AMACEBISO OKUTADISHA
Lungisa Inhliziyo Yakho
Lapho sitadisha iBhayibheli, sifuna imicabango kaJehova ithinte izinhliziyo zethu noma umuntu esinguye ngaphakathi. Singafunda esibonelweni esihle sika-Ezra ‘owayelungise inhliziyo yakhe ukuba ahlole uMthetho kaJehova.’ (Ezra 7:10) Singazilungisa kanjani izinhliziyo zethu?
Thandaza. Njalo ngaphambi kokuba uqale ukutadisha thandaza. Cela uJehova akusize ukuqonde okufundayo futhi ukusebenzise.—IHu. 119:18, 34.
Thobeka. UNkulunkulu uyalifihla iqiniso kulabo abaqhoshayo abathembela ekuhlakanipheni kwabo. (Luka 10:21) Gwema ukucwaninga ngenjongo yokubukisa ngolwazi onalo. Ngokuthobeka shintsha indlela ocabanga ngayo uma ingavumelani nokucabanga kukaNkulunkulu.
Zama ukulalela ingoma yoMbuso. Umculo uyakwazi ukuthinta izinhliziyo zethu, usenze silungele ukukhonza uJehova. Ukulalela ingoma yoMbuso ngaphambi kokuba uqale ukutadisha kungakusiza ulungise inhliziyo yakho.