Febhuwari 24–Mashi 1
GENESISE 20-21
INgoma 108 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (1 umz.)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“UJehova Uzifeza Njalo Izithembiso Zakhe”: (10 imiz.)
Gen 21:1-3—USara wakhulelwa wazala indodana (wp17.5 14-15)
Gen 21:5-7—UJehova wenza lokho okwakubonakala kungenakwenzeka
Gen 21:10-12, 14—U-Abrahama noSara babenokholo oluqinile lokuthi uJehova wayezozifeza izithembiso zakhe ngokuphathelene no-Isaka
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya: (10 imiz.)
Gen 20:12—Kungayiphi indlela uSara ayengudadewabo ka-Abrahama? (wp17.3 12, umbhalo waphansi)
Gen 21:33—Kungamuphi umqondo u-Abrahama abiza “egameni likaJehova”? (w89 7/1 20 ¶9)
Iyiphi ingcebo oyithole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto mayelana noJehova uNkulunkulu, inkonzo yasensimini noma okunye?
Ukufundwa KweBhayibheli: (4 imiz. noma ngaphansi) Gen 20:1-18 (th isifundo 5)
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Ividiyo Ebonisa Lapho Ubuyela Okwesibili: (5 imiz.) Ingxoxo. Dlala ividiyo. Yibe usubuza izilaleli le mibuzo elandelayo: Ummemezeli uyibonise kanjani indlela umBhalo osebenza ngayo? Kungani lokhu kuyisibonelo esihle sokusiza umuntu obonakala ekuthanda esikhuluma ngakho?
Lapho Ubuyela Okwesibili: (3 imiz. noma ngaphansi) Sebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho. (th isifundo 4)
Esifundweni SeBhayibheli: (5 imiz. noma ngaphansi) bhs 35 ¶19-20 (th isifundo 3)
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Umbiko Wenkonzo Waminyaka Yonke: (15 imiz.) Inkulumo ebekwa umdala. Ngemva kokufunda isaziso sombiko wenkonzo waminyaka yonke esivela ehhovisi legatsha, xoxa nabamemezeli ohlele nabo kusengaphambili, abanokuthile okukhuthazayo okwenzeke enkonzweni ngonyaka odlule.
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: (30 imiz.) ia isahl. 4 ¶16-31 Ukubukeza, ek. 41
Amazwi Okuphetha (3 imiz. noma ngaphansi)
INgoma 56 Nomthandazo