AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | LEVITIKUSI 8-9
Ubufakazi Besibusiso SikaJehova
UJehova wabangela ukuba kuvele umlilo ushise umnikelo wokuqala owawenziwa abapristi ababesanda kubekwa benzalo ka-Aroni. Lokhu kwakubonisa ukuthi uJehova uyalamukela futhi uyalisekela leli lungiselelo. Ngokwenza kanjalo, uJehova wayekhuthaza ama-Israyeli ayebukele ukuba abusekele ngokuphelele ubupristi benzalo ka-Aroni. Namuhla uJehova usebenzisa uJesu Kristu okhazinyulisiwe ukuba abe uMpristi Ophakeme omkhulu kunabo bonke. (Heb 9:11, 12) Ngo-1919, uJesu wabeka iqembu elincane lamadoda agcotshiwe ukuba libe “inceku ethembekileyo neqondayo.” (Math 24:45) Yibuphi ubufakazi obubonisa ukuthi uJehova uyayamukela futhi uyayisekela ayibusise le nceku ethembekile neqondayo?
Naphezu koshushiso olungapheli, inceku ethembekile iye yasilungiselela esikudingayo ukuze sigcine ukholo lwethu luqinile
Izindaba ezinhle zishunyayelwa “emhlabeni wonke owakhiwe” njengoba nje kwakuprofethiwe.—Math 24:14
Singayisekela kanjani ngokuphelele inceku ethembekile neqondayo?