Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w20 Septhemba k. 31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela AmaKristu Okumelwe Azizwe Ngayo Ngokukhululeka
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Uhulumeni
    Ukubonisana NgemiBhalo
  • Umbono WamaKristu Ngegunya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
w20 Septhemba k. 31

Imibuzo Evela Kubafundi

Ingabe umShumayeli 5:8 ukhuluma ngababusi abangabantu kuphela noma noJehova uyangena?

Leli vesi elithakazelisayo lifundeka kanje: “Uma ubona noma yikuphi ukucindezelwa komuntu onokuncane nokususwa ngobudlova kokwahlulela nokokulunga esifundeni sombuso, ungamangali ngale ndaba, ngoba ophakeme kunalowo ophakeme ubhekile, futhi bakhona abaphakeme ngaphezu kwabo.”​—UmSh. 5:8.

Ngokubheka komuntu, la mazwi abachaza kahle abantu abanegunya kuhulumeni. Nokho, ngaphezu kwalokho, adlulisela iqiniso ngoJehova, okufanele lisiduduze futhi lisiqinisekise.

UmShumayeli 5:8 ukhuluma ngombusi ocindezela abampofu nongabaphathi ngobulungisa. Lo mbusi kufanele akhumbule ukuthi cishe kunothile ombhekile osesikhundleni esiphakeme noma onegunya elikhulu kunelakhe kuhulumeni. Eqinisweni, kungenzeka kunabanye abanezikhundla eziphakeme kakhulu. Ngokudabukisayo, kohulumeni babantu, bonke laba babusi kungenzeka babe nenkohlakalo, bese kudingeka abantu abavamile babhekane nokungaphathwa kahle ezimweni eziningi.

Nokho, yize izinto zingase zibonakale zilahlisa ithemba, singathola induduzo ngokwazi ukuthi uJehova ‘ubheke ngisho nabaphakeme’ kohulumeni babantu. Singamncenga uNkulunkulu ukuba asisize futhi siphonse imithwalo yethu kuye. (IHu. 55:22; Fil. 4:6, 7) Siyazi ukuthi “amehlo akhe aqalaza kuwo wonke umhlaba ukuze abonise amandla akhe ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye.”​—2 IziKr. 16:9.

Ngenxa yalokho, umShumayeli 5:8 usikhumbuza isimo sangempela sabantu abakuhulumeni; kuyohlezi kunothile onegunya elingaphezulu. Okubaluleke nakakhulu, leli vesi lingasisiza sikhumbule iqiniso lokuthi uJehova ungophakeme, iGunya Eliphakeme kunawo wonke. Njengamanje uyabusa esebenzisa iNdodana yakhe, uJesu Kristu, iNkosi yoMbuso. UMninimandla Onke, obheke konke, unobulungisa obuphelele, futhi injalo neNdodana yakhe.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela