Febhuwari 10-16
GENESISE 15-17
INgoma 39 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (1 umz.)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“Kungani UJehova Ashintsha Igama Lika-Abrama nelikaSarayi?”: (10 imiz.)
Gen 17:1—Nakuba u-Abrama ayenesono, wayengenaphutha kuJehova (it-1-E 817)
Gen 17:3-5—Igama lika-Abrama lashintshwa kwaba u-Abrahama (it-1-E 31 ¶1)
Gen 17:15, 16—Igama likaSarayi lashintshwa kwaba uSara (w09 2/1 13)
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya: (10 imiz.)
Gen 15:13, 14—Yaqala futhi yaphela nini iminyaka engu-400 yokuhlushwa? (it-1-E 460-461)
Gen 15:16—Kungamuphi umqondo inzalo ka-Abrahama yabuyela eKhanani “esizukulwaneni sesine”? (it-1-E 778 ¶4)
Iyiphi ingcebo oyithole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto mayelana noJehova uNkulunkulu, inkonzo yasensimini noma okunye?
Ukufundwa KweBhayibheli: (4 imiz. noma ngaphansi) Gen 15:1-21 (th isifundo 10)
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Ividiyo Ebonisa Lapho Nixoxa Okokuqala: (4 imiz.) Ingxoxo. Dlala ividiyo. Yibe usubuza izilaleli le mibuzo elandelayo: Yini ebonisa ukuthi ummemezeli uyisebenzise kahle imibuzo? Uwusebenzise kanjani umfanekiso ukuze afundise?
Lapho Nixoxa Okokuqala: (3 imiz. noma ngaphansi) Qala ngokusebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho. Phendula ophikisa ngendlela evamile. (th isifundo 3)
Lapho Nixoxa Okokuqala: (5 imiz. noma ngaphansi) Qala ngokusebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho. Mnike incwajana ethi Izindaba Ezinhle, bese uqala isifundo seBhayibheli ngesifundo 3. (th isifundo 6)
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
“Indlela Abashadile Abangaqinisa Ngayo Isibopho Sabo Somshado”: (15 imiz.) Ingxoxo. Dlala ividiyo ethi Indlela Yokuqinisa Isibopho Somshado.
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: (30 imiz.) ia isahl. 3 ¶14-21 Ibhokisi ek. 30; ukubukeza, ek. 32
Amazwi Okuphetha (3 imiz. noma ngaphansi)
INgoma 28 Nomthandazo