Novemba 23-29
LEVITIKUSI 6-7
INgoma 46 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (1 umz.)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“Ukubonisa Ukubonga”: (10 imiz.)
Lev 7:11, 12—Omunye umhlatshelo ohlanganyelwayo wawuyisibonakaliso sokubonga umuntu ayewuletha ngokuzithandela (w19.11 22 ¶9)
Lev 7:13-15—Lowo owayeletha umhlatshelo ohlanganyelwayo kanye nomndeni wakhe, kwakungathi badla noJehova, okwakufanekisela ukuba nokuthula noJehova (w00 8/15 15 ¶15)
Lev 7:20—Yilabo ababehlanzekile kuphela ababenganikela imihlatshelo ehlanganyelwayo eyamukelekayo kuJehova (w00 8/15 19 ¶8)
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya: (10 imiz.)
Lev 6:13—AmaJuda ayekholelwa ukuthi umlilo owawuse-altare wawuvela kuphi, kodwa yini eboniswa imiBhalo? (it-1-E 833 ¶1)
Lev 6:25—Umnikelo wesono wawuhluke kanjani emnikelweni oshiswayo nohlanganyelwayo? (si 27 ¶15)
Iyiphi ingcebo oyithole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto mayelana noJehova, inkonzo yasensimini noma okunye ongathanda ukusixoxela ngayo?
Ukufundwa KweBhayibheli: (4 imiz. noma ngaphansi) Lev 6:1-18 (th isifundo 5)
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Lapho Nixoxa Okokuqala: (3 imiz. noma ngaphansi) Qala ngokusebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho. Mbonise lokho enixoxa ngakho kumagazini womphakathi INqabayokulinda No. 2, 2020 bese umnika lowo magazini.(th isifundo 3)
Lapho Ubuyela Koxoxe Naye: (4 imiz. noma ngaphansi) Qala ngokusebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho. Ngemva kwalokho tshela umninikhaya ngewebusayithi yethu, bese umnikeza ikhadi lemininingwane yokungena ku-jw.org. (th isifundo 11)
Esifundweni SeBhayibheli: (5 imiz. noma ngaphansi) bhs 178-179 ¶12-13 (th isifundo 6)
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Yiba Umngane KaJehova—Bonga: (5 imiz.) Dlala ividiyo. Uma zikhona izingane memela ezithile esiteji, bese uzibuza imibuzo ngokuphathelene nevidiyo.
Izidingo Zebandla: (10 imiz.)
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: (30 imiz. noma ngaphansi) rr isahl. 1 ¶1-7 nevidiyo eyisethuloa
Amazwi Okuphetha (3 imiz. noma ngaphansi)
INgoma 37 Nomthandazo
a Lapho okufundwayo kuhlanganisa nevidiyo eyisethulo, kufanele kudlalwe ividiyo kuqala ngaphambi kokufunda nokuxoxa ngezigaba.