Meyi 4-10
GENESISE 36-37
INgoma 114 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (1 umz.)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“Umona Wenza UJosefa Wazondwa”: (10 imiz.)
Gen 37:3, 4—Abafowabo bakaJosefa babemzonda ngoba wayeyintandokazi kayise (w14 8/1 12-13)
Gen 37:5-9, 11—Amaphupho kaJosefa enza abafowabo bamdlela unoma nakakhulu (w14 8/1 13 ¶2-4)
Gen 37:23, 24, 28—Ukuba nomona kwabafowabo bakaJosefa kwabenza bamphatha kabi
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya: (10 imiz.)
Gen 36:1—Kungani u-Esawu athola igama elithi Edomi? (it-1-E 678)
Gen 37:29-32—Kungani abafowabo bakaJosefa babonisa uJakobe ingubo kaJosefa edabukile nenegazi? (it-1-E 561-562)
Iyiphi ingcebo oyithole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto mayelana noJehova uNkulunkulu, inkonzo yasensimini noma okunye?
Ukufundwa KweBhayibheli: (4 imiz. noma ngaphansi) Gen 36:1-19 (th isifundo 5)
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni: (10 imiz.) Ingxoxo. Dlala ividiyo ethi Iyaqondakala Kwabanye, bese nixoxa ngesifundo 17 sencwajana ethi Zimisele.
Inkulumo: (5 imiz. noma ngaphansi) w02 10/15 30-31—Isihloko: Kungani AmaKristu Kufanele Abe Nomhawu Ofana NokaNkulunkulu? (th isifundo 6)
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
“Ingabe Ukulungele?”: (15 imiz.) Ingxoxo eqhutshwa umdala. Dlala ividiyo ethi Ingabe Ukulungele Ukubhekana Nenhlekelele Yemvelo? Hlanganisa nezikhumbuzo ezivela ehhovisi legatsha noma endikimbeni yabadala, uma zikhona.
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: (30 imiz.) ia isahl. 9 ¶14-24 Ukubukeza, ek. 82
Amazwi Okuphetha (3 imiz. noma ngaphansi)
INgoma 113 Nomthandazo