Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb23 Septhemba k. 15
  • Bazali—Sizani Izingane Zenu Zithole Ukuhlakanipha KukaNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bazali—Sizani Izingane Zenu Zithole Ukuhlakanipha KukaNkulunkulu
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2023
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Sebenzisa Izimiso ZeBhayibheli Ukuze Usize Izingane Zakho Ziphumelele
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2023
  • ‘Abanesimo Esihle Sengqondo’ Bazozamukela Izindaba Ezinhle
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
  • Izinqumo Ezibonisa Ukuthi Sithembela KuJehova
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2023
  • Yinake Indlela Olalela Ngayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2026
Bheka Okunye
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2023
mwb23 Septhemba k. 15
Udade usiza izingane zakhe ziphendule futhi zilalele emhlanganweni webandla.

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Bazali—Sizani Izingane Zenu Zithole Ukuhlakanipha KukaNkulunkulu

Indlela enhle kakhulu abazali abangasiza ngayo izingane zabo zithole ukuhlakanipha kukaNkulunkulu iwukuzisiza zizuze emhlanganweni yobuKristu. Lokho abasebasha abakubonayo, abakuzwayo nabakusho lapho bephendula emihlanganweni yebandla kungabasiza bafunde ngoJehova futhi basondelane naye. (Dut 31:12, 13) Uma ungumzali, ungayisiza kanjani ingane yakho izuze okuningi emihlanganweni?

  • Yenza konke ongakwenza ukuze ube khona ngokoqobo emihlanganweni yebandla.—Hu 22:22

  • Zinike isikhathi sokuxoxa nabanye ngaphambi noma ngemva kwemihlangano eHholo LoMbuso.—Heb 10:25

  • Qiniseka ukuthi wonke umuntu emndenini unazo izincwadi ezifundwayo emihlanganweni, kungaba semshinini noma eziphrintiwe

  • Siza ingane yakho ilungiselele impendulo ngamazwi ayo.—Mat 21:15, 16

  • Khuluma kahle ngemihlangano nalokho esikufunda kuyo

  • Siza izingane zakho zihlanganyele kuyo yonke imisebenzi eyenziwa eHholo LoMbuso, njengokuhlanza iHholo, nokukhuluma nasebekhulile abasebandleni

Ukusiza izingane zakho zisondele kuJehova kuwumsebenzi omkhulu nongase ubonakale ungaphezu kwamandla ngezinye izikhathi. Noma kunjalo, ungaqiniseka ukuthi uJehova uzokusiza.—Isay 40:29.

BUKELANI IVIDIYO ETHI NJENGABAZALI, NCIKANI KUJEHOVA NASEMANDLENI AKHE BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Ukukhathala kwabathinta kanjani uZack noLeah?

  • Kungani abazali kufanele bacele uJehova abaphe amandla?

  • Yiziphi izindlela uZack noLeah abathembela ngazo kuJehova ukuze baphumelele?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela