Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb01 kk. 3-5
  • Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2001
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umsebenzi Wokwakha Odumisa UJehova
    UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa!
  • Ukwanda Okumangalisayo Kwenza Kudingeke Izakhiwo Ngokushesha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Lena Indawo Yethu Yokukhulekela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Umbiko Wencwadi Yonyaka Ka-1995 WoFakazi BakaJehova
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1995
Bheka Okunye
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2001
yb01 kk. 3-5

Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

ASIVE sibusisiwe! NjengoFakazi BakaJehova, akukhona nje ukuthi sinelungelo lokwazi uJehova, uMdali wezulu nomhlaba kuphela, ongukuphela kukaNkulunkulu weqiniso nophilayo, kodwa sinanelungelo lokubizwa ngegama lakhe futhi simkhonze. Yisiphi isibusiso esidlula lesi!—Isaya 43:12; Heb. 8:11.

Sinethemba lensindiso futhi sithunywe ukuba sishumayele izindaba ezinhle zoMbuso ukuze nabanye bakhulekele uJehova futhi babe nethemba esinalo. (Math. 24:14; Roma 10:13, 14; 1 Thes. 5:8) Sinanelungelo lokuba ubuzalwane bomhlaba wonke babakhulekeli abathandanayo nabakhuthalele ukusizana. Yeka ukuthi konke lokhu kunomvuzo kanjani!

Kuyafaneleka ukuba iBhayibheli lithi: “Khonzani uJehova ngokuthokoza. . . . Ngenani emasangweni akhe ngokubonga, emagcekeni akhe ngokudumisa. Mbongeni, nituse igama lakhe. Ngoba uJehova muhle; umusa wakhe wothando umi isikhathi esingenasiphelo, nokukholeka kwakhe esizukulwaneni ngesizukulwane.” (IHu. 100:2-5) Ukukhonza uJehova ngokuthokoza kuhlobene kakhulu nokuba nobuhlobo obuqinile naye. Uyena owenza ubuhlobo obunjalo benzeke, futhi thina sinelungelo lokubuhlakulela. Uma sinobuhlobo obunjalo naye, siyazi ukuthi uJehova utholakala njalo ukuze asisize futhi asiqinise ezikhathini ezinzima. Siyaqiniseka ukuthi uzosinikeza amandla angokomoya nesiqondiso esisidingayo ukuze sibhekane nezinselele zokuphila ezinsukwini zokugcina zalesi simiso sezinto. Kungakhathaliseki ukuthi iziphi izingcindezi esibhekene nazo, siyajabula enkonzweni yethu, futhi nsuku zonke siyambonga uJehova ngoba, njengoba iZwi lakhe lisikhumbuza, ‘uyasikhathalela.’—1 Pet. 5:7.

Ngonyaka odlule, uJehova uye wasibusisa ngokucebile ngempela. EMhlanganweni Wesigodi ‘Wabenzi Bezwi LikaNkulunkulu’ sakujabulela kakhulu ukuba nezinkulungwane zabanye abanokholo oluyigugu njengolwethu, sihlabelela futhi sizitika ndawonye etafuleni likaJehova elingokomoya. EZifundweni Zencwadi Zebandla, sisijabulele isikhathi esiqinisa ukholo sokufunda ndawonye incwadi ethi Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli! Futhi ngaphezu kwakho konke lokhu, asive sakujabulela ukuthola uMqulu I wencwadi entsha ethi Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu! ‘Indebe yethu igcwele pháma.’—IHu. 23:5.

Yeka intokozo okuyiyo ukwazi ukuthi thina esibalelwa ezigidini, odade nabafowethu abangokomoya, simunye ekukhonzeni uJehova! Akuve kukhuthaza ukufunda ngamanani amasha aphakeme aqondene nenkonzo yasensimini! Sathokoza ngezigidi eziningi ezaba khona eSikhumbuzweni sokufa kweNkosi yethu—futhi zaba khona naphezu kwezimo zezwe. Lapho sibuka insimu yomhlaba wonke, kuba sobala ukuthi “ngempela ukuvuna kukhulu.” (Luka 10:2) Ngonyaka odlule, kulinganiselwa ukuthi abantu ababefundelwa iBhayibheli masonto onke abangu-5 555 bathuthukela ekuboniseni ukuzinikezela kwabo ngokubhapathizwa emanzini. Yize ukuvuna kukukhudlwana kwezinye izingxenye zezwe kunakwezinye, sonke siyakujabulela lokho uJehova akwenzayo. Sibona ubufakazi obungashayi eceleni besibusiso sakhe emizamweni yobunye yezinceku zakhe.

Ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso amasha kuye kwaba esinye isizathu sokuthokoza okukhulu! Kuyasijabulisa ukubona abazalwane nodade basemazweni asathuthuka bewusekela ngenhliziyo yonke lo msebenzi. Kwakhiwe amaHholo OMbuso amaningi ngosizo lwamaQembu Abakhi BamaHholo OMbuso anikezwe ukuqeqeshwa akudingayo. Laba bazalwane basuka kwelinye ibandla baye kwelinye khona ezweni labo ukuze bahole emsebenzini wokwakha amaHholo OMbuso. Njengoba kusenezinkulungwane zamaHholo OMbuso angakakhiwa, kucelwa izisebenzi zokuzithandela ezengeziwe emazweni asathuthuka ukuba zifake isandla kulo msebenzi odingekayo. Uma uhlala ezweni elinjalo, ungazenza utholakale? Abazalwane nodade abathandekayo abeve bekujabulela ukuba neHholo LoMbuso elithi bona abangakhulekela kulo! Futhi abawuvali umlomo ngabafowabo bomhlaba wonke ngosizo lwezimali olwenza lokhu kwenzeke!

Izindaba zokunqoba kwezomthetho ziyasijabulisa. Kodwa ezindaweni eziningi kunabantu abanethonya abangathanda ukucindezela ukukhulekelwa kukaJehova. Njengoba sixazulula lezi zinkinga, siyaqiniseka ukuthi ngokuphathelene nokusiza, uJehova akanandaba nokuthi abaphikisi baningi kangakanani noma ukuthi izinceku zakhe zibonakala zingavikelekile kangakanani. (2 IziKr. 14:11) Sinincoma ngemfudumalo nonke nina bafowethu nodadewethu eniqhubeka nimelela ukukhulekela kweqiniso.

Qhubekani niqinisa ukholo lwenu futhi nincika kakhulu kuJehova ukuze nithole isiqondiso njengoba nifeza imisebenzi yenu yobuKristu. (IzAga 3:5, 6) Asikho isizathu sokuphelelwa ithemba, kungakhathaliseki ukuthi isitha sivunyelwa ukuba senzeni. Khumbulani isikhuthazo u-Elisha asinikeza inceku yakhe eyayikhathazekile: “Ungesabi, ngoba baningi abanathi kunabanabo.” (2 AmaKh. 6:15-17) Namuhla, ibutho likaJehova lasezulwini likulungele ukuvikela izithakazelo zokukhulekela okumsulwa njengoba lalinjalo osukwini luka-Elisha. Sibheke ikusasa ngokuqiniseka. NguJehova ophethe izintambo. Izizwe azinakumelana naye. Unikeze iNdodana yakhe igunya eliphelele lokubusa. “Bayajabula bonke abaphephela kuyo.”—IHu. 2:1-6, 12.

Sicela nikhumbule bafowethu nodadewethu abathandekayo ukuthi njalo nje siyanicabanga. Umthandazo wethu oqotho uwukuba nonke ngothi lwenu “nime niphelele futhi ninokuqiniseka okuqinile kuyo yonke intando kaNkulunkulu.”—Kol. 4:12.

Abafowenu,

INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela