Disemba 17-23
IZENZO 15-16
INgoma 96 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (3 imiz. noma ngaphansi)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“Kwenziwa Isinqumo Ngazwi-linye Esasisekelwe EZwini LikaNkulunkulu”: (10 imiz.)
IzE 15:1, 2—Indaba yokusoka yacishe yalihlukanisa phakathi ibandla lokuqala lobuKristu (bt 102-103 ¶8)
IzE 15:13-20—Isinqumo sendikimba ebusayo sasisekelwe emiBhalweni (w12 1/15 5 ¶6-7)
IzE 15:28, 29; 16:4, 5—Isinqumo sendikimba ebusayo sawaqinisa amabandla (bt 123 ¶18)
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya: (8 imiz.)
IzE 16:6-9—Singafundani kule ndaba mayelana nokwandisa inkonzo yethu? (w12 1/15 10 ¶8)
IzE 16:37—Umphostoli uPawulu wakusebenzisa kanjani ukuba isakhamuzi saseRoma ukuze ashumayele izindaba ezinhle? (iphuzu lokucwaninga elithi “singamaRoma,” elikuyizE 16:37, kuyi-nwtsty-E)
Ukufundwa kweBhayibheli kwaleli sonto kukufundiseni ngoJehova?
Iyiphi enye ingcebo oyithole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?
Ukufundwa KweBhayibheli: (4 imiz. noma ngaphansi) IzE 16:25-40
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Lapho Nixoxa Okokuqala: (2 imiz. noma ngaphansi) Qala ngokusebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho. Phendula umuntu ophikisa ngendlela evame endaweni yangakini.
Lapho Ubuyela Okokuqala: (3 imiz. noma ngaphansi) Sebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho. Yethula ividiyo ethi Kungani Kufanele Utadishe IBhayibheli? (kodwa ungayidlali) bese nixoxa ngayo.
Ividiyo Ebonisa Lapho Ubuyela Okwesibili: (5 imiz.) Dlala ividiyo bese nixoxa ngayo.
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
“Culela UJehova Ngenjabulo”: (15 imiz.) Ingxoxo. Dlala ividiyo ethi Izingane Zidumisa UJehova Ngezingoma. Lapho uphetha le ngxenye, cela bonke ukuba basukume futhi bacule njengoba nidlala ividiyo yeNgoma 84 ethi Siyazinikela.
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: (30 imiz.) cf isahl. 1 ¶1-7
Ukubukeza Okulandelwa Amabal’ engwe Angesonto Elizayo (3 imiz.)
INgoma 102 Nomthandazo