Isethulo
Uyafuna yini ukuphila emhlabeni ongenazo izimpi nezingxabano ezinodlame? Abaningi bangakuthanda lokho kodwa babona sengathi akusoze kwenzeka. IBhayibheli liyasho ukuthi kungani abantu behluleka ukuqeda izimpi. Lichaza nokuthi ukuthula kukazwelonke kungaba khona futhi kuzoba khona maduze.
Kulo magazini, igama elithi “izimpi” nelithi “izingxabano ezinodlame” lichaza ukulwa kwamazwe noma kwamaqembu ezepolitiki esebenzisa izikhali. Amagama abanye abantu abacashuniwe ashintshiwe.