UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Qhubeka Ubasebenzisa Omagazini
Kusukela ngo-2018, umagazini wethu ngamunye womphakathi ubukhuluma ngento eyodwa. Bonke lab’ omagazini bayingxenye yeBhokisi Lethu Lamathuluzi Okufundisa. Ngakho singabasebenzisa enkonzweni yethu. Singaphatha abambalwa lapho sivakasha noma siya ezitolo. Lab’ omagazini asibasebenziseli ukutadisha iBhayibheli nabantu, kodwa bangenza umuntu athande ukufunda ngoNkulunkulu.
Ngemva kokuqala ukuxoxa nomuntu, ungamtshela ngomBhalo noma ngesihloko esikumagazini angase asithande. Ngokwesibonelo, uma enomndeni noma ebhekene nosizi noma ecindezelekile, ungase uthi: “Kukhon’ indaba engisanda kuyifunda ekhuluma ngalokhu. Ngingakubonisa yona?” Uma ubona ukuthi uyakuthanda lokhu enixoxa ngakho, ungamnikeza umagazini noma umthumelele wona ngezobuchwepheshe ngisho noma nixoxa okokuqala. Nakuba injongo yethu kungekhona ukusakaza omagazini, bangasisiza ukuba sithole labo abathandayo ukusebenzisa lokho okuseBhayibhelini.—IzE 13:48.
2018
2019
2020
Yiziphi izinto abantu bangakini abathanda ukukhuluma ngazo?