Agasti 31–Septhemba 6
EKSODUSI 21-22
INgoma 141 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (1 umz.)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“Yiba Nombono Ofana NokaJehova Ngokuphila”: (10 imiz.)
Eks 21:20—UJehova akafuni ukuba kubulawe omunye umuntu (it-1-E 271)
Eks 21:22, 23—Kuyigugu kuJehova ukuphila kwengane engakazalwa (lv 80 ¶16)
Eks 21:28, 29—UJehova ulindele ukuba senze konke esingakwenza ukuze sizigcine siphephile (w10 4/15 29 ¶4)
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya: (10 imiz.)
Eks 21:5, 6—La mavesi abonisa kanjani ukuthi ukuzinikela kuJehova kuzuzisa thina? (w10 1/15 4 ¶4-5)
Eks 21:14—Lingachazwa kanjani leli vesi? (it-1-E 1143)
Iyiphi ingcebo oyithole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto mayelana noJehova, inkonzo yasensimini noma okunye?
Ukufundwa KweBhayibheli: (4 imiz. noma ngaphansi) Eks 21:1-21 (th isifundo 5)
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Lapho Nixoxa Okokuqala: (3 imiz. noma ngaphansi) Qala ngokusebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho. Yibe usumema umuntu ukuba eze emihlanganweni yethu. (th isifundo 2)
Lapho Ubuyela Koxoxe Naye: (4 imiz. noma ngaphansi) Qala ngokusebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho. Yibe sewethula (kodwa ungayidlali) ividiyo ethi Kwenziwani EHholo LoMbuso? bese nixoxa ngayo. (th isifundo 20)
Inkulumo: (5 imiz. noma ngaphansi) w09 4/1 31—Isihloko: UJehova—UYise Wezintandane. (th isifundo 19)
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Kwazise Ukuphila NjengoNkulunkulu: (10 imiz.) Ingxoxo. Dlala ividiyo. Buza izilaleli le mibuzo: Yiziphi izinkinga ezingaphakama lapho owesifazane ekhulelwe? Incwadi ka-Eksodusi 21:22, 23 ithini ngendaba yokukhipha isisu? Kungani kudingeka ukholo nesibindi lapho kumelwe kwenziwe isinqumo esijabulisa uJehova? Ithemba lovuko lisiduduza kanjani?
Indlela Ukuzinikezela Okusizuzisa Ngayo: (5 imiz.) Inkulumo esekelwe kuyi-Nqabayokulinda kaJanuwari 15, 2010, ikhasi 4, izigaba 4-7. Khuthaza abasafundelwa ukuba bathuthuke ukuze bazinikezele futhi babhapathizwe.
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: (30 imiz.) ia isahl. 18 ¶1-21 nokubukeza ek. 161
Amazwi Okuphetha (3 imiz. noma ngaphansi)
INgoma 90 Nomthandazo