UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Funa Imfundo Evela KuJehova
KUNGANI KUBALULEKILE: UMfundisi Omkhulu uJehova usinikeza imfundo engcono kunayo yonke. Usifundisa indlela esingathuthukisa ngayo ukuphila kwethu, asilungiselele ikusasa elimangalisayo—mahhala! (Isaya 11:6-9; 30:20, 21; IsAm 22:17) Ngemfundo evela kuye, uJehova uphinde asihlomisele ukuba sikwazi ukutshela abanye ngomyalezo osindisa ukuphila.—2Ko 3:5.
INDLELA YOKUKWENZA:
Hlakulela imfanelo yokuthobeka neyokuba mnene.—IHu 25:8, 9
Yamukela ukuqeqeshwa okutholayo kwamanje njengezabelo zabafundi zomhlangano waphakathi nesonto
Cabanga ngezindlela ongakhonza ngazo uJehova ngokugcwele bese wenza izinhlelo ezizokusiza ukuba wenze lokho.—Fil 3:13
Zidele ukuze ufanelekele ukuthola ukuqeqeshwa okwengeziwe.—Fil 3:8
BUKELA IVIDIYO ETHI SIBUSISIWE NGEMFUNDO EVELA KUJEHOVA, BESE UPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:
Iziphi izinkinga abanye abamemezeli abazinqoba ukuze baye eSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso?
Ikuphi ukuqeqeshwa okutholakala eSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso?
Amalungu ebandla aye abasiza kanjani abathweswe iziqu lapho befika esabelweni sabo esisha?
Iziphi izimfuneko ezidingekayo ukuze ukwazi ukuya eSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso? (kr 189)
Ikuphi okunye ukuqeqeshwa ongazama ukukufinyelela enhlanganweni kaJehova?
Iziphi izibusiso ozozithola ngokufuna imfundo evela kuJehova?