UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Ungashumayela Futhi Ufundise!
Ekuqaleni uMose wayengabaza ukuthi angakwazi ukufeza isabelo uJehova ayemnike sona. (Eks 4:10, 13) Wake wazizwa yini ngaleyo ndlela? Utadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova? Ingabe uyazibuza ukuthi uyoke ukwazi yini ukushumayela endlini ngendlu? Noma mhlawumbe ungosemusha okusabayo ukushumayela esikoleni. Noma uyakusaba ukushumayela ngocingo nanganoma iyiphi enye indlela. Cela umoya ongcwele kuJehova, uzokunika amandla. (1Pet 4:11) Methembe ukuthi angakusiza ufeze noma isiphi isabelo akunika sona.—Eks 4:11, 12.
BUKELA IVIDIYO ETHI YIBA UMMEMEZELI ONESIBINDI, BESE UPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:
Wabhekana nayiphi inkinga udadeweth’ u-Aoyama?
Wawatholaphi amandla nesibindi?—Jer 20:7-9
Kwamsiza kanjani ukwandisa inkonzo ayenzela uJehova?
Yiziphi izinkinga ozithola enkonzweni, uJehova angakusiza ukuthi uzinqobe?