UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
UJehova Uyawukhumbula Umsebenzi Wethu Onzima
Ngezinye izikhathi, singase sibone sengathi abanye abawazisi umsebenzi onzima esibenzela wona futhi bayashesha ukuwukhohlwa. Kuthiwani ngomsebenzi esiwenzela uJehova? UNkulunkulu wethu obongayo akayikhohlwa nakancane imizamo yokumkhonza esiyenza ngenhliziyo yonke. Ngisho noma impilo yethu ewohlokayo yenza kube kuncane esingakwenza, akasoze asishiya.—Heb 6:10.
BUKELANI IVIDIYO ETHI UJEHOVA UYAKHUMBULA BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
UMfoweth’ uHibshman umsebenzele kanzima kangakanani uJehova ezabelweni ezihlukahlukene zenkonzo?
Iyiphi indlela uJehova amkhumbule ngayo uMfoweth’ uHibshman ngemva kokushona komkakhe nalapho kungasekuningi angakwenza ngenxa yokukhula?
Kungani singathi impilo kaMfoweth’ uHibshman yenkonzo yesikhathi esigcwele ibicebile?—IzA 10:22