Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb23 Septhemba k. 11
  • UJehova Uyabasiza Labo Abadangele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJehova Uyabasiza Labo Abadangele
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2023
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngingakuqeda kanjani ukudabuka?
    I-Phaphama!—2010
  • Izinqumo Ezibonisa Ukuthi Sithembela KuJehova
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2023
  • Ngingakuqeda Kanjani Ukudabuka?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • UJehova “Upholisa Izinhliziyo Eziphukile”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
Bheka Okunye
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2023
mwb23 Septhemba k. 11

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

UJehova Uyabasiza Labo Abadangele

Wonke umuntu uzizwa edangele ngesinye isikhathi. Ukuzizwa udangele akusho ukuthi untekenteke ngokomoya. Ngaphezu kwalokho, ngisho noJehova wathi uzizwa edangele ngezinye izikhathi. (Gen 6:5, 6) Kuthiwani uma uzizwa udangele kakhulu izikhathi eziningi noma ngaso sonke isikhathi?

Thandaza kuJehova umcele akusize. UJehova uyathanda ukuzwa ukuthi sizizwa kanjani. Uyabona lapho sijabule nalapho sidangele. Uyaqonda ukuthi kungani sicabanga futhi sizizwa ngendlela ethile. (Hu 7:9b) Okubaluleke nakakhulu uJehova uyasikhathalela futhi angasisiza silwe nemizwa yokudangala noma yokucindezeleka.—Hu 34:18.

Vikela ingqondo yakho. Imizwa engafanele ingaphazamisa injabulo yethu nokukhonza kwethu uNkulunkulu. Ngenxa yalokho, senza kahle uma sivikela izinhliziyo zethu—okuyimicabango yethu.—IzA 4:23.

BUKELANI IVIDIYO ETHI INDLELA ABAFOWETHU ABANOKUTHULA NGAYO NAPHEZU KOKUCINDEZELEKA BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Yiziphi izinto ezingokoqobo uNikki azenza ukuze zimsize abhekane nokucindezeleka?

  • Kungani uNikki acabanga ukuthi udinga usizo lukadokotela?—Mat 9:12

  • Wancika ngaziphi izindlela uNikki kuJehova ukuze amsize?

“INqabayokulinda” No. 1 2023, enesihloko esithi “Lithini IBhayibheli Ngesifo Sokuphazamiseka Kwengqondo.”

Ukhona umuntu omaziyo ongazuza ngokuthola i-Nqabayokulinda yomphakathi No. 1 2023?

Yiziphi ezinye izinto ezingokoqobo esingazenza ukuze sikwazi ukuzinakekela ngokomzwelo?

(Maka ebhokisini eliseduze kwemikhuba ongathanda ukuyithuthukisa.)

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela