Disemba 31, 2018–Januwari 6, 2019
IZENZO 19-20
INgoma 103 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (3 imiz. noma ngaphansi)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“Ziqapheleni Nina Nawo Wonke Umhlambi”: (10 imiz.)
IzE 20:28—Abadala belusa ibandla (w11 6/15 20 ¶5)
IzE 20:31—Abadala banikeza usizo ngokwesidingo “ubusuku nemini” (w13 1/15 31 ¶15)
IzE 20:35—Abadala kufanele babonise umoya wokuzidela (bt 172 ¶20)
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya: (8 imiz.)
IzE 19:9—Umphostoli uPawulu wasibeka kanjani isibonelo sokuba okhuthele nozivumelanisa nezimo? (bt 161 ¶11)
IzE 19:19—Abase-Efesu basibekela kanjani isibonelo esihle esifanele ukulingiswa? (bt 162-163 ¶15)
Ukufundwa kweBhayibheli kwaleli sonto kukufundiseni ngoJehova?
Iyiphi enye ingcebo oyithole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?
Ukufundwa KweBhayibheli: (4 imiz. noma ngaphansi) IzE 19:1-20
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Lapho Ubuyela Okwesibili: (3 imiz. noma ngaphansi) Qala ngokusebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho. Yibe usunika umninikhaya ikhadi lemininingwane le-JW.ORG.
Lapho Ubuyela Okwesithathu: (3 imiz. noma ngaphansi) Zikhethele owakho umBhalo nombuzo enizoxoxa ngawo ngokuzayo.
Esifundweni SeBhayibheli: (6 imiz. noma ngaphansi) jl isifundo 15
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Qeqesha Abazalwane Abasebasha Ukuba Bafinyelele Amalungelo Engeziwe: (15 imiz.) Ingxoxo. Dlala ividiyo. Yibani seniphendula le mibuzo elandelayo: Iyiphi indima ebalulekile abadala abayidlalayo ebandleni? (IzE 20:28) Kungani abadala kufanele baqhubeke beqeqesha abanye? Abadala bangasilingisa kanjani isibonelo sikaJesu sokuqeqesha abaphostoli bakhe? Isiphi isimo sengqondo abazalwane abaqeqeshwayo okufanele babe naso? (IzE 20:35; 1Thim 3:1) Abadala bangabaqeqesha kanjani ngokoqobo labo abadinga ukuqeqeshwa? Imuphi umbono olinganiselayo abadala okufanele babe nawo lapho beqeqesha abanye?
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: (30 imiz.) cf isahl. 1 ¶16-20 nebhokisi ek. 13
Ukubukeza Okulandelwa Amabal’ engwe Angesonto Elizayo (3 imiz.)
INgoma 118 Nomthandazo