AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | 1 KORINTE 10-13
UJehova Uthembekile
UJehova angase akhethe ukulususa uvivinyo; nokho, uvame ukusenzela ‘indlela yokuphuma’ ngokusinikeza lokho esikudingayo ukuze silukhuthazelele ngendlela ephumelelayo.
Angasisiza ukuba sicabange ngendlela ecacile, asikhuthaze futhi asiduduze esebenzisa iZwi lakhe, umoya wakhe ongcwele nokudla okungokomoya asinika kona.—Math 24:45; Joh 14:16; Ro 15:4
Angasiqondisa esebenzisa umoya wakhe ongcwele, ongasisiza ukuba sikhumbule izindaba eziseBhayibhelini nezimiso bese sibona ukuthi iziphi izinyathelo ezihlakaniphile esingazithatha.—Joh 14:26
Angasebenzisa izingelosi ukuze zisisize.—Heb 1:14
Angasisiza esebenzisa esikholwa nabo.—Kol 4:11