Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb24 Mashi kk. 2-3
  • Mashi 4-10

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Mashi 4-10
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2024
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2024
mwb24 Mashi kk. 2-3

MASHI 4-10

IHUBO 16-17

Ingoma 111 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU

1. ‘Jehova, Ungumthombo Wami Wazo Zonke Izinto Ezinhle’

(10 imiz.)

Ukuba abangani nabantu abakhonza uJehova kusenza sijabule (Hu 16:​2, 3; w18.12 26 ¶11)

Lapho sazi ukuthi uJehova uyasamukela njengabangani bakhe siyaneliseka (Hu 16:​5, 6; w14 2/15 29 ¶4)

Isivikelo sikaJehova sisenza sizizwe silondekile (Hu 16:​8, 9; w08 2/15 3 ¶2-3)

Odade wababili bayahagana eHholo LoMbuso. Abanye bajabule njengoba bemi eduze kwabo.

NjengoDavide, ukuphila kwethu kunenjongo ngoba kithi ukukhonza uJehova kubaluleke ukwedlula noma yini enye, ungumthombo wethu wazo zonke izinto ezinhle.

ZIBUZE, ‘Ukuphila kwami kungcono ngayiphi indlela kunangesikhathi ngingakalazi iqiniso?’

2. Amagugu Angokomoya

(10 imiz.)

  • Hu 17:8—Lisho ukuthini iBhayibheli lapho lithi ‘inhlamvu yeso lakho’? (it-2-E 714)

  • Yimaphi amagugu owathole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?

3. Ukufundwa KweBhayibheli

(4 imiz.) Hu 17:​1-15 (th isifundo 5)

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI

4. Ukuqala Ingxoxo

(1 umz.) ENDLINI NGENDLU. Mnikeze isimemo seSikhumbuzo. (th isifundo 11)

5. Ukuqala Ingxoxo

(3 imiz.) ENDLINI NGENDLU. Mnikeze isimemo seSikhumbuzo. Ngemva kokuba umuntu ebonise isithakazelo, yethula ividiyo ethi Khumbula Ukufa KukaJesu bese nixoxa ngayo. (th isifundo 9)

6. Ukuqala Ingxoxo

(2 imiz.) UKUSHUMAYELA NGOKWETHUKELA. Mnikeze isimemo seSikhumbuzo. (th isifundo 2)

7. Ukwenza Abafundi

(5 imiz.) lff isifundo 14 isethulo namaphuzu 1-3 (th isifundo 6)

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingoma 20

8. Singasilungiselela Kanjani Isikhumbuzo?

(15 imiz.) Ingxoxo.

Itafula elidekiwe elinesinkwa esingenamvubelo newayini elibomvu eHholo LoMbuso.

Ngenxa yokuthi sifuna ukulalela umyalo kaJesu, ngeSonto, ngoMashi 24, sizobe sikhumbula ukufa kukaJesu, okuthinta indlela abantu ababili abasibonisa ngayo uthando olukhulu emlandweni. (Luk 22:19; Joh 3:16; 15:13) Singasilungiselela kanjani lesi senzakalo esikhethekile?

  • Hlanganyela ngentshiseko emkhankasweni wokumemela abantu enkulumweni ekhethekile naseSikhumbuzweni. Bhala amagama abantu ofisa ukubamema bese ubamema. Uma kukhona abangahlali ensimini okuyo, ngena ku-jw.org ukuze uthole isikhathi nendawo okuqhutshelwa kuyo imihlangano yalapho abahlala khona

  • NgoMashi no-Epreli, chitha isikhathi esiningana ensimini. Ungaba yini iphayona elisizayo unomgomo wokwenza amahora angu-15 noma angu-30?

  • NgoMashi 18, qala ufunde ngezenzakalo ezibalulekile ezenzeka phakathi nesonto lokugcina lokuphila kukaJesu emhlabeni. Ungazinqumela ukuthi kungakanani ozokufunda usuku ngalunye “eSimisweni Sokufundwa KweBhayibheli KweSikhumbuzo Sika-2024” esisemakhasini 6-7

  • Ngosuku lweSikhumbuzo, bukela uhlelo olukhethekile lokuKhulekela Kwasekuseni ku-jw.org

  • ESikhumbuzweni, bamukele ngemfudumalo abaqalayo ukuba khona nabapholile. Kulungele ukuphendula imibuzo ngemva kweSikhumbuzo. Hlela ukubuyela kulabo abebekhona eSikhumbuzweni ukuze ubasize bafunde okwengeziwe

  • Ngaphambi nangemva kweSikhumbuzo, zindla ngesihlengo

Dlala IVIDIYO ethi Khumbula Ukufa KukaJesu. Ngemva kwalokho, buza izilaleli:

Singayisebenzisa kanjani le vidiyo phakathi nomkhankaso weSikhumbuzo?

9. ISifundo SeBhayibheli Sebandla

(30 imiz.) bt isahl. 6 ¶18-24, ibhokisi ek. 48

Amazwi Okuphetha (3 imiz.) | Ingoma 73 Nomthandazo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela