AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | KOLOSE 1-4
Hlubulani Ubuntu Obudala, Nigqoke Obusha
Lapho uba uFakazi, ingabe wenza izinguquko eziningi ebuntwini bakho? Ungaqiniseka ngokuthi imizamo yakho yamjabulisa uJehova. (Hez 33:11) Nokho, umzamo oqhubekayo uyadingeka ukuze ukwazi ukugwema ubuntu obudala bese uqhubeka nokubonisa ubuntu obusha. Ukuze ubone lapho okudingeka uthuthukise khona, phendula le mibuzo elandelayo:
Ingabe ngimbambela amagqubu umuntu ongiphathe kabi?
Ingabe ngiyasibonisa isineke ngisho nalapho ngiphuthuma noma ngikhathele?
Ingabe ngiyisusa ngokushesha imicabango engcolile engqondweni yami?
Ingabe nginemizwa engemihle ngabantu bolunye uhlanga noma besinye isizwe?
Muva nje ngike ngakhuluma yini kabi nomunye umuntu noma ngahluthuka?