulowo mlilo! Ngokushesha waqala ukuba khona emihlanganweni nokuhlanganyela enkonzweni yasensimini. Ngemva kokubhapathizwa, bobabili baqala ukuba amaphayona asizayo. Njengoba lesi siqhingi sisincane, lo mfowethu udumile emphakathini. Abanye basho ngokugcona bathi: “Udokotela usengumpristi.” Manje useyinceku ekhonzayo, futhi umkakhe ujabulela inkonzo yakhe yokuba iphayona elivamile.

U-Ishmael wafunda ulimi lwezandla ukuze asize izithulu zifunde iqiniso eZimbabwe. Kwathi ngelinye ilanga egibele ibhasi wabona owesifazane oyisithulu ecela imali kubagibeli. U-Ishmael wafakaza kuye wabe esehlela ukuba baphinde babonane. Uma embuza ukuthi isonto lakhe lifundisa ukuthi kungani eyisithulu, lo wesifazane waphendula: “Bathi kuyintando kaNkulunkulu ukuba ngibe yisithulu.” U-Ishmael wamchazela ukuthi akuyona intando kaNkulunkulu ukuba abantu babe yizithulu kodwa kubangelwa isono nokungapheleli esakuzuza ngefa. Wamchazela nokuthi ngokushesha uNkulunkulu uzokuqeda konke ukugula. Lo wesifazane waphendula: “Ngifuna ukwazi ukuthi kungani isonto lami langifundisa amanga.” Lapho u-Ishmael ephinde ebonana naye okwesithathu, wathi: “Kusukela manje sengingomunye wenu. Angisafuni ukuphinde ngilalele amanga.” Kuqhutshwa isifundo seBhayibheli naye futhi uba khona njalo emihlanganweni yebandla futhi uthemba ukuthi ngokushesha uzofaneleka njengommemezeli ongabhapathiziwe.

Ngenxa yokuthi abantu abaningi eGhana bawa bevuka ukuze baziphilise, abanaso isikhathi sezinto ezingokomoya. Udade oyiphayona elivamile waya kwenye insizwa lapho esenkonzweni yendlu ngendlu wacela ukuxoxa nayo ngeBhayibheli imizuzu emihlanu nje kuphela. Yaphendula: “Ngihlale ngimatasa emini. Ngibuya ngemva kuka-8 ebusuku sengizolala.”

Lo dade wabuza: “Kungenzeka yini ukuba uncozule kancane nje esikhathini sakho sokulala ukuze utadishe iBhayibheli?”

Yathi: “Uma ningafika ngemva kuka-8 ebusuku.” Ngakusasa, udade nomyeni wakhe baya kwale nsizwa ngo-8 ezimpondweni. Yayisanda kubuya nje emsebenzini. Baqala isifundo seBhayibheli, futhi ngokushesha yaqala ukuza emihlanganweni. Kamuva yafanelekela ukuba ummemezeli ongabhapathiziwe futhi ekugcineni yabhapathizwa. Izinguquko ezenzile ekuphileni kwayo zamhlaba umxhwele kakhulu umkayo kangangokuba naye wavuma ukutadisha iBhayibheli futhi ngokushesha wafanelekela ukuba ummemezeli ongabhapathiziwe. Omakhelwane nabanye abaningi ababazi ukuphila kwale nsizwa ngaphambili babengakholwa ukuthi babona yona ngempela uma ishumayela endlini ngendlu. Abaningi babefuna ukwazi ukuthi yini engashintsha umuntu odume ngokudakwa, ukweba nokudla izidakamizwa. Ngenxa yalokho, abantu abangu-22 kuleli dolobha bacela ukufundelwa iBhayibheli. Abangu-12 kulabo kakade sebeza njalo emihlanganweni yebandla futhi ngokushesha bangase bafanelekele ukuba abamemezeli abangabhapathiziwe.

[Isithombe ekhasini 43]

USteponas no-Edvardas, eLithuania

[Isithombe ekhasini 47]

U-Alyce nothisha wakhe, uLinda, e-Australia

[Isithombe ekhasini 51]

UMala, e-United States

[Isithombe ekhasini 56]

UKumiko, eJapane

[Isithombe ekhasini 61]

URuth noRichard, eZambia

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela