UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Basha—Ingabe UJehova UnguMngane Wenu Omkhulu?
Uma ufuna umngane, ufuna umngane onjani? Cishe uyakuthanda ukuba nomngane oqotho, onomusa nophanayo. UJehova unjalo. (Eks 34:6; IzE 14:17) Uyakulalela lapho uthandaza. Uyakusiza lapho udinga usizo. (IHu 18:19, 35) Uyakuthethelela amaphutha akho. (1Joh 1:9) Waze wanguMngane omuhle uJehova!
Ungaba kanjani umngane kaJehova? Funda ngaye eZwini lakhe iBhayibheli. Thululela isifuba sakho kuye. (IHu 62:8; 142:2) Bonisa ukuthi ziyigugu kuwe izinto ezibalulekile kuJehova, njengeNdodana yakhe, uMbuso wakhe nezithembiso zakhe ngekusasa. Xoxela abanye ngaye. (Dut 32:3) Uma wenza imizamo yokuthi ube nobungane obuseduze noJehova, uyoba uMngane wakho phakade.—IHu 73:25, 26, 28.
BUKELANI IVIDIYO ETHI BASHA—“NAMBITHANI NIBONE UKUTHI UJEHOVA MUHLE,” BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
Ungakulungiselela kanjani ukuzinikezela nobhapathizo?
Abanye ebandleni bangakusiza kanjani ukuba ukhonze uJehova?
Inkonzo ingabuqinisa kanjani ubudlelwane bakho noJehova?
Ubungane noJehova bungahlala phakade!
Yimiphi eminye iminyango yenkonzo ekuvulekele?
Yini oyithandayo ngoJehova?