INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU
Ukuba Nengcebo Akusho Ukuthi Ulungile
USofari wathi uNkulunkulu uyabaphuca umcebo ababi, ngakho wayesho ukuthi kumele ukuba uJobe wayenze isono (Job 20:5, 10, 15)
UJobe waphendula: ‘Pho kungani ababi beba izicebi?’ (Job 21:7-9)
Isibonelo sikaJesu siwubufakazi bokuthi abalungile nabo bangase bangabi nayo ingcebo (Luk 9:58)
ONGAZINDLA NGAKHO: Kungakhathaliseki ukuthi ucebile noma umpofu, yini ebaluleke kakhulu kubo bonke abakhonza uNkulunkulu?—Luk 12:21; w07 8/1 29 ¶12.