Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w25 Januwari k. 32
  • Dweba Ukuze Ukhumbule Okufundile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Dweba Ukuze Ukhumbule Okufundile
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Ukusondela KuNkulunkulu Kuhle” Kithi!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
  • Ungayithuthukisa Inkumbulo Yakho!
    I-Phaphama!—2009
  • Indlela Yokuthuthukisa Inkumbulo Yakho
    I-Phaphama!—1992
  • “Wayengakhulumi Nazo Ngaphandle Komfanekiso”
    ‘Woza Ube Ngumlandeli Wami’
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
w25 Januwari k. 32

AMACEBISO OKUTADISHA

Dweba Ukuze Ukhumbule Okufundile

Mhlawumbe njengeningi lethu ukuthola kunzima ukukhumbula okufundile. Kodwa uke wayinaka yini indlela oshesha ngayo ukukhumbula imifanekiso kaJesu? Uyakwazi ukuyibona ngeso lengqondo futhi lokho kukusiza ukuba uyikhumbule. Ngendlela efanayo, ungakwazi ukukhumbula izinto eziningi ozifundile ngokuzama ukukubona ngeso lengqondo okufundayo. Ungakwenza kanjani lokho? Ngokudweba izithombe njengoba ufunda.

Abantu abadweba izithombe zezinto ezintsha abazifundile bavame ukuzikhumbula lezo zinto. Bathole ukuthi le ndlela yokufunda ayigcini nje ngokubasiza bakhumbule amagama, kodwa ibakhumbuza namaphuzu ayinhloko alokho abakufundayo. Badweba izithombe okulula ukuzidweba, hhayi izithombe eziyinkimbinkimbi. Ubufakazi bubonisa ukuthi ukudweba izithombe kungabasiza ngisho nakakhulu asebekhulile ukuba bakhumbule abakufundile.

Ngokuzayo lapho utadisha ungase uzame ukudweba izithombe zalokho okufundile. Kungase kukumangaze ukuthi kungakanani okukhumbulayo!

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela